



























UMTHETHOSIVIVINYO WESIKHUNGO SEZOHWEBO NOKUTSHALWA KWEZIMALI 

WAKWAZULU-NATALI, 2008



                                                                                                                                           

	







































UMTHETHOSIVIVINYO

Wokuhlinzekela ukusungulwa kwesikhungo sokuthuthukiswa komnotho esizokwaziwa ngokuthi isiKhungo sezoHwebo nokuTshalwa kweziMali saKwaZulu-Natali ukuze kuhehwe utshalomali lwalapha ekhaya nolwasemazweni angaphandle futhi kwandiswe impahla engenayo nephumayo esiFundazweni; wokunquma ngezinhloso, amandla, kanye nemisebenzi yesiKhungo; wokunquma indlela okuzophathwa, kubuswe, kuqashwe futhi kusekwe ngayo isiKhungo ngezimali; wokuhlinzekela ukwakhiwa kweNqubomgomo yesiFundazwe yokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo; nokuhlinzekela okunye okuphathelene nalokho.



MAWUMISWE yisiShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali, kanje:-



UKUHLELWA KWEZIGABA

Isigaba

ISAHLUKO 1

IZINCAZELO

1. Izincazelo



ISAHLUKO 2

ISIKHUNGO SEZOHWEBO KANYE NOKUTSHALWA KWEZIMALI SAKWAZULU-NATALI

2. Ukusungulwa kwesiKhungo sezoHwebo kanye nokuTshalwa kweziMali saKwaZulu-Natali

3. Izinhloso zesiKhungo

4. Amandla nemisebenzi yesiKhungo



ISAHLUKO 3

IBHODI LESIKHUNGO

5. Ukubunjwa kweBhodi 

6. Ukuhoxiswa ekuqokelweni eBhodini

7. Ukudalula isimo ukuhlomula ngakwezezimali nokunye ukuhlomula kwamalungu eBhodi

8. Ukwehluleka ukudalula ukuhlomula ngakwezezimali nokunye ukuhlomula kwamalungu eBhodi

9. Isikhathi sokuba sesikhundleni nokuqokwa kabusha kwelungu leBhodi

10. Izikhala zomsebenzi, ukuxoshwa nokwesula emsebenzini kwamalungu eBhodi

11. Ukumiswa kwesikhashana kwelungu leBhodi

12. Imihlangano kanye nezinqubo zemihlangano yeBhodi

13. Ukuhoxa kwelungu emihlanganweni kanye nezinqubo zeBhodi

14. Ukukhokhelwa kwamalungu eBhodi

15. Ukusungulwa kwamakomidi azosiza iBhodi

16. Ukuqokelwa kwabantu eBhodini noma emakomidini eBhodi



ISAHLUKO 4

ISIKHULU ESIPHEZULU KANYE NABASEBENZI BESIKHUNGO



17. Isikhulu esiPhezulu sesiKhungo

18. Imisebenzi yesiKhulu esiPhezulu 

19. Ukwesula kanye nokuxoshwa emsebenzini kwesiKhulu esiPhezulu 

20. Abasebenzi besiKhungo 

21. Ukusiswa noma ukudluliselwa kwenye indawo kwabasebenzi besiKhungo



ISAHLUKO 5

UKUNQUNYWA KWENQUBOMGOMO YESIFUNDAZWE YOKUTSHALWA KWEZIMALI NEMPAHLA EPHUMAYO 



22. INqubomgomo yesiFundazwe yokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo 

23. UHlelo lokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo lwesiFundazwe 

24. Iziqondiso zeNqubomgomo

ISAHLUKO 6

UXHASOMALI NOKUPHATHWA KWEZIMALI ZESIKHUNGO



25. Izimali zesiKhungo

26. Ukuphathwa kwezimali

27. Ukucwaningwa kwamabhuku kanye nombiko wonyaka

28. Ukusungulwa kanye nokuphathwa kwezimali ezikhethekile  

29. Unyaka wezimali wesiKhungo

30. Impahla engenakususwa

31. Ukuthathelwa kwezinyathelo zomthetho kwesiKhungo



ISAHLUKO 7

IZINHLINZEKO EZEJWAYELEKILE

32. Ukuphepha kolwazi oluyimfihlo olugcinwe yisiKhungo

33. Ukuhlakazwa kwesiKhungo

34. Ukusetshenziswa kwegama lesiKhungo

35. Ukudluliselwa kwamandla

36. Imithethonqubo   

37. Ukuhlakazwa kweNkampani kanye nezihlinzeko zesikhashana eziphathelene nalokho

38. Amacala ajwayelekile 

39. Izinhlawulo

40. Isihloko esifingqiwe   





ISAHLUKO 1

IZINCAZELO



Izincazelo

1. Kulo Mthetho, ngaphandle uma ingqikithi isho okwehlukile –

"isiKhungo" kusho isiKhungo sezoHwebo nokuTshalwa kweziMali saKwaZulu-Natali okusungulwe ngokwesigaba 2;



"iBhodi" kusho iBhodi yesiKhungo eliqokwe ngokwesigaba 5;



"isiKhulu esiPhezulu" kusho isiKhulu esiPhezulu sesiKhungo, esiqokwe ngokwesigaba 17; 



"iNkampani eseMthethweni" kusho inkampani njengoba kuchaziwe esigabeni 1(1) soMthetho weziNkampani eziseMthethweni, 1984 (uMthetho No. 69 ka 1984);



"inkampani" kusho inkampani njengoba kuchaziwe eMthethweni weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973);

 

"INkampani" kusho inhlangano edidiyelwe ngokwesigaba 21 soMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973), eneNombolo yokuBhaliswa kweziNkampani engu-98/11946/08, futhi eyaziwa ngokuthi eyozoHwebo kanye nokuTshalwa kweziMali KwaZulu-Natali;



"uMthethosisekelo" kusho uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, 1996;



"uMnyango" kusho uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho esiFundazweni saKwaZulu-Natali;



"uMkhandlu oPhethe" kusho uMkhandlu oPhethe esiFundazweni saKwaZulu-Natali ohlongozwe esigabeni 132 soMthethosisekelo;



"iGazethi" kusho iGazethi esemthethweni yesiFundazwe saKwaZulu-Natali;



"iNhloko yoMnyango" kusho umuntu oqokwe njengenhloko yoMnyango ngokwesigaba 12 soMthetho wemiSebenzi kaHulumeni, 1994 (Isimemezelo 103 sika 1994);



"ilungu" kusho ilungu leBhodi yesiKhungo eliqokwe ngokwesigaba 5; 



"iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali " kusho ilungu loMkhandlu oPhethe esiFundazweni saKwaZulu-Natali elibhekele ezezimali;



"uMnyango kaMgcinimafa kaZwelonke" kusho uMnyango kaMgcinimafa kaZwelonke osungulwe yisigaba 5 soMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999);



"kohulumeni basekhaya abahleliwe" kusho inhlangano yesifundazwe emele omasipala KwaZulu-Natali, eyaziwa ngokwesigaba 163 soMthethosisekelo kanye nesigaba 2 soMthetho koHulumeni baseKhaya abaHleliwe, 1997 (uMthetho No. 52 ka 1997); 



"IKomidi lesiShayamthetho" kusho iKomidi lesiShayamthetho sesiFundazwe elibhekele ukuthuthukiswa komnotho;



"isiFundazwe" kusho isiFundazwe saKwaZulu-Natali esihlongozwe esigabeni 103 soMthethosisekelo kanti "isifundazwe" sinencazelo efanayo;



"imithethonqubo" kusho imithethonqubo eyenziwe ngokwesigaba 36;



"iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele" kusho iLungu loMkhandlu oPhethe esiFundazweni saKwaZulu-Natali elibhekele ukuthuthukiswa komnotho nanoma yiliphi elinye iLungu loMkhandlu oPhethe elijutshwe nguNdunankulu;



"lo Mthetho" ubandakanya imithethonqubo.



ISAHLUKO 2

ISIKHUNGO SEZOHWEBO KANYE NOKUTSHALWA KWEZIMALI SAKWAZULU-NATALI



Ukusungulwa kwesiKhungo sezoHwebo nokuTshalwa kweziMali saKwaZulu-Natali

2.(1) Ngalokhu lapha kusungulwa isikhungo ezogqugquzela ezohwebo kanye nokutshalwa kwezimali esiFundazweni nezokwaziwa ngokuthi isiKhungo sezoHwebo nokuTshalwa kweziMali saKwaZulu-Natali.



(2) IsiKhungo singumuntu ngokomthetho.



(3) IsiKhungo siwuhlaka lukahulumeni wesifundazwe ngokweyame kuMthetho wezokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999).

 

Izinhloso zesiKhungo

3. Izinhloso zesiKhungo –

(a) ukuheha abatshalizimali basemazweni angaphandle nabakuleli;

(b) ukusungula izindlela zokukhishwa kwempahla yesiFundazwe; kanye

(c) nokusebenzisa amandla, nokwenza imisebenzi okubalulwe esigabeni 4.



Amandla, nemisebenzi yesiKhungo

4.(1) IsiKhungo kumele –

(a) sihlonze, sithuthukise, siqhakambise futhi sigqugquzele amathuba okutshalwa kwezimali esiFundazweni kubatshalizimali bamazwe angaphandle nabakuleli; 

(b) sithuthukise izindawo zokuhanjiswa kwezimpahla emazweni angaphandle esiFundazweni;

(c) sithuthukise ukuqhakambiswa kokuhanjiswa kwezimpahla zesiFundazwe;

(d) sikhulise ezohwebo nokutshalwa kwezimali esiFundazweni; 

(e) sisungule uhlelo lokutshalwa kwezimali esifundazweni nolokuhanjiswa kwezimpahla emazweni angaphandle ukuze kuthuthukiswe, kugqugquzelwe kuphinde kuqhakanjiswe ukutshalwa kwezimali nempahla ephumayo yesiFundazwe; futhi 

(f) silondoloze siphinde sigcine imininingwane kwikhompyutha yamathuba ezokutshalwa kwezimali esiFundazweni ukuze ngaleyo ndlela kuhlomule yonke imikhakha yezomnotho.



(2)IsiKhungo –

(a) ngenhloso yokuthuthukisa, yokugqugquzela, kanye neyokuqhakambisa ukutshalwa kwezimali nempahla ephumayo esiFundazweni, futhi ngokuncike ekugunyazweni okubhalwe phansi yilLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali –

(i) singasungula futhi siqhube inkampani eyodwa noma ngaphezulu, inkampani esemthethweni noma imigwamanda efanayo ngokuthi sithenge futhi sidayisele lezo  zinkampani, izinkampani ezisemthethweni noma imigwamanda amasheya; 

(ii) singahlanganyela ebhizinisini nezinye izikhungo, izinhlangano, omasipala, imigwamanda noma abantu; 

(iii) singasebenzisana noma sibe namasheya ezinkampanini, ezinkampanini ezisemthethweni noma kweminye imigwamanda futhi sidayise onke noma ingxenye yalawo masheya noma ukubandakanyeka; futhi  

(iv) singaqoqa izimali ngokuthola usizo lweminikelo kanye noxhasomali;

(b) singaxhumana nanoma yiliphi ibhizinisi, izinhlaka zombuso, izinhlangano noma izikhungo ezimisebenzi yazo noma izinhloso zazo zinomthelela futhi ziyahambisana  nokuqhakanjiswa wezentuthuko, kokugqugquzela nokutshalwa kwezimali esiFundazweni;

(c) singaphenya futhi senze izincomo eMkhandlwini oPhethe, ngeLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali nganoma yiluphi udaba oluphathelene ngokuqondile noma ngokungaqondile nokugqugquzela, nokuthuthukisa noma nokuqhakambisa ukutshalwa kwezimali esiFundazweni; 

(d) singangena ezivumelwaneni ukuze kuphunyeleliswe izinhloso zaso, kusetshenziswe amandla aso, imisebenzi kanye nokusebenza noma ukuphatha kanye nokuphathwa kwezindaba zaso, okungaba ezingahlinzekelwe noma ezihlinzekelwe kulesi sigaba; futhi 

(e) singenza noma yiphi enye into noma singenelele kunoma yiluphi udaba iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali elibona lunesidingo ukuze kuqaliswe ngendlela efanele lo Mthetho.



(3) Ukongeza emandleni okukhulunywa ngawo esigatshaneni (2), isiKhungo, sinamandla okukhulunywe ngawo esigabeni 34, naku Hlelo 2 kuMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973).





ISAHLUKO 3

IBHODI YESIKHUNGO



Ukwakheka kweBhodi

5.(1) IBhodi iqukethe  –

(a) okungenani amalungu amahlanu, kepha angekho ngaphezulu kwama-20, aqokwe yiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali; kanye

	(b) nesiKhulu esiPhezulu, esibhekele, njengalokhu kuhlongoziwe esigabeni 18(5).



(2) AmaLungu eBhodi kumele abe ngabantu abafanelekile futhi abakulungele ukusebenzela ngentshisekelo isiFundazwe, ngokuhlanganyela ndawonye –

(a) abe nolwazi nesipiliyoni esifanele emikhandlwini ehleliwe  emkhakheni wezamabhizinisi; futhi 

(b) babe namakhono nobuhlakani obulandelayo:

(i) amakhono, isipiliyoni kanye nokuqeqesheka kwezomthetho;

(ii) amakhono, isipiliyoni kanye nokuqeqesheka kwezezimali;

(iii) isipiliyoni noma ukuqeqesheka ekutshalweni kwezimali kanye nakwezokuhanjiswa kwempahla emazweni angaphandle;

(iv) isipiliyoni noma ukuqeqesheka kwezokuqhakambisa abasebenzi;

(v) isipiliyoni noma ukuqeqesheka kwezemfundo noma ekuphatheni izindaba zabasebenzi;

(vi) isipiliyoni namakhono okuthuthukiswa komphakathi; kanye  

(vii) namakhono nesipiliyoni sokuhlela noma kwezentuthuko.

 

(3) Ekuqokeni amalungu eBhodini, iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali kumele liqinisekise ukuthi –

(a) kubhekelelwa ukungalingani kwezikhathi ezedlule;

(b) iBhodi, ngokuhlanganyela iba namakhono nobuhlakani obudingekile;

(c) iBhodi imele abantu abaqashwe noma ababandakanyeka ekungeneni nasekuphumeni kwempahla, kwezohwebo noma ebhizinisini lezokutshalwa kwezimali esiFundazweni; 

(d) izimfuno zikamasipala zimelwe eBhodini ngendlela elinganayo neqinisekisa ukuthi omasipala bamelelekile: Kuncike ekutheni angeke babe ngaphezu kwabane abantu abayoqokelwa eBhodini ukuze kusebenze izinhlinzeko zale ndima; futhi

(e) ohulumeni basekhaya ngokuhlanganyela bamelelekile eBhodini.



(4) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali -

(a) kumele likhethe –

		(i) ilungu eliloldwa leBhodi njengoSihlalo weBhodi; kanye

		(ii) noyedwa wamalungu eBhodi njengeSekela likaSihlalo weBhodi.



            (b) lingaqoka umsebenzi woMyango walo njengozolimela –

(i) okumele asize ngokuxhumanisa iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali neBhodi;

(ii) okumele abike kwiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ngaso sonke isikhathi mayelana nezindaba ezibonakala zifanele; futhi

(iii) angethamela imihlangano yeBhodi futhi azibandakanye ezingxoxweni, kepha akanalo ilungelo lokuvota uma iBhodi ithatha isinqumo. 



(c) kumele, ngesaziso kwiGazethi limeme noma yiziphi izinhlangothi ezinentshisekelo esiFundazweni ukuba ziphakamise abazongenela ukuqokelwa eBhodini futhi isimemo seziphakamiso zicacise –

(i) inqubo yeziphakamiso;

(ii) okudingekile kwiziphakamiso; kanye

(iii) nosuku lokuvalwa kweziphakamiso.  



(d) kumele licubungule zonke iziphakamiso ezilethiwe ngokuphendula kwisaziso, futhi lingaqoka ithimba elihlanganise nezikhulu zomnyango ezimnkantshubomvu ukuba lihlaziye zonke iziphakamiso futhi lenze izincomo ngeziphakamiso kwiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali.



(e)  kumele lenze ukuthi wonke amagama abantu abaqokelwe eBhodini ashicilelwe kwiGazethi futhi okungenani kumaphephandaba amabili aphuma esiFundazweni, ngokushesha ngemuva kokuba labo bantu sebazisiwe, ngokuthi babhalelwe, ngokuqokelwa kwabo eBhodini.



(f) kumele, ezinyangeni ezimbili ngemuva kokuqokwa kwamalungu eBhodi ngokwesigatshana (2), lazise uMkhandlu oPhethe kanye neKomidi lesiShayamthetho elibhekele ezezimali ngamagama amalungu aqokiwe kubandakanya isikhathi abasiqokelwe.



(11) Lesi sigaba sisebenza, nezinguquko ezidingekile, ekuvalweni kwesikhala somsebenzi eBhodini.



Ukuhoxiswa ekuqokelweni eBhodini

6. Umuntu uyahoxiswa ekuqokelweni eBhodini noma ekutheni aqhubeke eBhodini, ngesizathu sokuthi –

(a) ungocwile noma uba ngocwile ezikweletini ngendlela engenakuhlengeka;

(b) akaphilile ekhanda noma umenyezelwe inkantolo njengogula ngengqondo;

(c) unokuhlomula okuqondile noma okungaqondile kunoma yisiphi isivumelwano somsebenzi nesikhungo futhi uyehluleka ukudalula ukuhlomula  kanye nohlobo lwakho ngendlela edingwa yilo Mthetho;

(d) engumuntu ongaphansi kokubhekelwa umthetho;

(e) noma ngasiphi isikhathi eke wayekiswa ukusebenza esikhundleni ngenxa yokungaziphathi kahle okuhlanganisa ukweba kanye nokukhwabanisa;

(f) eseke waboshwa futhi wagwetshwa isikhathi eside ngaphandle kokuhlawuliswa, ngaphandle kokuthi iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, lapho umuntu ophakanyiselwe ukuqokwa eveza obala yonke imininingwane yokwephula umthetho ngokwenza incwadi efungelwe, lihoxisa leso sigwebo ngendlela ehambisanayo nesigaba 106(1)(e) soMthethosisekelo: Kuncike ekutheni ukuhoxiswa ngokwalesi sigatshana kuphela eminyakeni emihlanu ngemuva kokuqeda isigwebo; futhi

(g) ehluleka ukuveza obala ukuhlomula ngokuhambisana nesigaba 7 noma ebambe iqhaza ekusebenzeni kweBhodi ngesikhathi enokuhlomula okuhlongozwe esigabeni esishiwoyo;



Ukudalula ukuhlomula ngokwezezimali nokunye ukuhlomula kwamalungu eBhodi

7.(1) Umuntu ophakanyiselwe ukuba asebenze eBhodini ngokwesigatshana 5(6) kumele, ezinsukwini eziyishumi ephakanyisiwe, alethe isimemezelo esibhaliwe kwiLungu lomkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali esisho konke ukuhlomula anakho okunqondile nokungaqondile kunoma iyiphi inkampani noma kwamanye amabhizinisi.



(2) Noma yikuphi ukwehluleka kophakanyisiwe ukuveza obala ukuhlomula kwezezimali kanye nakokunye ngokwesigatshana (1) kuyamhoxisa lowo ophakanyisiwe ngokwesigaba 6 ukuba acatshangelwe esikhundleni sokuba yilungu leBhodi.  



(3) Noma yiliphi ilungu leBhodi kumele, ngaphambi kokungena ehhovisi futhi ekuqaleni kwayo yonke iminyaka yezimali yesiKhungo, lilethe isimemezelo esibhaliwe esisho ukuhlomula okuqondile noma okungaqondile kwalo kunoma iyiphi inkampani noma ibhizinisi ngendlela ehlinzekelwe esigabeni 234(3)(a) soMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973).



(4) Lapho ilungu leBhodi lifuna ukuhlomula kunoma iyiphi inkampani noma ukuhlomula kwelinye ibhizinisi nganoma yisiphi isikhathi sokusebenza kwalo njengelungu leBhodi kumele, ngaphambi kwezinsuku eziyishumi kusukela osukwini elithole ngalo lokho kuhlomula, lilethe isimemezelo esibhaliwe esisho kwiLungu lomkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali lokho kuhlomula.



(5) Noma yikuphi ukwehluleka ohlangothini lwelungu lokuveza ukuhlomula kwalo njengalokhu kuhlongoziwe esigatshaneni (3) kanye no (4) kumele kuholele ekuhoxisweni kokuqokwa kwalelo lungu ngokwesigaba 10(2).     



(6) ILungu lomkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali kumele ligcine irejista ngokufanele yokuhlomula kwamalungu eBhodi azivezile ngokwalesi sigaba.



Ukwehluleka ukudalula ukuhlomula kwezezimali nokunye ukuhlomula kwelungu leBhodi

8.(1) Ilungu leBhodi elehluleka ukwenza isimemezelo esikhonjiswe esigabeni 7, ngokususela kwisigatshana (2) lingahoxiswa ekuqhubekeni nokuba seBhodini.

(2) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, uma lithola ukuthi ilungu leBhodi lehlulekile ukuhambisana nezinhlinzeko zesigaba 7, kumele liphenye lolo daba futhi lithathe izinyathelo ezifanele zokuqondisa izigwegwe.



Isikhathi sokuba sesikhundleni nokuqokwa kabusha kwelungu  leBhodi 

9. Abantu abaqokelwe eBhodini basebenza esikhundleni isikhathi esiyiminyaka emithathu noma esingaphansi njengalokhu iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali linganquma futhi, ngokuncike esigabeni 5, bangaphinde bakhethwe futhi ekupheleni kwaleso sikhathi: Kuncike ekutheni akekho umuntu ongaphinde akhethwe futhi ngemuva kokusebenza eBhodini isikhathi esiyiminyaka eyisishiyagolombili elandelanayo.



Izikhala zomsebenzi, ukuxoshwa kanye nokwesula emsebenzini kwamalungu eBhodi

10.(1) Ilungu leBhodi kumele lishiye isikhundla uma liba ngohoxisiwe ngokuhlongozwe esigabeni 6.



(2) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, ngemuva kokunika ilungu ithuba lokubeka udaba lwalo, noma ngasiphi isikhathi linganqamula isikhathi sokusebenza esikhundleni kwalelo lungu uma, ngokubona kwalo, kunezizathu zokwenza lokho.



(3) Ilungu kumele lishiye isikhundla uma liphutha emsebenzini, ngaphandle kokunikezwa imvume yokuphutha yiBhodi, emihlanganweni emibili ilandelana yeBhodi lapho isexwayiso esanikezwa kulelo lungu noma ngeposi.



(4)  Ilungu lingesula esikhundleni ngokuthi libhale ngokunikeza isaziso sezinsuku ezingekho ngaphansi kwezingama-30 iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali: Kuncike ekutheni iLungu loMkhandlu oPhethe elibhwekele ezezimali lingasiziba leso saziso sokwesula.



(5)  Noma nini lapho kuvela khona isikhala somsebenzi eBhodini, iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali kumele, ngokuncike esigabeni 5, liqoke umuntu ozovala leso sikhala somsebenzi kwingxenye engakaphelelwa isikhathi yokusebenza esikhundleni selungu okuzoqokwa kuso lowo muntu.



(6) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ngokususela kwisigatshana (2), lingamisa ukuqokwa -

	(a) kwawo wonke amalungu eBhodi, noma

(b) isibalo esiningi samalungu eBhodi, lokho kumiswa okungenza ukuthi iBhodi ingakwazi ukusebenza.



(7) Esimweni lapho iLungu oMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali lisebenzisa amandla alo ngokwesigatshana (6), kungathi uma lingahambisani nenqubo yokuqokwa kwamalungu eBhodi ebekwe esigabeni 5, maqondana nezigaba 5(2) no 5(3), liqoke abantu abazosebenza njengamalungu eBhodi okwesikhashana: Kuncike ekutheni -

(a) abantu abaqokwa ngokwesigatshana (7) akumele bahlale eBhodini izikhathi esingaphezu kwezinsuku ezingama-90 beqokiwe; futhi

(b) iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, ngokususela kwisigaba 5, liyoqoka amalungu eBhodi ezinsukwini ezingama-90 zokuqokwa okuhlongozwe kwisigatshana (7).



Ukumiswa kwesikhashana kwelungu leBhodi

11. ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali lingamisa ilungu leBhodi ngesikhathi iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali lisaphenya ngalezo zinsolo, uma kutholakala ukuthi ziyiqiniso, lokho kungaholela ekutheni ukuqokwa kwelungu kumiswe ngokwesigaba 10(2).



Imihlangano kanye nezinqubo zemihlangano yeBhodi

12.(1) Umhlangano wokuqala weBhodi kumele ubanjwe ngosuku nangesikhathi esinqunywe yiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ngemuva kwalokho yonke imihlangano elandelayo kumele ukuba inqunywe nguSihlalo.



(2) Isibalo esivumelekile ukuba sibambe umhlangano webhodi yiningi lamalungu eBhodi.



(3) Ukuqhutshwa komhlangano weBhodi kumele, ngokweyame ezihlinzekweni zalesi sigaba, kunqunywe nguSihlalo kubandakanya ilungelo lokunquma ukuthi noma yiluphi udaba okuxoxwa ngalo lungamiswa ngaphambi kokuthi luvotelwe.



(4) USihlalo kumele engamele yonke imihlangano yeBhodi: Kuncike ekutheni uma engekho iSekela likaSihlalo kumele lengamele futhi esimweni laphouSihlalo noma iSekela likaSihlalo lingekho emhlanganweni weBhodi, amalungu akhona angakhetha, kuwona, umuntu ozobamba njengoSihlalo ngesikhathi salowo mhlangano.



(5) Isinqumo sebhodi kumele ukuba sithathwe yiningi lamavoti amalungu akhona emhlanganweni futhi, esimweni lapho kunokulingana kwevoti kunoma yiluphi udaba, uSihlalo uyakwazi ukufaka ivoti ukwengeza evotini alihlosile.



(6) IBhodi kumele lihlele ukuba kugcinwe amaminithi emihlangano yalo.



(7) Asikho isinqumo seBhodi esingeke semukelwe ngesizathu sokuba khona kwesikhala somsebenzi eBhodini: Kuncike ekutheni isinqumo sithathwa yiningi elidingekayo lamalungu eBhodi akhona futhi navumelekile ukuhlala njengamalungu eBhodi.



(8) USihlalo , noma iningi eBhodini, lingabiza umhlangano oyisipesheli weBhodi esimweni lapho izihlinzeko zalesi sigaba zihambisana noshintsho oludingekile.



(9) IBhodi, ngokubona  kwalo, lingavumela amalungu omphakathi ukuba ethamele umhlangano weBhodi.





Ukuhoxa kwelungu emhlanganweni kanye nenqubo yeBhodi

13.(1) Ilungu leBhodi kumele lihoxe lona odabeni oluphenywayo, olucutshungulwayo noma oluvotelwayo yiBhodi uma okukodwa noma ngaphezulu okulandelayo kuvela –

(a) uma lona libandakanyeka ngokuqondile noma ngokungaqondile; noma

(b) uma kunamathuba lokuthi kungenzeka libandakanyeke ngokuqondile noma ngokungaqondile.



(2) Uma kunoma yisiphi isikhathi ngesikhathi sokuqhutshwa komhlangano ngaphambi kweBhodi kuvela ukuthi ilungu elikhona kulowo mhlangano liyabandakanyeka noma lingabandakanyeka ngokuhlongozwe esigatshaneni (1), lelo lungu kumele liveze obala uhlobo lokubandakanyeka kwalo ebese liwushiya umhlangano. 



(3) Noma yikuphi ukudalulwa okwenziwe ngokwesigatshana (1) kumelwe ukuba kubhalwe emaminithini alowo omhlangano.



(4) Uma kuvela emva kwalokho ukuthi iBhodi lathatha isinqumo odabeni lapho kwaba  nokwehluleka kwelungu ukuveza obala ukubandakanyeka okuhlongozwe esigatshaneni (1), leso sinqumo seBhodi asemukelekile.



(5) Ngokwezinhloso zalesi sigaba “ukubandakanyeka okungaqondile” kuhlanganisa, phakathi kokunye, ukubandakanyeka okwenziwa –

(a) nguzakwabo welungu ebhizinisini, umhlobo noma umqashi, ngaphandle koMbuso;

(b) umlingani welungu, nguwakwalo ngokomshado wesintu, noma umuntu ongumasihlalisane noma elihlala naye ndawonye sabantu abashadile; noma

(c) umntwana, umzali noma elizalana nabo.



Ukukhokhelwa kwamalungu eBhodi

14.(1)(a) ILungu leBhodi lingakhokhelwa ezimalini zesiKhungo iholo kanye nezibonelelo njengalokhu kunganquma iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ngokuthintana neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali.

(b) ILungu leBhodi eliholelwayo, elibonelelwayo noma elithola eminye imihlomulo  ngokwesikhundla noma ngokomsebenzi walo –

(i) kuhulumeni kazwelonke;

(ii) kuhulumeni wesifundazwe;

(iii) komasipala;noma 

(iv) ebhizinisini, kumgwamanda noma esikhungweni lapho uhulumeni kazwelonke kanye nowesifundazwe ebandakanyeka ekulawuleni,

futhi eliqhubeka nokuthola lelo holo, izibonelelo noma eminye imihlomulo ngesikhathi lisasebenza njengelungu leBhodi, lingathola kuphela ukuhola kanye nezibonelelo okukhulunywa ngakho esigabeni (a) kufinyelele ezingeni elidingekayo ukubeka ilungu endaweni yesimo sezimali lapho obekuvele kufanele libe khona ukube bekungesikhona okwesikhala somsebenzi noma ukuqashwa. 



(2)(a) Ilungu leBhodi kanye nomuntu owengeziwe eBhodini, maqondana nemisebenzi yakhe njengelungu noma njengomuntu owengeziwe eBhodini, angemukela isibonelelo ezimalini zesiKhungo  ngezindleko zokuphila nezokuhamba  ezidingekayo zokuba khona emhlanganweni weBhodi. 

(b) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali kumele linqume ngezinqubo, kubandakanya izindlela zokulawula, ukuze kuphathwe, kuhanjiswe futhi kuqhutshwe izimangalo zezindleko zokuphila nokuhamba ezihlongozwe endimeni (a).



Ukusungulwa kwamakomidi azosiza iBhodi

15.(1) IBhodi ingasungula amakomidi aqukethe ilungu elilodwa noma ngaphezulu kumalungu ayo ukuze –

(a) asize iBhodi ekusetshenzisweni kwanoma yimaphi amandla, ekwenziweni kwemisebenzi noma ukusebenza kwesiKhungo okuhlongozwe esigabeni 4; noma

(b) ukuphenya noma ukuqhuba ucwaningo kunoma yiluphi udaba olungena ngaphansi kwezinjongo zeBhodi ngokwalo Mthetho.



(2) Uma kusungulwa ikomidi elihlongozwe esigatshaneni (1), iBhodi kumele –

(a) linqume isikhathi sokuba khona kwalelo komidi kubandakanya, phakathi kokunye, ukuthi kumele yini noma cha ukuthi lelo komidi liqedwe uma seliphothule umsebenzi eliwunikezwe noma eliwubekelwe yiBhodi;

(b) liqoke uSihlalo walelo komidi okumele abe yilungu leBhodi; futhi

(c) linqume ukuthi ingabe kufanele noma cha ukuthi lelo komidi lifake abantu abangesiwo amalungu eBhodi, futhi uma kunjalo, kuyiphi imibandela nemigomo.



(3) IBhodi, noma ngasiphi isikhathi, lingaqeda ubukhona bekomidi nanoma yikuphi ukujutshwa okunikezwe ikomidi, kungakhathaleki ukuthi lelo komidi seliwuqedile noma cha umsebenzi noma imisebenzi eliyinikezwe yiBhodi.



(4)(a)  IsiKhulu esiPhezulu singethamela futhi sibambe iqhaza, kodwa singavoti, emihlanganweni yalelo komidi.



(b) Ilungu labasebenzi beBhodi, uma limenywe yilelo komidi, lingawuhambela umhlangano walelo komidi.



Ukuqokelwa  kwabantu eBhodini noma emakomidini eBhodi

16.(1) IBhodi uma linombono wokuthi umuntu othize angalisiza maqondana nanoma yimiphi imisebenzi yalo namandla, lingamengeza lowo muntu ngaleyo nhloso.



(2) Umuntu ongezwe ngokwesigatshana (1) akavumelekile ukuvota emhlanganweni webhodi noma wamakomidi.



(3) Umuntu ongezwe ngokwesigatshana (1) kumele aholelwe futhi abonelelwe ezimalini zesiKhungo njengalokhu kunganquma iBhodi.





ISAHLUKO 4

ISIKHULU ESIPHEZULU KANYE NABASEBENZI BESIKHUNGO



IsiKhulu esiPhezulu 

17.(1) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele kumele ezezimali, ngemuva kokuthintana neBhodi, liqoke umuntu ofanelekile, onekhono kanye nesipiliyoni njengesiKhulu esiPhezulu sesiKhungo.



(2)(a) IsiKhulu esiPhezulu siqokelwa isikhathi esingeqile eminyakeni emihlanu. 

(b) IsiKhulu esiPhezulu singaphinde sikhethwe futhi esinye isihlandlu esingeqile eminyakeni emihlanu.



(3)(a) Ukuqokwa kwesiKhulu esiPhezulu kuncike ekuphothulweni kwesivumelwano sokusebenza esibhaliwe okungena kuso lowo muntu kanye neBhodi.

(b) IBhodi kanye nesiKhulu esiPhezulu, ngesivumelwano esibhaliwe, bangachibiyela isivumelwano sokusebenza.



(4) Ngezinhloso zokudalula ukuhlomula kwezezimali nokunye ukuhlomula, izihlinzeko zesigaba 7 zisebenza nezinguquko ezidingekile esiKhulwini esiPhezulu ngaphandle kokuthi isiKhulu esiPhezulu kumele sisho ukubandakanyeka kwaso eBhodini.



(5) IsiKhulu esiPhezulu siyilungu elengeziwe elibhekele leBhodi kodwa asinalo ilungelo lokuvota emhlanganweni.



Imisebenzi yesikhulu esiPhezulu 

18.(1) IsiKhulu esiPhezulu siyisikhulu sezokuphatha kanye nomgcinimabhuku weBhodi njengalokhu kuhlongoziwe kuMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999), futhi sibhekele –

(a) ukulawulwa nokuphathwa kwezimali zebhodi ngokuhambisana noMthetho wezokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999), kanye nokulayela kweBhodi;

(b) ngokuthintana neBhodi, ukuqokwa kwamalungu abasebenzi besiKhungo okuhlongozwe esigabeni 21(1); 

(c) ngokuthintana neBhodi, ukunqunywa kwendlela yokuziphatha, esebenza esiKhulwini esiPhezulu, kubo bonke abasebenzi besiKhungo kanye nesingokomthetho ezinyathelweni zokuqondiswa kwezigwegwe, ukuqinisekisa –

		(i) ukuhambisana nomthetho osebenzayo, kubandakanya lo Mthetho;

(ii) ukusetshenziswa ngokufanele, ngokunesidingo nangokunenzuzo kwezimali nezinsiza zesiKhungo;

(iii) ukugqugquzelwa kanye nokugcinwa kwezinga eliphezulu lenqubomgomo yokufaneleka kwamakhono;

		(iv) ukunqanda kokushayisana kwemibono;  

		(v) ukuvikelwa kolwazi oluyimfihlo olugcinwe yisiKhungo; kanye 

(vi) nezinga, nokwethembeka, nokuzimela, nokwenzelana ngobuqotho, nenqubomgomo kanye nokusebenza ngokulingene;

(d) ukulawulwa kokuziphatha kwabasebenzi abaqokwe ngokwendima (b) futhi kumele, ngalezo zinhloso, kwenziwe yiBhodi; 

(e) ukulondolozwa kanye nokugcinwa kwerejista yokuhlomula okumenyezelwe yilungu labasebebenzi besiKhungo; kanye

(f) nokuqinisekiswa kokuhlangabezana kweBhodi nezihlinzeko zoMthetho wezokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999), kanye nanoma yimiphi eminye imithetho esebenzayo.



(2) Uma isiKhulu esiPhezulu nganoma yisiphi isizathu singakwazi ukwenza imisebenzi yaso, iBhodi kumele, ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, liqoke omunye umuntu ozoba yiBamba lesiKhulu esiPhezulu kuze kube isiKhulu esiPhezulu siyakwazi ukuba siqale ukwenza leyo misebenzi.



Ukwesula kanye nokususwa esikhundleni kwesiKhulu esiPhezulu 

19.(1) Isikhulu esiPhezulu sishiya isikhundla – 

(a) lapho sesula, noma siveza ukwesula;

(b) ngenkathi, ngokoMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973), umuntu ophethe leso sikhundla eba ngohoxiswayo ukuba asebenze njengomqondisi wenkampani; noma

(c) lapho sixoshwa esikhundleni ngokwesigatshana (2).



(2) IBhodi ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali inganqamula umsebenzi wesiKhulu esiPhezulu ngokuhambisana noMthetho wokuQasha nowabaSebenzi osebenzayo.



Abasebenzi besiKhungo

20.(1) IsiKhulu esiPhezulu kumele, ngokweyame esigatshaneni (2), siqashe amalungu abasebenzi besiKhungo njengalokhu kunesidingo esifanele –

(a) sokusiza ekugcwaliseni ukwenza imisebenzi yaso ngokwalo Mthetho; kanye 

(b) nokusiza iBhodi ngomsebenzi othintana nokwenziwa yiBhodi emisebenzini yalo.               



(2) IBhodi kumele, ngokweyame esigabeni 25(4), linqume inqubomgomo yezindaba eziphathelene nabasebenzi kumalungu abasebenzi besiKhungo, kubandakanya isiKhulu esiPhezulu.



(3) Ngokwezinhloso zokudalulwa kokuhlomula ngakwezezimali okunye ukuhlomula, nangokweyame esigabeni 18(1)(e), izihlinzeko zesigaba 7(3), (4) kanye no (5) zifakwa noshintsho oludingekile kumalungu abasebenzi besiKhungo.



(4) IsiKhulu esiPhezulu kumele sigcine irejista evuselelwe yokuhlomula kwamalungu abasebenzi besiKhungo okudalulwe ngokwesigatshana (3) 



Ukusiswa noma ukudluliselwa kwenye indawo kwabasebenzi besiKhungo



21. IsiKhungo singasebenzisa usizo lwabantu abasisiwe noma abadluliselwe besuka enyangweni kahulumeni ngokuhambisana nezinhlinzeko zoMthetho wemiSebenzi kaHulumeni, 1994 (Isimemezelo No. 103 sika 1994).





ISAHLUKO 5

UKUNQUNYWA KWENQUBOMGOMO YESIFUNDAZWE YOKUTSHALWA KWEZIMALI NEMPAHLA EPHUMAYO 



INqubomgomo yesiFundazwe yokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo 

22. ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele kumele, ngemuva kokuthintana neBhodi, lisungule iNqubomgomo yesiFundazwe yokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo. 



UHlelo lokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo lwesiFundazwe

23.(1) IBhodi kumele, ezinyangeni eziyisithupha kusungulwe iNqubomgomo yesiFundazwe yokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo ngokwesigatshana (1), lisungule uHlelo lokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo lwesiFundazwe ukuze liphumelelise futhi liqalise ukusebenza kwezinqubomgomo kanye nezinjongo ezisungulwe yiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ngokwalo Mthetho. 

 

(2) Uma senza imisebenzi yaso ngokwesigaba salo Mthetho, isiKhungo kumele siqalise ukusebenza koHlelo lokuTshalwa kweziMali neMpahla ePhumayo lwesiFundazwe.



Ukuyalela kweNqubomgomo

24.(a) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali linganquma imikhombandlela yamasu okufezekisa izinjongo zesiKhungo futhi linganikezeka imiyalelo yenqubomgomo eBhodini.  

(b) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali lingahoxisa noma lichibiyele noma yimuphi umyalelo wenqubomgomo okhishwe ngokwendima (a).





ISAHLUKO 6

UXHASOMALI NOKUPHATHWA KWEZIMALI ZESIKHUNGO



 Izimali zesiKhungo

25.(1) Izimali zesikhungo ziqukethe –

(a) imali esiyabelwe yisiShayamthetho sesiFundazwe;

(b) inzalo yezimali ezitshalwe yisiKhungo; kanye

(c) nenzuzo etholakale ngokusemthethweni kunoma yimuphi umthombo ogunyazwe nguMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, njengokuchitshiyelwa kwawo.



(2) IsiKhungo kumele sizisebenzise izimali zaso –

(a) ngokukhokha amaholo, izibonelelo zokuphila kanye nezokuhamba –

		(i) zamalungu eBhodi;

		(ii) zesiKhulu esiPhezulu; kanye

		(iii) nezamalungu abasebenzi besiKhungo; kanye

 (b) nokukhokha izindleko eziphathelene –

(i) nokuqhutshwa kwansuku zonke kanye nokuphathwa kwesiKhungo; kanye

(ii) nokuqhutshwa kwemisebenzi kanye nokusebenza kwesiKhungo nokuthi isiKhungo sisebenzise amandla aso ngokwalo Mthetho. 



(3) IsiKhulu esiPhezulu, ngokuvumelana neBhodi kumele –

(a) sivule i-akhawunti egameni lesiKhungo esikhungweni esibhaliswe njengebhange ngokoMthetho wamaBhange, 1990 (uMthetho No. 94 ka 1990); futhi

(b) sifake lapho yonke imali etholwe ngokwesigatshana (1).



(4) IBhodi, ngokuthintana neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, kumele linqume –

(a) umholo nezimo zokusebenza; kanye

(b) nempesheni nemihlomulo yomhlalaphansi,

yesiKhulu esiPhezulu kanye namanye amalungu abasebenzi besiKhungo. 



(5) IsiKhungo singatshala izimali ezifakwe kwi-akhawunti yaso ezingadingi ukusetshenziswa ngokushesha: Kuncike ekutheni iBhodi kumele lithathe izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi ukutshalwa kwezimali akukona kohlobo olungaqondakali lokuzalanisa imali.



(6) IsiKhungo senqatshelwe ukuboleka imali noma ukukhipha iziqinisekiso, izinxephezelo noma izibambiso noma ukungena kunoma yinhloboni yokusetshenziswa kwemali okwenqatshelwe isiKhungo ngaphandle uma lokho kuboleka, isiqinisekiso, isinxephezelo, isibambiso noma okunye ukusetshenziswa kwemali kugunyazwe kulo Mthetho futhi kungashayisani noMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni.



Ukuphathwa kwezimali

26.(1) IsiKhulu esiPhezulu kumele sakhe amabhuku agcwele futhi afanele e-akhawunti kanye nayo yonke imininingwane edingekile ephathelene nayo ukuba igcinwe.



(2) IsiKhulu esiPhezulu kumele siqinisekise ukuthi umbiko wezabelomali zesiKhungo waminyaka yonke, izinhlelo zenhlangano, imibiko yonyaka kanye nezitatimende zezimali ezicwaningiwe ziyalungiswa futhi zilethwa ngokuhambisana noMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999).



(3) IsiKhulu esiPhezulu kumele, ezinyangeni ezintathu ngaphambi kokuba kuphele unyaka wezimali, silethe ukuze kuvunywe yiBhodi –

(a) uhlelo lwamabhizinisi esiKhungo, oluqukethe izinjongo ezilinganisiwe kanye neminye imininingwane ehlongozwe esigabeni 27(3)(b) kanye no (c); kanye

(b) nesitatimende sesilinganiso senzuzo kanye nezindleko zesiKhungo, 

maqondana  neminyaka emithathu elandelayo yezimali.



(4) Kunoma yimuphi unyaka wezimali isiKhulu esiPhezulu singaletha eBhodini ukuze kugunyazwe izitatimende zemali eyongeziwe noma esetshenzisiwe engenisweni noma ezindlekweni zesikhungo zangalowo nyaka wezimali.



(5)  IsiKhungo angeke sizifake kunoma kusiphi isivumelwano sezimali esingaphezulu kwesabelomali esisinikeziwe kanye nekuzuzile eceleni.



(6)  IsiKhulu esiPhezulu –

(a) ngokuvuma kweBhodi, singatshala noma iyiphi ingxenye engasetshenziswanga yezimali zayo eNhlanganweni yokuTshalwa kweziMali zikaHulumeni noma kwesinye isikhungo  esihlukanisiwe  noma esibhaliswe ngazikhathi zonke nguMnyango kaMgcinimafa wesiFundazwe njengesisoSohlwini olungu “A1” lwezikhungo zezimali; noma

(b)ngokugunyaza kweBhodi, angahlela leyo ngxenye ngenye indlela.



(7)  IsiKhulu esiPhezulu ngokugunyaza kweBhodi, singasungula izikhwama eziseceleni futhi sifake kuzo lezo zimali njengalokhu iBhodi ingavuma.



Ukucwaningwa kwamabhuku kanye nombiko wonyaka

27.(1) UMcwaningimabhuku-Jikelele kumele acwaninge izitatimende zemali yesiKhungo.



(2)(a) IBhodi kumele yethule umbiko ngezinto ezenziwa yisiKhungo ngesikhathi sonyaka wezimali kwiSishayamthetho sesiFundazwe ezinyangeni ezinhlanu ngemuva kokuphela konyaka wezimali.

(b) Ezinyangeni ezinhlanu ngemuva kokwethulwa kombiko,   izithunywa ezibandakanya namalungu okungenani amabili eBhodi kumele bachazele iKomidi lesiShayamthetho elibhekele ezezimali ngombiko wonyaka. 



 (3) Umbiko kumele –

(a) ubandakanye isitatimende esikhombisa imali esisele emalini engenile nesetshenzisiwe esigxivizwe nguMcwaningimabhuku-Jikelele;

(b) uveze indima isiKhungo esiyikhathulile noma esifinyelele kuyo ngezinhloso zaso ngokususela esigabeni 3 kanye nesilinganiso sezinjongo njengoba kubekiwe kuhlelo lwebhizinisi kanjengoba kuhlongozwe esigabeni 26(3)(a) ngesikhathi salowo nyaka wezimali othintekayo; futhi 

(c) uqukathe imininingwane  efanele yokusebenza maqondana nezomnotho, ukunikezelwa kwezinsiza okube wusizo nempumelelo kanye nokuqhathanisa phakathi kokuhleliwe kanye nokwenziwe okukhombisayo njengokuba kubekiwe kulolo hlelo lwebhizinisi.



Ukusungulwa kanye nokuphathwa kwezimali ezikhethekile

28.(a) IsiKhungo ngokuthintana nelungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, singasungula futhi sigcine izimali ezikhethekile, kubandakanya izimali ezejwayelekile ezisetshenziselwa ukufaka abantu ababencishwe amathuba emkhakheni wokungeniswa kwempahla kuleli nempahla ethunyelwa kwamanye amazwe. 

(b) IsiKhungo kumele silawule lezo zikhwama zemali ngendlela enqunywe yiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali.



Unyaka wezimali wesiKhungo 

29. Unyaka wezimali wesiKhungo uqala mhla lu-1 kuMbasa ngalowo nyaka futhi uphela mhla zinga-31 kuNdasa ngonyaka olandelayo.

	

Impahla engenakususwa

30. IsiKhungo ngokwenqubomgomo kanye nangezinqubo ezinqunywe yiBhodi futhi nangokuvuma kweLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele, singathola, sithathe noma silahle impahla engenakususwa ekusebenzeni kwaso.



Ukuthathelwa izinyathelo zomthetho kwesiKhungo

31.(1) Noma yiziphi izinyathelo zomthetho ezithathelwa isiKhungo kumele kwenziwe ngokuhambisana noMthetho wesiKhungo sokuThathelwa iziNyathelo zoMthetho kweziNhlaka ezithile  zikaHulumeni, 2002 (uMthetho No. 40 ka 2002).



(2) IsiKhungo, ngokwezihloso zesigatshana (1), sithathwa njengohlaka lukahulumeni oluhlongozwe endimeni (c) yencazelo yalokho okusesigabeni 1 salowo Mthetho.





ISAHLUKO 7

IZINHLINZEKO EZIJWAYELEKILE



Ukuphepha kolwazi oluyimfihlo olugcinwe yisiKhungo

32.(1) Ngokweyame kuMthethosisekelo, uMthetho wokuGqugquzelwa kokuTholakala koLwazi, 2000 (uMthetho No. 2 ka 2000), akekho umuntu ongadalula noma yiluphi ulwazi olulethwe esiKhungweni oluphathelene nanoma yikuphi okuthinta umthetho noma umyalelo, ngaphandle –

(a) uma eyalelwe ukuba enze lokho yinkantolo yezomthetho;

(b) noma ngaphandle uma umuntu okhipha lowo myalelo enikeze imvume ngokubhalwe phansi. 



(2) Akekho umuntu ongadalula noma yiluphi ulwazi olugcinwe kwirejista ehlongozwe esigabeni 7, 17(4) kanye no 20(4) ngaphandle uma lokho kudalulwa –

(a) kungokwanoma yimuphi umthetho ophoqelelayo noma ogunyaza lokho kudalulwa;

(b) kunesidingo esibalulekile sokusebenza kwesiKhungo; noma

(c) kwenziwa ngezinhloso zokubheka, ukuhlola, ukuphenya noma ukucubungula noma yikuphi okwenziwayo okuphathelene nesiKhungo, nanoma yiliphi ilungu labasebenzi besiKhungo.



(3) Noma yimuphi umuntu owephula isigatshana (1) noma (2) unecala.



Ukuhlakazwa kwesiKhungo

33. IsiKhungo singahlakazwa kuphela ngokoMthetho weSishayamthetho sesiFundazwe.



Ukusetshenziswa kwegama lesiKhungo

34.(1) Akekho umuntu, ngaphandle kokugunyazwa okubhalwe phansi yisiKhungo, noma ngayiphi indlela ongamela noma asebenzise igama lesiKhungo, isifinyezo, uphawu, umdwebo noma impahla esetshenziswa noma engeyesiKhungo.



(2) Akekho umuntu ngokuphambene ongathi usebenza egameni lesiKhungo. 



(3) Wonke umuntu owephula isigatshana (1) noma (2) unecala.



Ukudluliselwa kwamandla

35.(1) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali lingadlulisela kwiNhloko yoMnyango –

(a) noma yimaphi amandla anikezwe iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ngalo Mthetho, ngaphandle kwamandla okwenza imithethonqubo okukhulunywa ngawo esigabeni 37; noma

(b) noma yimuphi umsebenzi odingeka kwiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ngalo Mthetho, ngaphandle kwanoma yimiphi imisebenzi ephathelene nokuqokwa, kanye nokunqanyulwa kokusebenza, kwamalungu eBhodi okuhlongozwe esigabeni 5(2) kanye no 10(2).



(2) IBhodi, ngesisombululo esikhethekile, lingadlulisela esiKhulwini esiPhezulu noma kwilungu labasebenzi besiKhungo, noma yimaphi amandla noma imisebenzi edingeka noma ephathelene neBhodi ngalo Mthetho.



(3) IsiKhulu esiPhezulu singadlulisela kunoma yiliphi ilungu labasebenzi besiKhungo noma yimaphi amandla noma umsebenzi odingeka noma ophathelene nesiKhulu esiPhezulu ngalo Mthetho, ngaphandle kwanoma yimuphi umsebenzi wesikhulu esinesibopho sokubika sesiKhungo.



(4) Noma yimaphi amandla noma umsebenzi odluliselwe ngokwesigatshana (1), (2) noma (3) kumele ukuba usetshenzwe noma wenziwe ngokweyame kuleyo migomo njengalokhu umuntu noma umgwamanda owenze ukudluliselwa ekubone kunesidingo.



(5) Noma yikuphi ukudluliselwa kwamandla okushiwoyo esigatshaneni (1), (2) noma (3) –

(a) kumele kubhalwe phansi;

(b) kungavimbeli umuntu noma umgwamanda owenze ukudluliselwa kwamandla ekutheni basebenzise amandla noma benze lowo msebenzi; futhi

(c) noma ngasiphi isikhathi kungahoxiswa noma kuchitshiyelwe ngokubhaliwe yilowo muntu noma umgwamanda.



Imithethonqubo

36. ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele, ngokuthintana neBhodi futhi ngokwenza isaziso kwiGazethi, lingenza imithethonqubo ephathelene –

(a) nanoma yiluphi udaba olungabhalwa noma okumele lubhalwe ngokwalo Mthetho; noma

(b) nanoma yikuphi ukuphathwa noma izindaba eziphathelene nenqubo edingekile ukuba iqalise kwizihlinzeko zalo Mthetho.



Ukuhlakazwa kweNkampani kanye nezihlinzeko zezikhashana eziphathelene nalokho 

37.(1)(a) IsiKhungo sezoHwebo kanye nokuTshalwa kwezimali saKwaZulu-Natali esiqukethe iNombolo yokuBhaliswa kweziNkampani 98/11946/08, esungulwe ngokoMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973), singahlakazwa ngokuzikhethela futhi sibhaliswe kabusha.

(b) Amalungu eNkampani kumele, ekuhlakazweni kweNkampani okukhulunywa ngakho esigatshaneni (1), phakathi kokunye, ahambisane nezigaba 349 kanye no 350 soMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973).



(2) Ngelanga lokuhlakazwa kweNkampani okuhlongozwe esigatshaneni (1), zonke izimpahla, izikweletu, amalungelo, imisebenzi kanye nezibopho, kubandakanya noma  iyiphi ingxenye engasetshenzisiwe yezimali eziyinzuzo noma ezitholwe yiNkampani zidluliselwa, futhi zitshalwa, esiKhungweni sezoHwebo kanye nokuTshalwa kweziMali ezisungulwe ngokwesigaba 2.



(3) IsiKhungo sezoHwebo kanye nokuTshalwa kweziMali saKwaZulu-Natali, maqondana nezimpahla, izikweletu, amalungelo, imisebenzi kanye nezibopho nezimali okukhulunywe ngazo esigatshaneni (2), ngazo zonke izinhloso singundlalifa kwezomthetho, kanye nondlalifa egameni, leNkampani. 



(4) Amalungu eBhodi yeNkampani kumele asebenze njengamalungu eBhodi yesiKhungo agunyaziwe kuze kube yisikhathi lapho iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ngokwesigaba 5(2) liyoqoka khona iBhodi ngokwalo Mthetho.



(5) Onke amalungu abasebenzi beNkampani kumele, ezinyangeni eziyisithupha kuqale ukusebenza kwaloMthetho, banikwe izikhala zomsebenzi yiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali ukuthi badluliselwe esiKhungweni ngosuku olunqunywe yiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali.



(6) Amaholo, imihlomulo kanye nezibonelelo ezinikezelwa yiLungu lomkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, ngokuhambisana nesigatshana (1), akungabi ngaphansi kwalokhu okumele kukhokhelwe ilungu labasebenzi beNkampani, ngokushesha ekudluliselweni kwalo kwenye indawo.



(7) Ngokwenhloso yoMthetho weNtela, 1962 (uMthetho No. 58 ka 1962), akukho ukushintshwa komqashi okuyothathwa njengokwenzekile maqondana namalungu abasebenzi abavuma umsebenzi ohlongozwe esigatshaneni (1). 



(8) Ngenkathi umuntu eba yilungu labasebenzi besiKhungo ngokwesigatshana (1) –

(a) ugcina izinsuku zakhe zekhefu abevele enazo kuze kube yileso sikhathi ashintshwe ngaso, okuhlelwe ngokuhambisana  nezimo zokuqasha zesiKhungo; futhi

(b) noma yiluphi uphenyo obeluvele lukhona noma obeluhlosiwe ukuba lube khona maqondana nokungaziphathi kahle okwenziwe yilowo muntu ngaphambi kosuku lokudluliselwa kwakhe kwenye indawo kumele kwazeke noma kuvezwe yisiKhungo futhi isiKhungo kumele simthathele izinyathelo ezifanele lowo muntu othintekayo ngokuhambisana nomthetho, nenqubomgomo kanye nemibandela yomsebenzi noma yokusebenza abelwe yona ngokushesha  ngemuva kokushaya kosuku lokudluliselwa kwakhe.



Amacala ajwayelekile 

38.(1) Ilungu leBhodi, ilungu labasebenzi, umeluleki, i-ejenti noma ngabe yimuphi omunye umuntu oqashiwe noma omele isiKhungo unecala uma emukela ngokuqondile noma ngokungaqondile noma yikuphi ukugwazelwa futhi noma emukela noma iyiphi imali noma umklomelo okungagunyaziwe kunoma yimuphi umuntu ngokuphathelene nanoma yikuphi okwenziwa noma okunikezelwa yisiKhungo.

   

(2) Noma yimuphi umuntu unecala uma, maqondana noma ngokuphathelene nanoma yikuphi okwenziwa noma okunikezelwa yisiKhungo, egwaza noma efuna ukugwaza noma efaka umoya wokukhohlakala noma ehlosa ukufaka umoya wokukhohlakala kwilungu leBhodi, ilungu labasebenzi, umeluleki, i-ejenti noma yimuphi umuntu oqashiwe noma oyibamba egameni lesiKhungo 

 

(3) Noma yimuphi umuntu ngokungemthetho othi ugunyaziwe ukuba abize noma athathe izimali, iminikelo noma okunikelwayo egameni, noma ngokuyalelwa yisiKhungo unecala.  

      

   

Izinhlawulo 

39. Noma yimuphi umuntu  otholakala enecala ngokwalo Mthetho uyohlawuliswa noma abhadle ejele isikhathi esingeqile eminyakeni eyi-5.



Isihloko esifishane 

40. Lo Mthetho ubizwa ngokuthi uMthetho wesiKhungo sezoHwebo nokuTshalwa kweziMali waKwaZulu-Natali, 2008.



