















UMTHETHOSIVIVINYO WAKWAZULU-NATALI 

WEDUBE TRADEPORT CORPORATION, 2008



                                                                                                                                        

	



























































UMTHETHOSIVIVINYO



Wokuhlinzekela ukusungulwa kwenkampani eyaziwa ngokuthi i-Dube TradePort Corporation (Proprietary) Limited ezophatha futhi ezoqala imiklamo ehlonziwe; wokuhlinzekela ukuphathwa kwamasheya enkampanini; wokunquma ngezinjongo zenkampani; wokuhlinzekela ukwesekwa ngezimali kwenkampani; wokuhlinzekela ukuqokwa kwesikhulu esiphezulu kanye nebhodi yabaqondisi; wokuhlinzekela izindaba eziphathelene nokubuswa kanye nokuphathwa kwenkampani yibhodi yabaqondisi kanye nesikhulu esiphezulu; wokunquma amandla, imisebenzi, ezezimali kanye nesibopho sokubika ekusebenzeni kwenkampani kanye nasekulawulweni kokusebenza kwayo; wokuhlinzekela ukwakhiwa kwezinqubomgomo; kanye nokuhlinzekela okunye okuphathelene nalokhu.





MAWUMISWE yisiShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali, kanje:-





ISAHLUKO 1

ISINGENISO



IZINCAZELO  



1. Kulo Mthetho, ngaphandle uma ingqikithi isho okwehlukile –

”uhlaka olunesibopho sokubika” kushiwo iBhodi njengalokhu kuhlongozwe kwiSahluko 3 soMthethosivivinyo eseyame ezihlinzekweni zoMthetho wokuPhathwa kwezimali zikaHulumeni;



“isikhulu esinesibopho sokubika” kushiwo umuntu oqokwe waba yisiKhulu esiPhezulu senkampani njengalokhu kuhlongozwe ekwisahluko 4 soMthethosivivinyo eseyame ezihlinzekweni zoMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni;



“imiklamo ehlanganyele” kushiwo imiklamo namabhizinisi ahlobene noma aqhamuke emklamweni we-Dube Tradeport aqalwe nguHulumeni wesiFundazwe, futhi ahlonzwe yiLungu loMkhandlu oPhethe ngesaziso ezishicilelwe kwiGazethi;



“iBhodi” kushiwo iBhodi yabaQondisi ehlongozwe kwiSahluko 3 salo Mthetho;



“isiKhulu esiPhezulu” kushiwo isiKhulu esiPhezulu seNkampani, esihlongozwe esigabeni 21; 



“iNkampani”  kushiwo i-Dube TradePort Corporation (Pty) Ltd iNombolo yokuBhaliswa ngu-2005/030980/07, inkampani ezimele esebenza ngokusemthethweni ngokuhlanganyela, njengalokhu kukhonjiswe esigabeni 20 soMthetho weziNkampani futhi yasungulwa esigabeni 2 salo Mthetho,



“uMthetho weziNkampani” kushiwo uMthetho weziNkampani, No. 61 ka 1973, futhi kubandakanya konke ukuchitshiyelwa kwawo;



“uMthethosisekelo” kushiwo uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, uMthetho 108 ka 1996, futhi kubandakanya nanoma yikuphi ukuchitshiyelwa kwawo;





“uMnyango” kushiwo uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nanoma yimuphi umnyango wesifundazwe othathayo omisebenzi yawo ibandakanya ukuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natali; 



“uMqondisi” kushiwo noma yimuphi umuntu osesikhundleni somqondisi noma obuye abambe njengomqondisi ongabizwa noma yingaliphi igama angachazwa ngalo, futhi oqokelwe kuleso sikhundla ngokweSahluko 3 salo Mthetho;

          

“uMkhandlu oPhethe” kushiwo uMkhandlu oPhethe esiFundazweni ohlongozwe esigabeni 132 soMthethosisekelo;



“iGazethi” kushiwo iGazethi kaHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali;



“iNhloko yoMnyango” kushiwo umuntu oqokwe njengenhloko yoMnyango ngokwesigaba 12 soMthetho kaHulumeni, (Isimemezelo 103 sika 1994);



“ukuhlomula okungaqondile” kubandakanya, kepha kungagcini nje, ngokuhlomula okungaqondile kwanoma yimuphi:-



Obambisene nomqondisi, oseBhizinisini nomqondisi, osebenzisana naye noma umqashi, ngaphandle koMbuso;



Oshade nomqondisi, umlingani ashade naye ngokwesintu, noma umuntu lowo umqondisi ahlalisana naye ndawonye noma yimuphi ahlalisana naye njengomuntu oshadile;



                               (iii)        Ingane, isihlobo, noma alamana nabo



"KwaZulu-Natali" kushiwo isiFundazwe saKwaZulu-Natal esihlongozwe esigabeni 103(1)(d) soMthethosisekelo;



"iLungu loMkhandlu oPhethe” kushiwo iLungu loMkhandlu oPhethe esiFundaweni saKwaZulu-Natali elibhekele ukuthuthukiswa komnotho esiFundazweni nanoma yiliphi elinye iLungu loMkhandlu oPhethe elikhethwe nguNdunankulu;



“isiShayamthetho” kushiwo isiShayamthetho sesiFundazwe njengoba kuhlongozwe esigabeni 105 soMthethosisekelo, futhi sinegunya lokushaya umthetho wesiFundazwe okuhlongozwe esigabeni 104(1) soMthethosisekelo;



“Ikomidi leziKhundla” kushiwo iKomidi leziKhundla lesiShayamthetho sesiFundazwe elibhekele ukuthuthukiswa komnotho;



“isiFundazwe” kushiwo isiFundazwe saKwaZulu-Natali esihlongozwe esigabeni 103(1)(d) soMthethosivivinyo;

	

“uHulumeni wesiFundazwe” kushiwo uHulumeni wesiFundazwe njengoba wakhiwe ngokoMthethosisekelo;



"uMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni" kushiwo uMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 29 ka 1999) nanoma yiziphi izichibiyelo zawo nemithethonqubo eyenziwe ngaphansi kwawo;



“uMthetho” kubandakanya imithethonqubo eyenziwe ngaphansi kwalokhu.





Inhloso yoMthetho

2.(1)	Inhloso yalo Mthetho ngukuhlinzekela –



(a) ukusungulwa nokubhaliswa kwenkampani ngokoMthetho weNkampani, ezobhekela amasu okuhlela, ukuqamba, ukwakhiwa nokusebenza kwe-Dube Tradeport Project kanye nanoma yimiphi eminye imiklamo ephathelene nayo.



(b) ukwakha isimo esigqugquzela ukuphatha  okuhlanganyele nesibopho sobika ngezezimali ngokoMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni;



(c) ukuqhubela phambili ukubophezeleka kwesifundazwe ekugqugquzelweni kokuthuthukiswa komnotho esiFundazweni, kanye nokuheha utshalomali lwesikhathi eside, nokugqugquzela ukungena nokuphuma kwempahla esifunadzweni ngokusetshenziswa kwe-Dube Tradeport, nokuhlinzekela izidingo zentuthuko yabantu besiFundazwe;



(d) ukuphathwa nokulawulwa kwe-KwaZulu-Natal Dube Tradeport Corporation.





ISAHLUKO 2

IDUBE TRADE PORT CORPORATION (PTY) LTD



Ukusungulwa kweDube TradePort Corporation (Proprietary) Limited 

3.(1) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ukuthuthukiswa komnotho kumele, ngokuvumelana noMkhandlu oPhethe – 



lenze ukuba kusungulwe futhi kubhaliswe inkampani, njengalokhu kuchaza koMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973) kuncike ekugunyazeni kukaMbhalisi weziNkampani, ezokwaziwa njenge KwaZulu-Natal Dube TradePort Corporation (Proprietary) Ltd; noma ngelinye igama eligunyazwe yiLungu loMkhandlu;



lithole futhi libe namasheya njengomuntu okunguye kuphela onawo egameni likaHulumeni wesiFundazwe kuleyo nkampani;



lenze leyo nkampani ukuba ibhaliswe njengomgwamanda kahulumeni onguHlelo 3 iNgxenye D ngokoMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No.1 ka 1999) njengoHlakao lweBhizinisi likaHulumeni wesiFundazwe.





Injongo yeNkampani

4.(1) Injongo yenkampani -



ukubhekela noma ukutshala izimali kwimiklamo ehlobene neDube Trade Port; 



ukuvumela ukwandiswa kotshalomali ezinkampanini ezizimele, ngokusebenzisa amabhizinisi aziwayo ngokusemthethweni; 



(c)   ukugqugquzela ukuthuthukiswa komnotho esiFundazweni;



(d)   ukuheha utshalomali lwesikhathi eside esiFundazweni;



(e)  ukugqugquzela ukuthunyelwa nokungeniswa kwempahla evela emazweni kusetshenziswa i-Dube Tradeport;

	

(f)    ukugqugquzela ukukhula komnotho nempumelelo; kanye



(g)   nokulungisa izidingo zokuthuthukiswa kwabantu besiFundazwe.





Amaqhaza nemisebenzi yenkampani

5.(1) Inkampani kumele –



(a) ibhekele amasu okuhlela, okusungula, okuqamba, okwakha, okusebenza, okuphathwa nokulawulwa koMklamo weDube TradePort nayo yonke imiklamo ehlobene nayo;



(b) isebenzise impahla yayo ngokuhambisana noHlelo lwayo oluyiNgqayizivele, futhi ohlakeni lweNqubomgomo kaHulumeni wesiFundazwe.



(2) Inkampani ingajutshelwa kumaqhaza nemisebenzi nguHulumeni wesiFundazwe.



(3) Inkampani akumele, ngaphandle kokuthola incwadi yemvume kuMkhandlu oPhethe –



(a) izithengele yona amasheya noma inikezele ngemali mboleko noma ikhokhele izibambiso zawo; 



(b) ithenge amasheya anoma yiphi inkampani; noma



(c) ibolekise noma inikeze imali yesibambiso esikweletini noma empahleni engenakususwa noma kubameli noma esinye isikweletu noma iyekele imali ngokuphathelene nalokho. 



ISAHLUKO 3

UKULAWULWA KWE-DUBE TRADEPORT CORPORATION



IBhodi yabaQondisi beNkampani

6.(1) IBhodi yabaQondisi iwuhlaka olunesibopho sokubika lwenkampani ngokwesigaba 49(2)(a) soMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni.



(2) Inkampani isebenza ngebhodi yabaqondisi.



(3) ILungu loMkhandlu oPhethe kumele, ngesaziso kwiGazethi kanye nasemaphephandabeni okungenani amabili aphuma esiFundazweni, limeme ukuba kuphakanyiswe abantu abazoqokelwa ebhodini lenkampani okumele kwenziwe ezinsukwini ezingama-21 zokushicilelwa kwesaziso.



(4) Isimemo sokuphakanyiswa kwabazoqokwa ngokwesigatshana (3) kufanele sibalule –



(a) umgomo osetshinzwayo wokuqoka;



(b) inqubo yeziphakamiso;



(c) okudingekayo ukuze uphakanyiswe; kanye



(d) nosuku okumele iziphakamiso zifinyelele ngalo kwiLungu loMkhandlu oPhethe.



(5) ILungu loMkhandlu oPhethe kufanele licubungule zonke iziphakamiso ezilethwe kulo ngesikhathi kuphendulwa kwesaziso.



(6) ILungu loMkhandlu oPhethe lingaqoka ithimba labantu abengeqile kwababili (2) abayizikhulu zomnyango kanye nezikhulu eziphezulu ezimbili (2) ze-Dube Tradeport ukuze libuyekeze zonke iziphakamiso ebeze lenza izincomo ngeziphakamiso kwiLungu loMkhandlu oPhethe.





Ukubunjwa, ukuqokwa nokukhokhelwa kweBhodi yabaQondisi

7.(1) ILungu loMkhandlu oPhethe kumele –



(a) ngemuva kokucubungula izincomo, uma zikhona, eziphuma ethimbeni okukhulunywe ngalo esigabeni 6(6), liqoke isibalo esingekho ngaphansi kwabathathu (3) futhi esingekho ngaphezu kwesishiyagalombili (8) sabantu, njengabaqondisi bebhodi.



(b) uma liqoka, kufanele liqinisekise ukulinganisa ukubandakanyeka ngokuthi libhekele ubulili nobuhlanga, kubantu abamele lemikhakha elandelayo –



(i) okungenani isikhulu esisodwa(1) esiphezulu, esiyinhloko ekubikeni  esiqhamuka emnyangweni njengelungu eliyisikhulu esibhekele eBhodini yabaQondisi; esizobhekela ukusebenza egameni likaHulumeni wesiFundazwe;



(ii) okungenani amalingu amabili (2), anolwazi nekhono ekuphathweni kwezimali;



(ii) abantu abasuka kweminye imikhakha okubonakala bedingeka ukuze kuqinisekiswe ukuqhubetshwa kwezinhloso zenkampani.



(2) ILungu loMkhandlu oPhethe kumele, ngesaziso kwiGazethi kanye nasemaphephandabeni okungenani amabili aphuma esiFundazweni, limeme izimvo zomphakathi ngohlu olufungqiwe lwamagama abantu abaphakanyisiwe ukuba zifakwe ezinsukwini ezingamashumi amabili nanye (21) kusukela ngosuku lokushicilelwa kwesaziso.



(3) Ngemva kokuphela kwesikhathi esinqunyiwe sezimvo zomphakathi okukhulunywe ngaso esigatshaneni (2) nokucutshungulwa kwanoma yikuphi okuthunyelwe, iLungu loMkhandlu oPhethe kumele ngokuhambisana nesigatshana (1)(a) liqoke isibalo sabaqondisi esidingekayo kwibhodi. 



(4) Ibhodi yabaqondisi, ngezikhathi ngezikhathi ingahlonza abanye abantu abazosebenza kwibhodi ngokuhambisana nememorandamu nezinjongo zenkampani futhi ngokufanele yenze izincomo kwiLungu loMkhandlu oPhethe zalokho kuqokwa. 



(5) Konke ukuqoka okwenziwe yiLungu loMkhandlu oPhethe kufanele kwenziwe ngemuva kokuxhumana nomkhandlu ophethe nekomidi elibhekele imisebenzi ephalamende elithintekayo.



(6) Umqondisi oqokelwe ebhodini uyokhokhelwa lelo holo kanye nezibonelelo njengoba kunganquma iLungu loMkhandlu oPhethe ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali.



(7) Umqondisi webhodi oyilungu lemisebenzi kahulumeni akufanele aholelwe imali ngaphezu kweholo lakhe, ngaphandle kwezindleko zokuhamba nazikhokhele zona ngemali yakhe eziphathelene nemisebenzi noma izinto ezenziwa yinkampani ngokuhambisana nenqubomgomo efanele  yezindleko zokuhamba nokuphila yoMnyango.





Ukuqokwa kukaSihlalo noSekela Sihlalo weBhodi

8.(1) ILungu loMkhandlu oPhethe kufanele liqoke usihlalo kanye nosekela sihlalo weBhodi.



(2) Abantu abaqokwe ngokwesigatshana (1) akumele babe ngamalungu akhethwe ngumphakathi kuhulumeni kuzwelonke, wesifundazweni noma emazingeni ohulumeni basekhaya.



(3) Lapho isikhundla sikasihlalo singenamuntu noma usihlalo engekho, engeke akwazi noma enqaba noma ehluleka ukusebenza njengosihlalo webhodi, usekela sihlalo unikwa igunya lokusebenzisa amandla, amalungelo, imisebenzi kasihlalo ngesikhathi kunesikhala esivulekile, engekho, engeke akwazi, enqaba noma ehluleka. 



(4). Lapho –



(a) amahhovisi womabili kasihlalo nosekela sihlalo enezikhala okwesikhashana ngenxa yokuphuza ukugcwaliswa kwalezo zikhala; noma



(b) bobabili usihlalo nosekela sihlalo bephuthile noma bengeke bakwazi noma benqaba noma behluleka ukwenza imisebenzi yabo; ngalokho,



amalungu asemhlanganweni kumele akhethe elinye ilungu elizobamba okwesikhashana njengosihlalo ngesikhathi kusenesikhala esisavulekile, engekho, engeke akwazi, enqaba noma ehluleka.





Isikhathi sokuba sesikhundleni kwabaqondisi beBhodi

9.(1) Ilungu liqokelwa eBhodini isikhathi esilinganiselwa eminyakeni emihlanu noma esingaphansi kwalokho njengalokhu iLungu loMkhandlu oPhethe linganquma. 



(2). Kunganqunywa izikhathi ezehlukene zokuba sesikhundleni ekuqokweni kwabaqondisi abehlukene.



(3) Umqondisi angabuye abe ngoqokelwa ebhodini okwesibili uma sekuphele isikhathi sokuba sesikhundleni, kodwa angeke asebenza njengomqondisi webhodi izikhawu ezingaphezulu kwezimbili.



(4) Umuntu oqokelwe ukuba agcwalise isikhala ebhodini uthwathwa njengomuntu osebenze iminyaka emihlanu (5) akade eyiqokelwe.





Ukuhoxiswa nokumiswa kokuqokelwa ebulungwini beBhodi

10.(1) Akekho umuntu ongaqokwa njengomqondisi weBhodi, noma uma eqokiwe kufanele ngokushesha amiswe ekutheni abe yilungu uma - 



(a) ecwile noma eba ngocwile ezikweletini ngokungenakuhlengeka;



(b) ekhombisa ukuba nomqondo ongaphilile kahle noma emenyezelwe yinkantolo njengomuntu ogula ngengqondo;



(c) enentshisekelo eqondile noma engaqondile kunoma yisiphi isivumelwano somsebenzi neNkampani ebese ehluleka ukuveza obala intshisekelo yakhe nohlobo lwayo ngendlela efunwa yilo Mthetho;



(d) ngemuva kokuqala kokusebenza kwesigaba 106(1)(e) soMthethosiselelo, eboshiwe noma eke waboshwa izinyanga ezingaphezulu kweziyi-12 ngaphandle kokuhlawuliswa, ngaphakathi kwi-Riphabhulikhi, noma ngaphandle uma ukuziphatha kwakhe kulelo cala bekungaba yicala kwi-Riphabhulikhi:  Kuncike ekutheni akekho umuntu ongathathwa njengogwetshiwe kuze kube uyaphendula ngecala noma uma isigwebo sesinqunyiwe, noma kuze kube kuphela isikhathi sokuvela. Ukumiswa ngaphansi kwale ndima kuphela ngemva kweminyaka emihlanu uma sekuqedwe isigwebo;



(e) eke wakhishwa ehhovisi ngenxa yokungaziphathi kahle;



(f)  ehlulekile ukuzihoxisa yena njengalokhu kudingekile ngokwesigaba 12;



(g) ebe nokubandakanyeka ekuziphatheni, ngokubona kweLunga loMkhandlu oPhethe okuletha noma kungafaka uMnyango, noma imisebenzi yebhodi noma inkampani ehlazweni noma okungehlisa isithunzi soMnyango, sebhodi noma senkampani; okanye 



(h) ehlulekile ukuqhuba imisebenzi yebhodi ngokuzinikela.



(2) ILungu loMkhandlu oPhethe lingamisa ukuqokwa komqondisi webhodi, ngemuva kokuqaliswa kwanoma yimaphi amalungelo ezokuphathwa omqondisi –



(a) kunoma yimiphi imibandela ehlinzekelwe esigatshaneni (1);



(b) ngokwezincomo zebhodi, nangezizathu ezizwakalayo futhi ezingachemile, ngesisombululo esivunywe ngevoti elesekayo okubili-kokuthathu labaqondisi bebhodi; noma

		

(c) ekuhlulekeni komqondisi ukuhambisana nezihlinzeko zalo Mthetho.



(3) ILungu loMkhandlu oPhethe kumele, ngokucela komqondisi webhodi omisiwe njengalokhu kuhlinzekwe esigatshaneni (1) limnikeze izizathu ezibhaliwe phansi  zokummisa emsebenzini.



(4) Noma yisiphi isikhala somsebenzi kwibhodi kufanele sigcwalise ingxenye esasele umqondisi azoqokelwa kuyona ngendlela efanayo naleyo umqondisi oshiyayo ayeqokwe ngayo.



(5) ILungu loMkhandlu oPhethe kumele, ekumiseni ukuqokwa njengalokhu kuhlongozwe kulesi sigaba, lazise umkhandlu weKomidi leziKhundla ngalokho kumiswa.





Ukwesula komqondisi webhodi

11. Umqondisi webhodi, noma ngasiphi isikhathi esingekho ngaphansi kwezinsuku ezingamashumi amathathu (30) efake isaziso, angesula kuncike ekutheni iLungu loMkhandlu oPhethe noma abamphakamisile bayasemukela isaziso sesikhathi esifushane lapho benelisekile ngokuthi ukwenza njalo angeke kulimaze ukusebenza kwebhodi okufanele.





Izikhundla zamalungu nokuhoxiswa kwamalungu

12.(1) Bonke abaqondisi beBhodi kumele bangabi ngabaqondisi abaphezulu.



(2) Bonke abaqondisi beBhodi kumele, uma bengena ezikhundleni nasekuqaleni njalo konyaka wezimali weNkampani, badalule ukuhlomula kwabo ngokwezimali kunoma iyiphi inkampani noma okunye ukuhlomula ngemisebenzi ngendlela ehlinzekwe esigabeni 234(3)(a) soMthetho weziNkampani.



(3) Ngokweyame ezihlinzekweni zesigatshana (4), lapho, mayelana nodaba oluphenywayo, olusacutshungulwayo noma oluvotelwayo yiBhodi, umqondisi enokubandakanyeka okuqondile noma okungaqondile okumvimbayo noma okungase kumvimbe ekwenzeni umsebenzi wakhe ngendlela enobulungiswa, engachemile nangendlela efanele noma lapho kungase kube nokwenzelela noma ukushayisana kwemibono, akumele abambe iqhaza ophenyweni, ekucutshungulweni noma ekuvoteni, futhi kufanele azihoxise yena uqobo lwakhe ophenyweni, ekucutshungulweni noma ekuvoteni.



(4) Uma nanoma kuliphi izinga ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi ngaphambi kweBhodi kuvela ukuthi umqondisi okhona emhlanganweni unokubandakanyeka noma angaba nokubandakanyeka okuhlongozwe esigatshaneni (3), lowo mqondisi kufanele ngokushesha adalule lokho kubandakanyeka ebese eshiya umhlangano ukuze abaqondisi abasele badingide lolo  daba ukuze banqume ngokuthi ingabe lowo mqondisi kufanele ahlangabezane nesigatshana (3) esingenhla. 



(5) Noma yikuphi ukudalula nokuthatha isinqumo okuhlongozwe kule ndima kufanele kuqoshwe kumaminithi omhlangano obanjiwe.



(6) Uma kuvela kamuva ukuthi umqondisi uhlulekile ukudalula ukubandakanyeka kwakhe okuhlongozwe esigatshaneni (3), umhlangano weBhodi uyothathwa njengongazange ube khona.



(7) Lapho umqondisi webhodi noma ilungu lomndeni noma asondelene nalo ehlangabezana noshintsho ekuhlomuleni ngakwezezimali noma okunye ukuhlomula okuhlongozwe kulesi sigaba, noma ethola ukuhlomula emiklamweni ye-Dube Tradeport, umqondisi webhodi kumele ezinsukwini eziyishumi (10) kusuka osukwini lwalolo shintsho lokuhlomula, alethe incwadi ebhaliwe edalula ushintsho lokuhlomula ngakwezezimali noma okunye ukuhlomula akutholayo kwiLungu loMkhandlu kwiLungu loMkhandlu oPhethe.





Ukwehluleka ukudalula ukuhlomula ngakwezimali noma kwezinye izinto

13.(1) Umqondisi ohluleka ukudalula njengoba kubekwe esigabeni 12, kuncike kwisigatshana (2) angahoxiswa ekubeni kwiBhodi.

(2) Inhloko yomnyango noma isikhulu esiphezulu senkampani uma sithola ukuthi umqondisi webhodi wehlulekile ukuhambisana nezihlinzeko zesigaba 12 kufanele senze uphenyo ngalolo daba ebese silwedlulisela kwiLungu loMkhandlu oPhethe ukuze lithathe izinyathelo ezifanele zokuqondiswa kwezigwegwe. 





Ukugcwaliswa kwezikhala zomsebenzi

14. Lapho kunesikhala somsebenzi esikhundleni sikasihlalo noma ezingeni labaqondisi bebhodi esivela noma ngasiphi isizathu, iLungu loMkhandlu oPhethe, kuncike ezihlinzekweni zalo Mthetho, lingaqoka umuntu noma abantu abazogcwalisa lezo zikhala zomsebenzi isikhathi esinqunywe yiLungu loMkhandlu oPhteh ngenkathi libaqoka.





Ukumiswa okwesikhashana kukasihlalo noma kwelungu

15. ILungu loMkakhandlu oPhethe lingamisa iLungu leNkampani ngenkathi lona lisaphenya ngezinsolo, uma zitholakala ukuthi ziyiqiniso noma kuthathwa ngokuthi ziliqiniso, lokho kungaholela ekutheni ukuqoikwa kwalelo lungu kumiswe ngokwesigaba 10.







Ukushicilelwa kokuqokwa kwabantu

16. Noma nini lapho liqoka usihlalo, usekela sihlalo noma umqondisi weBhodi, iLungu loMkhandlu oPhethe kumele lenze ukuba isaziso sishicilelwe kwiGazethi ngokushesha ngemva kokuqokwa esicacisa igama lomuntu oqokiwe, isikhundla aqokelwe kuso, usuku lokuqalisa ukusebenza nesikhathi asibekelwe sokusebenza.





Imihlangano yabaqondisi bebhodi yenkampani 

17.(1) IBhodi kumeele lihlangane okunenani kathathu ngonyaka ngezikhathi ezithile nasezindaweni ezithile ezinganqunywa yibhodi.



(2) Umhlangano wokuqala weNkampani kumele wenziwe ngesikhathi nasendaweni enganqunywa ngusihlalo.



(3) Usihlalo, noma uma engekho usihlalo, usekela sihlalo –



angabiza umhlangano oyisipesheli webhodi;

kufanele abize umhlangano oyisipesheli ophuthumayo ezinsukwini eziyishumi nane (14) ethole isicelo esibhaliwe esiphuma kumalungu okungenani amane ebhodi esimcela ukuba abize lowo mhlagano;



(4) Isibalo esivumeleke ukuba sibambe umhlangano weBhodi kuyoba yiningi lamalungu aqokiwe ngaleso sikhathi.



(5) Isinqumo seningi lamalungu akhona kulowo mhlangano webhodi kuyoba yisinqumo sebhodi, lapho kunamavoti alinganayo usihlalo uyokuba nevoti elinqumayo ukwengeza kulelo voti acheme nalo.



(6) Ibhodi, ngokubona salo, lingavumela amalungu omphakathi ukuba ethamele noma yimuphi umhlangano weBhodi.



(7) Inqubo yomhlangano wabaqondisi bebhodi kumele ibe njengoba kunqunywe yimemorandamu nezihloko inkampani ehlangene ngazo.



(8) Isikhulu esiphezulu senkampani kumele sihambele futhi sibambe iqhaza, kodwa angeke sivote emhlanganweni webhodi.



(9) Uma umqondisi webhodi, mayelana nanoma yiluphi udaba oluzocutshungulwa emhlanganweni webhodi, enokubandakanyeka okuvimbela lowo mqondisi ekutheni abe nobulungiswa, angachemi futhi enze ngendlela efanele maqondana namalungu ebhodi, umqondisi angeke –



avote noma abambe iqhaza nganoma iyiphi indlela kulowo mhlangano webhodi; noma

abe khona endaweni okubanjelwe kuyo umhlangano. 









Ukudluliselwa kwamandla eBhodi

18.(1) IBhodi noma ngesisombululo esipesheli lingadlulisela noma yimaphi amandla, imisebenzi elinikezwe yona kunoma yimuphi umsebenzi weNkampani, futhi ngokufanayo lingawahoxisa lawo mandla.



(2) IBhodi angeke liphucwe noma yimaphi amandla noma lehlukaniswe nanoma yimuphi umsebenzi okungase kube liwudlulisele.



(3) Noma yikuphi ukudluliselwa kwamandla okwenziwe ngokwalo Mthetho – 



kungenziwa futhi kuncike kunoma yimiphi imibandela enqunywe yiBhodi;



kufanele kubhalwe phansi;



kunganikezwa kanye namandla kokudluliselwa kuye ngokuncike kunoma yimiphi imibandela enqunyiwe (uma ikhona).





Amaminithi omhlangano

19.(1) IBhodi namakomidi lalo kufanele bagcine futhi balungise amaminithi aqondene nemihlangano yabo, futhi kufanele babe namakhophi amaminithi anikezwa abaqondisi abaqondene nayo.



(2) Amaminithi alungisiwe, uma esayinwa emhlanganweni weBhodi ngusihlalo, uma kungekho maphutha abonakalayo, ayothathwa njengerekhodi eliyiqiniso nelifanele lenqubo yomhlangano nezindaba eliziqukuthe zamaminithi, futhi liyokuba ngubufakazi obanele aleyo nqubo nezingxoxo  ngaphambi kwenkantolo yomthetho, kwesigungu noma kwekhomishana yezophenyo.





Imisebenzi yebhodi

20.(1) ILungu loMkhandlu oPhethe ngemuva kokubonisana neBhodi -



(a) 	lingahlela imikombandlela ezobheka izinjongo zeNkampani;



(b)	lingakhiphela iBhodi imiyalelo yenqubomgomo ebhaliwe; noma



(c)  	lingahoxisa noma lichibiyele noma yimiphi imiyalelo yenqubomgomo ekhishiwe



(2) Ibhodi kanye nesikhulu esiphezulu babhekele - 



ukuqinisekisa ukuthi izinqubomgomo ezifanele ziyasungulwa ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe kuzo zonke izindaba zokusebenza kwenkampanini;



ukunquma indlela yokuziphatha, ezosetshenziswa kubo bonke abasebenzi benkampani futhi esemthethweni ngenhloso yokuqhuba ukuqondiswa kwezigwegwe;



ukuqinisekisa ukusetshenziswa, okufanele nokunomphumela omuhle kwezomnotho kwezimali nezinsizakusebenza zenkampani;



ukugqugquzela nokugcina izinga eliphezulu lokuziphatha;



ukuvikela ukuba ukungqubuzana kwemibono;



ukuvikeleka kolwazi oluyimfihlo olugcinwe yibhodi; kanye



nokuqinisekisa ukuqhutshwa komsebenzi ngezinga eliphakeme, ngokwethembeka, ngobulungiswa, ngemigomo engenakho ukucwasa nokusebenza ngokungakhethi.



Ukumiswa kwayo yonke iBhodi 

20.A(1) ILungu loMkhandlu oPhethe elibhekele, kuncike esigatshaneni (2),   lingamisa ukuqokwa – 

(a) kwawo wonke amalungu eBhodi; noma 



(b) iningi lamalungu eBhodi, lokho kuwamisa okungenza iBhodi lingakwazi ukusebenza.



(2) Esimweni lapho iLungu loMkhandlu oPhethe iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezomnotho lisebenzisa khona amandla alo ngokwesigatshana (1), ngokwehluleka ukuhambisana nenqubo elandelwayo yokuqokwa kwamalungu eBhodi ebekwe kulesi Sahluko, lingaqoka abantu abazosebenza njengamalungu eBhodi okwesikhashana: Kuncike ekutheni -  

(a) abantu abaqokwe ngokwesigatshana (1) angeke bahlale eBhodini isikhathi esingaphezulu kwezinsuku ezingama-90 kusukela osukwini abaqokwe ngalo; futhi



(b) iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezomnotho, kuncike esigabeni 2, liyoqoka amalungu eBhodi ezinsukwini ezingama-90 kusukela okuqokweni okuhlongozwe esigatshaneni (2). 





ISAHLUKO 4

ISIKHULU ESIPHEZULU NABASEBENZI BE-DUBE TRADEPORT CORPORATION  



Ukuqokwa kwesiKhulu esiPhezulu senkampani	

21.(1) IBhodi ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe kumele liqoke umuntu ofanele njengesiKhulu esiPhezulu senkampani esizosebenza iminyaka emihlanu.



(2)IsiKhulu esiPhezulu singakwazi ukuqokwa futhi eminye iminyaka emihlanu elandelayo. 



(3) Ngokwehluleka ukuhambisana nezihlinzeko zesigatshana (2), nasekuboneni kweNkampani, iBhodi ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe, lingacubungula ukuphumelela kweSikhulu esiPhezulu ekutheni siphinde siqokwe esinye isikhathi njengoba kushiwo esigatshaneni (1) no (2), kuleso sikhathi eseluliwe njengalokhu kunganquma iBhodi ngokuxhumana neLungu loMkhandlu oPhethe.



(4) Ukuqokwa kwesiKhulu esiPhezulu kweyame ekuphothulweni kwesivumelwano sokusebenza esibhaliwe okungenwe kuso phakathi kwalowo muntu nebhodi yabaqondisi.



(5) Ibhodi yabaqondi nesikhulu esiphezulu, ngokubhaliwe nangokuvumelana, bangachibiyela isivumelwano sokusebenza.



(6) Ibhodi, ngemuva kokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe, ingamisa ukuqashwa kwesikhulu esiphezulu ngokuhambisana nomthetho osetshenziswayo wabasebenzi.



(7) Isikhulu esiphezulu kumele sikhokhelwe umholo nezibonelelo njengalokhu kunganquma iLungu loMkhandlu oPhethe ngokuxhumana neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali.



(8) iLungu loMkhandlu oPhethe kufanele futhi linqume imibandela yomsebenzi nemihlomulo enikezelwa isiKhulu esiPhezulu



(9) Isikhulu esiphezulu siyilungu elengezile lebhodi yabaqondisi elingenawo amandla okuvota.



(10) Izigaba 12 kanye no 13 zisebenza nezinguquko ezidingekile esikhulwini esiphezulu, ngaphandle kokuthi kufanele sidalule ukuhlomula noma ukushayisana kwemibonoebhodini yabaqondisi.





Ukumiswa nokuXoshwa emSebenzini kwesiKhulu esiPhezulu

22.(1) Isikhulu esiphezulu siyashiya ehhovisi – 



 uma sesula emsebenzini, lapho kuqala ukusebenza ukwesula;



uma ngokoMthetho weziNkampani, umuntu ophethe leso sikhundla ehoxiswa ekusebenzeni njengoMqondisi wenkampani;



uma sisuswa esikhundleni ngokwesigatshana (2).



(2) Kuncike esigatshaneni (3) iBhodi, ngemuva kokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe, ingasusa isiKhulu esiPhezulu emsebenzini – 



Ngenxa yokuziphatha kabi;



Ngokwehluleka ukwenza umsebenzi ophathelene nesikhundla sakhe noma ukuwenza ngokucophelela nangokuzinikela;

		

Uma, ngenxa yokugula emzimbeni noma emqondweni noma ukukhubazeka,  ophethe leso sikhundla engasakwazi ukuqhubeka nokwenza umsebenzi ophathelene nesikhundla sakhe ngendlela efanele.



 IsiKhulu esiPhezulu angeke sisuswe emsebenzini ngaphandle uma iLungu loMkhandlu oPhethe linokweneliseka ngokuthi ukususwa kwaso kunesidingo ezimweni ezikhona.



ILungu loMkhandlu oPhethe lingaqoka umuntu ongachemile ukuba enze uphenyo ngezinsolo ezibekwe isiKhulu esiPhezulu. 



(5) ILungu loMkhandlu oPhethe angeke lize lithathe isinqumo ngodaba ngaphandle uma iLungu loMkhandlu oPhethe linokweneliseka ngokuthi lowo muntu ongachemile –



usinikezile isiKhulu esiPhezulu ithuba elanele lokuziphendulela ngalezo zinsolo noma lokukhombisa imbangela yokuthi kungani sinesizathu esiqinile sokuthi singasuswa  emsebenzini (njengalokhu kungaba njalo), nokwethula umbiko nokunikeza noma yiyiphi incazelo kungathathwa njengokudingekayo; futhi,



ucubungule ngokufanele umbiko ngophenyo njengoyiqiniso noma onokucophelela, noma okunye, kwalezo zinsolo kanye /noma umbuzo wokuthi ngabe lezo zinsolo ziyanelisa noma cha ukuthi ziqinisekise ukususwa esikhundleni.



(6) IBhodi ngokuxhumana neLungu loMkhandlu oPhethe lingamisa isiKhulu esiPhezulu emsebenzini kusalindwe imiphumela yophenyo.





IBamba lesiKhulu esiPhezulu

23.(1) IBhodi ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe lingaqoka noma yimuphi umsebenzi weNkampani ongahoxisiwe ngokoMthetho weNkampani ekutheni abe nguMqondisi weNkampani, asebenze njengeSikhulu esiPhezulu ngesikhathi isiKhulu esiPhezulu sigula noma singekho, noma ngesikhathi kusekhona isikhala kuleso sikhundla noma obambe leso sikhundla emisiwe.



(2) Noma yimuphi umuntu oqokelwe ukusebenza njengesiKhulu esiPhezulu uyokwazi ukusebenzisa wonke amandla, ukwenza imisebenzi ebhekene noma ebekelwe isiKhulu esiPhezulu ngokwalo Mthetho, futhi ngokuncike kwizibophi zesiKhulu esiPhezulu.



(3) Noma yikuphi okwenziwa noma okwenziwe noma okungenziwanga yilowo muntu ngesikhathi sokuqokwa kwakhe kuyothathwa njengokwenziwa, okwenziwe, noma okungenziwanga yisiKhulu esiPhezulu.





Ukudluliselwa kwamandla kwesiKhulu esiPhezulu

24. IsiKhulu esiPhezulu, ngokugunyaza kweBhodi, singadlulisela noma yimaphi amandla aso, imisebenzi yalelo hhovisi kumsebenzi weNkampani, kuncike ekutheni ukudluliswa kwamandla angeke kuvimbe isiKhulu esiPhezulu ekusebenziseni amandla aso. 





Imisebenzi yesiKhulu esiPhezulu

25.(1) IsiKhulu esiPhezulu sibhekele -



 ukuphathwa kwenkampani kwansuku zonke, ngokuyalela kweBhodi;



 ukuhlanganiswa kohlelo nemibiko kwezimali nokusebenza ngokoMthetho wezokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No.1 ka 1999), ukuze kugunyazwe yiBhodi;

		

 ukuqokwa kwabasebenzi benkampani; 



 ukulawulwa, nokugcinwa kokuziphatha kwabasebenzi benkampani.



ukuqinisekisa ukuthi zonke izincwadi ezifanele zama-akhawunti namarekhodi adingekile aphathelene nalokho ziyagcinwa; 



ukuqinisekisa ukuthi isabelomali sonyaka sebhodi, izinhlelo zokusebenza, imibiko yonyaka nezitatimende  zezimali ezicwaningiwe ziyalungiswa futhi ziyahanjiswa eMnyangweni ngokuhambisana noMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No.1 ka 1999); kanye



nokunikezela eLungwini loMkhandlu oPhethe ukuze ligunyaze –



(i)  uhlelo lwebhizinisi lwenkampani, oluqukethe izinjongo ezicacile; kanye



(ii) nesitatimende senzuzo ephokophelelwe nezimali ezichithwayo, maqondana nonyaka olandelayo.



(2) IsiKhulu esiPhezulu siyisikhulu esinesibopho sokubika senkampani, futhi singumqondisi obhekele webhodi, ongenawo amandla okuvota.





Abasebenzi beNkampani

26.(1) Ngokugunyaza kweBhodi, isiKhulu esiPhezulu singaqoka abasebenzi beNkampani ukuze benze umsebenzi odingekayo, noma ovelayo uma kwenziwa imisebenzi yeNkampani ngokwalo Mthetho.



(2) Umholo, izibonelelo nemihlomulo yokusebenza yabasebenzi beNkampani iyonqunywa yiBhodi zikhathi zonke ngokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali.



(3) Noma yiliphi ilungu labasebenzi akufanele, ngaphandle kokuthola imvume ebhaliwe kwisiKhulu esiPhezulu, lenze noma yimuphi omunye umsebenzi oholelayo ngaphandle kokuqashwa kwakhe yiNkampani.



(4) INkampani kumele isungule futhi ilandele izindlela zokuziphatha kwabasebezi, ezifanele futhi ezinokulingana.



(5) Izigaba 12 kanye no 13 zisebenza kubasebenzi benkampani nezinguquko ezidingekile, ngaphandle kokuthi ilungu ngalinye labasebenzi kufanele lidalule esiKhulwini esiPhezulu ukuhlomula elinakho noma ukushayisana kwemihlomulo. 



(6) Ilungu labasebenzi benkampani akufanele lisebenzise isikhundla salo noma amalungelo alo, noma ulwazi oluyimfihlo eliluthole njengelungu labasebenzi benkampani, ukuze lizihlomulise lona noma ngokungafanele lihlomulise omunye umuntu.



(7) Ilungu lenkampani elehluleka noma elenqaba ukuhambisana nezinhlinzeko zalo Mthetho liyobhekana nokuqondiswa izigwegwe ngokomthetho osetshenziswayo nowabasebenzi kokuqashwa, kanye noMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999).



(8) IBhodi kufanele ligcine irejista yezinto ezivezwe obala abanezintshisekelo ngazo abasebenzi futhi kufanele lihlale njalo lilungisa irejista.





ISAHLUKO 5



IZIMALI, ISIBOPHO SOKUBIKA NOKUBA NAMASHEYA,



Ukwesekwa ngezimali

27.(1) Ukwesekwa ngezimali kwenkampani kuhlanganisa –



 izimali ezabelwe yisiShayamthetho ngokokusho kweSabelomali soMnyango; 



nanoma iyiphi inzuzo etholakale kwimiklamo ehlobene ne-Dube Tradeport nemiklamo ephathelene nayo; kanye



nanoma yimiphi eminye imithombo esemthethweni egunyazwe nguMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, njengalokhu uchitshiyelwe.



(2) Ibhodi kanye nenkampani kumele isebenzise izimali zayo ukukhokhela izindleko eziphathelene nokwenza imisebenzi yayo nokusetshenziswa kwamandla ngokwalo Mthetho.



(3) Isikhulu esiphezulu kumele, ngokuvumelana nebhodi, neLungu loMkhandlu oPhethe kanye neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali –



bavule i-akhawunti egameni lenkampani nesikhungo esibhaliswe njengebhange ngokoMthetho wezamaBhange, 1990 (uMthetho No. 94 ka 1990); futhi



siyifake lapho phakathi yonke imali etholwe ngokwesigatshana (1).



(4) IsiKhulu esiPhezulu kufanele siqinisekise ukuthi ibhodi ayizibophezeli kunoma yisiphi isibopho ngokwezimali eseqa isabelomali sayo nenzuzo engenile.





Unyaka wezimali

28.(1) Unyaka wezimali weNkampani uqala mhla lu-1 kuMbasa kulowo nyaka futhi uphela mhla zingama-31 kuNdasa onyakeni olandelayo.





Ukuhambisana noMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni

29.(1) INkampani iyoba yibhizinisi likahulumeni wesifundazwe njengalokhu kuhlongozwe esigabeni 1 soMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni.



(2) IBhodi, njengenesibopho sokubika eNkampanini, kumele, ngaphandle kokuchitha isikhathi, yazise uMnyango kaMgcinimafa kaZwelonke ngokubhaliwe ngokusungulwa kweBhodi futhi licele ukuthi lifakwe ohlelweni 3 kuMthetho  wezokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni.



(3) INkampani kufanele ihambisane nezihlinzeko zoMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni neMithethonqubo yoMnyango kaMngcinimafa ekhishelwe lokho ngezikhathi zonke.



(4) Ngaphandle uma noma kuze kube amasheya aphethwe yiLungu loMkhandlu oPhethe elibheke ezomnotho ngokwesikhundla salo enkampanini egameni likaHulumeni wesiFundazwe ngokwesigaba 33 ayehliswa, ayahlukaniswa phakathi noma ayadluliselwa ngokuhlongozwe esigabeni 33(5) ngokuhambisana nohlelo oluqukethwe kwimemorandamu nasezihlokweni ezihlanganise inkampani, okwenza inkampani ingabi ngaphansi "kolawulo lobunikazi" lukaHulumeni wesiFundazwe njengalokhu kuchaziwe kuMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999), izihlinzeko eziphathelene noMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999, ezisebenza "ebhizinisini likahulumeni wesifundazwe" kanye "nasohlakeni lukahulumeni wesifundazwe" njengalokhu kuchazwe kuMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, 1999, ziyasebenza enkampanini.



(5) INkampani angeke iboleke imali noma ifake imali yokuvikela, ikhave ngomshuwalensi noma ibambise, noma ingene kunoma yisiphi isivumelwano esibophezelayo noma esingabophezela iNkampani, ngaphandle uma lokho kuboleka, ukuvikela, ukukhava ngomshuwalensi, ukubambisa, noma okunye ukusetshenziswa kwemali kugunyazwe nguMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni, njengalokhu uchitshiyelwe.





Umbiko woNyaka

30.(1) INkampani kufanele, kungakashayi umhla zingama-31 kuNtulikazi kunyaka ngamuye, ilethe umbiko eLungwini loMkhandlu oPhethe ngezinto ezenziwe yinkampani ezinyangeni eziyishumi nambili eziphela mhla zingama-31 kundasa, lowo mbiko okufanele wenekelwe isiShayamthetho sesiFundazwe yiLungu loMkhandlu oPhethe kungakashayi umhla zingama-31 kuNcwaba njalo ngonyaka.



(2) Umbiko wonyaka kumele -



(a) ubeke ngokwethembeka isimo seNkampani okuyiso, imisebenzi yayo, imiphumela yezimali, ukusebenza kwayo maqondana nezinhloso ezazinqunyiwe nesimo sayo sezezimali ngokonyaka wezimali othintekayo;



(b) uhlanganise umbiko wabacwaningi mabhuku kulezo zitatimende;



(c) uhlanginse uMbiko weziMali woNyaka ngokuhlongozwe esigabeni 31; futhi



(d) uhlanganise eminye imininigwane njengalokhu iLungu loMkhandlu oPhethe ngokubhalwe phansi lingayidinga noma liyibalule.





UkuCwaningwa kwamaBhuku noMbiko weziMali woNyaka

31(1) Izincwadi zama-akhawunti neminye imininingwane yeNkampani kufanele icwaningwe nguMcwaningimabhuku-Jikelele noma inkampani yabacwaningimabhuku egunyazwe nguMcwaningi-mabhuku-Jikelele.



(2) Uma ilethwa umbiko wonyaka ngokuhlongozwe esigabeni 30, iNkampani kufanele futhi ilethe iziTatimende zeziMali zoNyaka ezicwaningiwe esigatshaneni (3), eziphathelene nonyaka wezimali.



(3) Izitatimende zezimali zonyaka kufanele zihambisane nanoma yiziphi izidingo zesishayamthetho sesifundazwe kanye nezikazwelonke ezikhona zokubika ngezimali nemisebenzi yokubika, kubandakanya uMthetho wokuPhathwa kweziMali zikaHulumeni.



(4) IsiKhulu esiPhethe esiPhezulu kufanele ezinyangeni ezinhlanu (5) zokuphela konyaka wezimali silethe eLungwini loMkhandlu oPhethe umbiko wonyaka ngezinto elizenzile ngalowo nyaka nezitatimende ezicwaningiwe, eLungwini loMkhandlu oPhethe ukuze lizivume ebese lizenekela isiShayamthetho.





UMthetho weziNkampani

32. INkampani, abasebenzi bayo nabaQondisi kufanele ngaso sonke isikhathi basebenze ngokuzimisela, bahambisane nezihlinzeko zoMthetho weziNkampani.





Isamba samasheya nokuPhathwa kwamaSheya

33.(1) Isamba samasheya eNkampani ayoba ngu-R1000-00 (inkulungwane yamarandi) ahlukaniswe aba ngamasheya ayinkulungwane ajwayelekile ka R1-00 (ishumi) lilinye futhi esokuqala isamba samasheya esikhishiwe senkampani siyoba namasheya ayikhulu.



(2) UHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali nguye kuphela onamasheya eNkampanini.



(3) ILungu loMkhandlu oPhethe lisebenzisa amandla nemisebenzi kaHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali njengophethe amasheya eNkampani.



(4) INkampani angeke ithole, idlulisele, idedele, idayise noma okanye ihlele ukuchitha inzuzo enkulu noma inzuzo kunoma yini noma idayise ibhizinisi ngaphandle kokutholaimvume yeLungu loMkhandlu oPhethe, elinganquma izimo nemigomo yalokho kuthola, kudlulisela, kudedela, kudayisa noma yalokho ukuchitha.



(5) Inani selilonke lamasheya akhishiwe nanikezelwe enkampanini kufanele, zisuka nje, kokubili isibalo nenani lawo kunqunywe ngumkhandlu oPhethe.



(6) ILungu loMkhandlu oPhethe ngokuxhumana noMkhandlu oPhethe, nangokuqhutshwa kwezinjongo zalo Mthetho ngaso sonke isikhathi - 



(a) lingenyusa isamba samasheya enkampani uma licabanga ukuthi ayaheha futhi inkampani izozuza ngakho;



(b) lingehlisa, lihlukanise, noma lidlulise noma iyiphi ingxenye yalawo masheya,  noma wonke noma ingxenye ethize, uhlobo oluthile noma umkhakha othile enkampanini kunoma ngabe ngubani noma ezinkampanini ezigxile ikakhulukazi ekuQiniseni uMnotho wabaNsundu. 







ISAHLUKO 6

NEZIHLINZEKO EZEJWAYELEKILE NEZINGXUBEVANGE



Amacala ajwayelekile nezinhlawulo

34. Noma yimuphi umuntu owephula noma yiziphi izihlinzeko zalo Mthetho uyobekwa icala futhi, uma etholakala necala, uyohlawuliswa, noma agwetshwe isikhathi esingeqile eminyakeni emihlanu noma ahlawuliswe ngendlela ezonqunywa nguMthetho weziNkampani.





Imithethonqubo

35.(1) ILungu loMkhandlu oPhethe ngemuva kokuxhumana neKomidi leziKhundla, nangokukhipha isaziso kwiGazethi, lingenza imithethonqubo maqondana nezindaba eziphathelene –



 Nokumenywa kwabazophakanyiselwa ukuqokelwa kwiBhodi;



 Imibandela nemigomo yokuqokwa kwamalungu eBhodi, 



 Izimali nezibonelelo ezikhokhelwa usihlalo, usekela sihlalo namalungu eBhodi;



 Imibandela nemigomo yokuthi inkampani isebenzise ama-ejenti, izinkontileka nenkampani yabaxhumanisi;



 Amandla, imisebenzi yabasebenzi bakahulumeni abasiselwe eNkampanini;



Ukukhokhelwa kweNkampani izimali noma izindleko ezivelayo ngokuqopndile noma ngokungaqondile kunoma yimiphi imisebenzi ehlinzekiwe noma etholwe iNkampani;



Izinqubo nezindlela nezinhlelo zokuhlolwa kokusebenza kweNkampani;



Noma yiluphi udaba oludingekayo noma oluhambisana namandla, imisebenzi yeNkampani;



Izivumelwano zokusebenzisana neminyango kahulumeni noma imigwamanda kahulumeni;



Izilinganiso zokuhlinzekela  ukutholakala kolwazi emphakathini ngezinhlelo ze-Dube TradePort;



Imihlangano nendlela yokusebenza kweBhodi;



Ezinye izindaba ezidingekayo noma ezengeziwe ekusungulweni, ekudidiyelweni naseqalisweni kwezinhloso zalo Mthetho;



Amandla nemisebenzi yabaqondisi bebhodi yenkampani, kuncike ekutheni imithethonqubo kufanele iqukathe -



(i)   izihlinzeko ezifanele zoMthetho weziNkampani, 1973 (uMthetho No. 61 ka 1973); kanye



(ii) nememorandamu nezihloko ezihlanganyelwe yinkampani



Nanoma yiluphi olunye udaba olunesidingo sokuqalisa izihlinzeko zalo Mthetho.





Ukuhlakazwa

36. INkampani angeke ihlakazwe ngaphandle koMthetho wesiShayamthetho sesiFundazwe.





Isihloko esifingqiwe nokuqaliswa   

37.(1) Lo Mthetho ubizwa ngokuthi uMthetho waKwaZulu-Natali we-Dube Tradeprt Corporation, 2008.



(2) UMthetho uyoqala ukusebenza uma ususayindwe nguNdunankulu wase ushicilelwa kwiGazethi.

