Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokunikeza inothisi yokufa
Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukwenza amaphepha kahulumeni nezitifiketi ezisetshenziswa ngabantu zibe ngezisemthethweni
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Isigaba sokwenza into ibe semthethweni:
Senza amaphepha kahulumeni adabuka kuleli lase IningizimuAfrica abe semthethweni ukusetshenziswa ngaphandle kwaleli ngokukhipha isitifiketi okuthiwa yi Apostille noma ngesitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo
Inikeza abakhonzi ulwazi ngocingo, ngencwadi noma nge email.
Amanxusa ase IningizimuAfricakwamanye amazwe angwenza amaphepha ukuthi abe semthethweni uma aqale enziwa ukuba semthethweni yisiphathimandla saleyo ndawo, noma enziwe ukuba semthethweni yisigaba salowomsebenzi segatsha lezangaphandle. Amanxusa akuleli awanalo ilungelo lokukhipha isitifiketi okuthiwa yi Apostille kodwa banalo ilungelo lokukhipha isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Qala uthole ukuthi yiliphi iphepha ofuna ukuthi lenziwe libe senthethweni.
Isigaba sokwenza into ibe semthethweni ingakhipha isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo noma isitifiketi okuthiwa yi Apostille gokulandela lemithetho elandelayo:
Umele ukuthi utshele abesigaba sokwenza into ibe semthethweni ngelizwe lapho ufuna ukuthi iphepha lisebenze khona ukuze bakwazi ukufunisisa ukuthi kudingeka isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo noma isitifiketi okuthiwa yi Apostille.
Ngaphambi kokuba abesigaba sokwenza into ibe semthethweni bangakhipha isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo noma isitifiketi okuthiwa yi Apostille iphepha kumele lenziwe libe semthethweni ngu:
Yimantshi, noma yimantshi eyongeziwe, noma yisekela likemantshi
Ngumbhali noma isekela lakhe noma inkantolo ephakeme yase IningizimuAfrica.
Thunmela amaphepha akho kwabesigaba sokwenza into ibe semthethweni ngayinye yalezindlela ezilandelayo:
Wena ngesiqu sakho - amaphepha athunyelwe ngalendlela ungawalanda uma uveza ubufakazi bokuthi wawaletha. Uma uthumela amaphepha akho ngokuwamikisa wena mathupha unikezwa irisidi yokuvuma ukuthi bawatholile amaphepha akho.
Ngesithunywa - isithunywa sizonikezwa iphephe lokulanda amaphepha elizodingeka mzukwana ulanda amaphepha. Isithunywa sikhokhelwa nguwena.
Ngeposi eliphuthumayo - emaphepheni akho, faka imvilopi elingana nephepha elejwayelekile enekheli lakho eseyikhokhelwe nemali yokuposa (imali ayivunywa) ukuze abesigaba sokwenza into ibe semthethweni bakwazi ukubuyisela amaphepha akho emuva. Bhala nencwadi esho ukuthi uthumele amaphepha angakanani ukuze enziwe abe semthethweni, nezwe ofuna ukuthi asebenze kulona, kanye nemininingwane yakho ephelele yokukuthinta.
Hambisa amaphepha akho adlule enxuseni lase IningizimuAfrica kulelozwe (umkhomishane omkhulu, ehhovisi lenxusa).
Amaphepha afingqiwe noma abhalwe ngecomputha
Amaphepha omshado, afakazela ukuzalwa, afakazela ukufa noma isitifiketi semvume yamaphoyisa afakazelwe ngesitembu samaphoyisa
Izitifiketi ezichaza isimo somuntu mayelana nomshado noma ezifakazela umuntu ukuthi uyisakhamuzi sakuliphi izwe ezifakazelwe ngesitembu samaphoyisa
Amakhophi epasipoti noma encwadi yomazisi afakazelwe ngesitembu samaphoyisa
Amaphepha afakazelwe ukhomishane ofungisayo ukuthi angawo qobo. Ummeli wokulungisa izivumelwano nguye omele ukuthi awafakazele.
Lamaphepha alandelayo awadingi ukwenziwa abesemthethweni kuqala yinkantolo njengoba kushiwo ngaphezulu uma ngabe asayiniwe yisiphathimandla esiwakhiphile:
Izitifiketi ezingafinciwe zokuzalwa, zomshado, zokufa nencwadi efakazela umuntu ukuthi uyisakhamuzi sakuliphi izwe, ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezasekhaya elinemvume yokwenze njalo.
Amaphepha okuthola intandane asayiniwe, agqotshwa isitembu ngumbhali walelohhovisi lokuthola izintandane egatsheni lezomthetho.
Amaphepha okuthengisa impahla yalapha kwamanye amazwe asayiniwe, agqotshwa isitembu yigatsha lezohwebo.
Izitifiketi zemfundo ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezemfundo.
Izitifiketi zemvume yamaphoyisa ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu ngabaphenti bamacala bamaphoyisa ase IningizimuAfrica. (isitifiketi semvume yamaphoyisa siyaphela emuva kwezinyanga ezintathu).
Incwadi esho ukuthi azikho izigibe mayelana nomshado esayiniwe yaphinde yagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezasekhaya elinemvume yokwenze njalo.
Amaphepha achaza isimo sempilo asayiniwe, agqotshwa isitembu yisisebenzi sekhansela yabantu abafundele ezempilo esinemvume yokwenze njalo.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Amahora omsebenzi omphakathi msombuluko - lwesihlanu, 08:30 - 12:30 (ngaphandle kwamaholide).
Abesigaba sokwenza into ibesemthethweni bazokhipha isimemezelo sezinsuku ezingu 7 uma bezovala, loku akuwafaki amaholide.
Phezulu
Izindleko
Abantu abakhokhi lutho uma kusetshenzwa amaphepha abo.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Awekho amafomu agcwaliswayo, kodwa-ke qinisekisa kuthi usho izwe lapho ufuna amaphepha akho asebenze khona.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
isiFundazwe:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
isiFundazwe:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
isiFundazwe:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezangaPhandle
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
