Isicelo sokufakela isikhalazo
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokufakela isikhalazo ngokungaziphathi kah
Isicelo sokufakela isikhalazo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukubhekana nomthetho
Izikhalazo
Isicelo sokufakela isikhalazo
Isimo
Ukubopha ummangalelwa;
Ukuhluleka ukusiza umenzi wesikhalazo ukuvula icala, ukumtholela indawo efanele yokufihla ikhanda (shelter), ukuhluleka ukuhambisa umenzi wesicelo ukuyokwelashwa, ukuhluleka ukuhamba nomenzi wesikhalazo ukuyolanda impahla, kanye nokuhluleka ukuthatha noma yisiphi isikhali esiyingozi kumhlukumezi;
Ukuhluleka ukubonisa umenzi wesicelo izinto angakhetha kuzo, ezifana nokuhluleka ukweluleka umenzi wesicelo ukuvula icala lobugebengu noma ukwenza isicelo somyalelo wokuvikelwa yinkantolo, noma kokubile; kanye
Nokuhluleka ukuhambisa umyalelo obhaliwe kummangalelwa wokuthi avele enkantolo.
Udlame lwasekhaya lwenziwa ngumuntu onobudlelwane naye enza okulandelayo:
Ekuhlukumeza ngokomzimba noma ngokocansi, isibonelo, ekushaya noma ekudlwengula.
Ekuhlukumeza ngamazwi, ngokomoya nemizwa (emotional) noma ngokwengqondo (psychologically), isibonelo, ekwethuka, ekuphatha ngendlela yomona noma ekhweleza ngokweqile njalo.
Ekukhathaza (harass you), isibonelo, ehlala ekushayela izingcingo ezicasulayo, ekuthumela izincwadi zochuku, noma ekunqabela ekwenzeni izinto, noma egadane nawe ekulandelela lapha oya khona.
Engena endaweni yakho ngaphandle kwemvume yakho.
Ekuhlukumeza ngokwezimali, isibonelo lapho umyeni noma uphathina efuna ukwenza zonke izinqumo ngemali, futhi engafuni ukukhokhela ukudla noma imali yesikole, nokunye.
Ekwesabisa, isibonelo, ekusabisa ngokukubulala uma ufuna ukuya emaphoyiseni.
Elimaza impahla yakho, isibonelo, eshisa izingubo zakho zokugqoka, ephihliza ifenisha yakho, noma edabula amathayela emoto yakho.
Ephula umyalelo okhona wenkantolo wokukuvikela.
Eziphatha nanganoma yiyiphi indlela yokukuhlukumeza, esabisa ukuphepha kwakho, impilo yakho noma indlela yakho yokuphila kahle.
Inqubo okumele ilandelwe
Fakela isikhalazo ngokwako uqobo, ngokushayela ucingo, ngencwadi, noma nge-email kunoma yiliphi ihhovisi eliseduzane nawe labe-ICD.
Nikeza abe-ICD ulwazi olulandelayo:
Isitatimende ngalokho okwenzekile
Igama nemininingwane yokuxhumana nohlukunyeziwe kanye/noma umfaki wesikhalazo
Igama nesikhundla sephoyisa (samaphoyisa) elingumsolwa (angabasolwa)
Igama lesiteshi samaphoyisa
Inombolo yekheyisi (yecala) yamaphoyisa, uma ikhona
Imininingwane yofakazi, uma bekhona
Umthetho osetshenziswayo
Imiyalelo kaZwelonke maqondana noDlame lwaseKhaya: 7/1999
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isikhathi sokulindela ukukhulumisana nawe - imizuzu (amaminithi) angu-30
Ukwamukela isikhalazo ngokubhala kungathatha cishe izinsuku ezingu-30.
Umbiko ngokuqhubekayo - ungathatha izinsuku ezingu-30
Umbiko wokugcina - ungathatha izinsuku ezingu-90
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
