Isicelo sokujoyina i-learnership uma ungasebenzi
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokujoyina ilearnership uma ungasebenzi
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Isicelo sokujoyina ilearnership uma ungasebenzi
Isicelo sokujoyina i-learnership uma ungasebenzi
Isimo
Ubani ongenza isicelo?
Noma ngubani oqede isikole, ikholishi noma iyunivesithi nakhona ongasebenzi. Abantu abangasebenzi kumele babhalise njengabantu abafuna umsebenzi kuMnyango wezeMisebenzi.
Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi.
Inqubo okumele ilandelwe
Cabanga ngohlelo loqeqesho kanye nomsebenzi owufunayo. Ngamanye amagama, uma uthanda ukuba ngaphandle, ungenzi isicelo somsebenzi osetshenzwa ngaphakathi ehhovisi.
Yenza i-CV enikeza imininingwane ngawe siqu efana nokulandelayo:
Igama lakho kanye nosuku lokuzalwa
Imfundo, isikole owafunda kuso kanye namakhwalifikheshini akho
Isipiliyoni somsebenzi, igama labaqashi oke wasebenza kubo nomsebenzi owawuwenza.
Amanye amakhono onawo, afana nekhono lekhompyutha, ukuthi ngabe unelayisense yokushayela, nokunye.
Orefri (referees) (amagama nemininingwane yabantu abakwazi kahle emsebenzini noma ezifundweni zakho)
Bhalisa njengomuntu ofuna umsebenzi esikhungweni sezemisebenzi (labour centre) esiseduzane nawe. Lokhu kuzosiza abaqashi ukuthi bakuthole uma befuna ukusungula i-learnership.
Xhumana nama-SETA ukuthola ukuthi ngabe yibaphi abaqashi abanama-learnership.
Cela abangani nomndeni ukuthi bakubhekise lapho kunezithuba zemisebenzi kumanyuziphepha.
Xhumana nesikhungo sezemisebenzi i-labour centre ukuze ufakele imininingwane yakho emisha uma ishintshile.
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Ubude bama-learnership buyahlukahlukana, kodwa kuvamise ukuthi kungabi ngaphansi konyaka.
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Sicela ufakela isifundazwe
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
