Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Imvume yokusebenza ngaphansi kwesivumelwano
Isicelo semvume yesihlobo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Gcwalisa ifomu lesicelo BI-1738.
Fakela ipasipoti yakho okumele isebenze isikhathi esingekho ngaphansi kwezinsuku ezingu-30 ngemuva kokuphela kwesikhathi sokuvakasha.
Fakela ubufakazi bokuba nemali elingene ukubhekana nezidingo zosuku nosuku zabo bonke abantu abahamba nalowo onemvume yokuzokwelashwa (uma bekhona) ngokufakela isitatimende, isiliphi somholo (uma sikhona), noma amasheke asetshenziswa ekuvakasheni.
Fakela incwadi ebuya kudokotela noma isikhungo sezokwelapha, ekhombisa izizathu noma isidingo sokwelashwa, isikhathi okulindeleke ukuthi sizothathwa kulokhu kwelashwa kanye nemininingwane yohlelo lokwelashwa eNingizimu Afrika.
Fakela imininingwane yomuntu noma isikhungo esibhekene nezindleko zokwelashwa kanye nezimali zesibhedlela zalowo onemvume uma kukhona. Fakela ubufakazi bokuba nezimali zokukhokhela ukwelashwa noma i-medical aid yakho noma umqashi wakho bengeke bakhokha.
Fakela enye noma amanye alamadokhumende alandelayo ukuhambisana nesicelo sakho semvume:
o isitifikedi esiphelele sokuzalwa o isitifikedi semininingwane ephelele yomendo (uma lokhu kusebenza)
o isitatimende esifungelwe kwabezomthetho (i-afidavithi) engu-BI-1712A, uma kungaganenwe ngendlela evamile, kanye nobufakazi bokuhlalisana o ikontraki yesivumelwano eyenziwe ngabomthetho (notarial contract), uma kunokuhlalisana o ubufakazi bomendo wosiko (customary union), uma lokhu kusebenza o incwadi yomthetho yedivosi (divorce decree), uma lokhu kusebenza o ubufakazi bomyalelo wenkantolo onikeza igunya lokunakekela (custody), uma lokhu kusebenza o isitifikedi sokushona, uma owakwakho eshonile, uma lokhu kusebenza o imvume ebhaliwe evela kubo bobabili abazali, noma lowo mzali ongumnakekeli oyedwa, uma lokhu kusebenza, kanye nobufakazi bokuthi nguye yedwa ongumnakekeli o ubufakazi obusemthethweni bokuba ngumnakekeli wengane, uma lokhu kusebenza o umyalelo wesehlukaniso (separation order), uma lokhu kusebenza o isitifikedi samaphoyisa sokukhombisa ukuba msulwa (police clearance certificate), uma umenzi wesicelo eneminyaka engu-21 noma ngaphezulu kwayo, maqondana namazwe owake wahlala kuwo isikhathi esingangonyaka noma ngaphezulu kwawo o isitifikedi sokugonywa, uma lokhu kusebenza.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isicelo sithatha izinsuku zokufinyelela kwezingu-30.
Phezulu
Izindleko
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
BI-1738(Ifomu lesicelo semvume yokuhlala isikhashana)
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Sicela ufakela isifundazwe
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
