Isicelo sokufakela isikhalazo ngokungaziphathi kahle
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokufakela isikhalazo ngokungaziphathi kah
Isicelo sokufakela isikhalazo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukubhekana nomthetho
Izikhalazo
Isicelo sokufakela isikhalazo ngokungaziphathi kah
Isimo
Inhloso yale nkonzo ukusiza amalunga omphakathi ukuthi akwazi ukubika izikhalazo kwabophiki oluzimele lwezikhalazo abe-Independent Complaints Directorate (ICD). Uma ufakela isikhalazo nabehhovisi likazwelonke le-ICD, udaba luzothunyelwa kwihhovisi lesifundazwe (leprovinsi) (kuye ngokuthi indawo ikuphi lapho okwenzeke khona lesosenzakalo) ukuze kuphenyisiswe.
Izinhlobo zezikhalazo ezingafakelwa kwabe-Phiko oluziMele lweziKhalazo (ICD):
Isikhalazo se-Class III (sesigaba sesithathu) Isikhalazo esibeka ukuthi iphoyisa noma amaphoyisa enze icala elibangele ukulimala kakhulu komzimba okuze kwabangela ukuthi umuntu ayokwelashwa esibhedlela. Lokhu kungaziphathi kahle noma icala kumele lenzeke ngesikhathi umuntu engaphansi kogcini lwamaphoyisa noma eboshwe ngamaphoyisa. Okulandelayo wuhla lwezikhalazo eziwela ngaphansi kwe-Class III (izikhalazo zesigaba III)
Ukusetshenziswa kabi kwamandla okunomphumela emphakathini ngokulandela ukulimala okubangekile; inani labantu abathintekile; inani lemali ethintekile; noma isikhathi lokhu okwenzeke ngaso.
Ukushaya ngenhloso yokulimaza umzimba kabi, noma ukuzama ukubulala
I-forgery (umgunyathi), ukwamukela idokhumende efojiwe (yomgunyathi) futhi ebe azi ukuthi ifojiwe, ukufinyelela umkhawulo ongu-R50 000 noma ngaphezulu
Ukuqamba amanga enkantolo ngaphansi kwesifungo (perjury)
Ukuthwala ngenkani ngenhloso yokukhokhelwa (kidnapping)
Ukulimaza kabi impahla ngamabomu
Ukubamba iqhaza kumaqembu obugebengu ahlelwe ngenhloso yobugebengu (criminal syndicate)
Ukutholakala unempahla eyebiwe (entshontshiwe)
Ukudlwengula
Ukwamukela impahla eyebiwe (entshontshiwe)
Ukurobha noma ukuphanga impahla (robbery)
Ukuhlasela umuntu ngokumlala ngemuva (Sodomy)
Ukweba (ukuntshontsha)
Ukuhlukumeza kabi ngenhloso yokuzwisa ubuhlungu (Torture)
Ukuthola inzuzo ngempoqo noma ngokwesabisa (Extortion)
Ukugqugquzelela abanye ukushisa imimoya nokwenza okubi okungekho emthethweni (incitement) ukubopha uzungu lwento embi (conspiracy) noma ukuzama ukwenza amanye amacala abekwe kuhla ngenhla
Izikhalazo ezingeke zafakelwa kwabe-ICD:
Izikhalazo zezenzakalo ezenzeka kungakasungulwa i-ICD, isibonelo, zonke izinto ezenzeka ngaphambi kuka-Epreli 1997. Kanti futhi nezenzakalo ezenzeka esikhathini esingaphezulu konyaka ngaphambi kokuba zibikwe kwabe-ICD, ngaphandle kokuba kunezimo ezingavamile.
Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website yabe-Phiko oluziMele lweziKhalazo.
Inqubo okumele ilandelwe
Fakela isikhalazo ngokwako uqobo, ngokushayela ucingo, ngencwadi, noma nge-email ehhovisi eliseduzane nawe le-ICD. Zonke izikhalazo kumele zifakelwe ngesikhathi samahhora okusebenza, esikhathini esiphakathi kuka-8h00 (ekuseni) kanye no-16h30 (ngo-4:30 ntambama).
Abe-ICD bangakucela ukuthi unikeze ngolunye ulwazi ngaphambi kokuba kuphenyisiswe ngesikhalazo.
Uma uzizela wena mathupha, uzokhulumisana nobhekene namakheyisi noma umhlaziyi (analyst).
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Ukubonelela izikhalazo:
Ukwamukela isivakashi okwenziwa yiklayenti kungathatha cishe imizuzu emihlanu noma amaminithi amahlanu.
Ukwamukela isikhalazo ngokubhala kungathatha cishe izinsuku ezingu-30.
Umbiko ngokuqhubekayo kungathatha cishe izinsuku ezingu-30
Umbiko wokugcina ungathatha cishe izinsuku ezingu-90
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
