

Isicelo sesitifikedi sokukhombisa ukuba msulwa ngokuhlolwa kweminwe

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  itholakala kubantu abadinga ukuthola isiqiniseko ngesimo sabo kwezobugebengu, ngoba befuna ukulishiya leli baye kwelinye izwe, noma befuna ukuyosebenza kwilizwe langaphandle isikhathi eside.

Isitifikedi sizokhishwa sichaze ukuthi ngabe kukhona yini amacala obugebengu arekhodiwe ngomenzi wesicelo.

Ngisho noma ukugxivizwa kweminwe kwenziwa esiteshini samaphoyisa esiseduzane, ukuhlaziywa kweminwe kanye nokukhishwa kwesitifikedi kwenziwa kuphela esikhungweni samarekhodi obugebengu se-SAPS Criminal Record ePitoli.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Nikeza ngezigxivizo zayo yonke iminwe yakho, ezizothathwa esiteshini samaphoyisa esiseduzane nawe, kwabe-SAPS Criminal Record Centre. Qinisekisa ukuthi amagama akho agcwele, isibongo, usuku lokuzalwa, indawo owazalelwa kuyo, kanye nenombolo kamazisi  kufakelwa kwifomu leminwe.
Hamba nomazisi wakho esiteshini samaphoyisa ngoba kuzofuneka ubufakazi bobuwena.

Sicela uqaphele ukuthi ezinye iziteshi zamaphoyisa zamukela izicelo ngamahhora okusebenza kuphela .

Izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezihlala ngaphandle kwezwe zingenza izicelo eziteshini zamaphoyisa kulawo mazwe ezikuwo noma kumanxusa eNingizimu Afrika . Imigxivizo yeminwe ingathathwa kwifomu eligunyaziwe lalelo lizwe. Ifomu lemigxivizo yeminwe kumele lisayinwe yilowo muntu okuthatha imigxivizo yeminwe. Imigxivizo yayo yonke iminwe kanye nekhophi likamazisi lomenzi wesicelo noma ipasipoti, lokhu kumele kuhambisane nesicelo.
Isiteshi samaphoyisa sizohambisa isicelo kwabe-Criminal Record Centre. Kwizimo eziphuthumayo, umenzi wesicelo angaposela isicelo ku:
The Head of the South African Criminal Record Centre

Private Bag X308
Pretoria
Gauteng
South Africa
0001
Isicelo singahanjiswa nangesandlu ku:
The Head of the South African Criminal Record Centre

Sanlam Plaza West
CRC Client Service Centre
1st Floor
271 Schoeman Street
Pretoria
Ukukhokhela inkonzo kungenziwa ngesheke eliqinisekiswe yibhangi  noma nge-money order, egameni le-National Commissioner of the South African Police Service.
Isitifikedi sokuba msulwa sizokhishwa mahhala, uma sicelwa kungakapheli izinyanga eziyisithupha zesicelo sokuqala. Ngoba izitifikedi zigcinwa kumarekhodi izinyanga eziyisishagalolunye  kuphela, kumele kwenziwe isicelo esisha ngemuva kwezinyanga eziyisishagalolunye .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Police Service Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isitifikesi singakhishwa kungakapheli izinsuku ezingu-28. Izitifikesi ezidingekayo zizothunyelwa kumenzi wesicelo ngeposi elivamile, ngaphandle kokuba kwenziwe amalungiselelo okuzothatha amadokhumende ngumuntu siqu, noma kwenziwe amalungiselo okuthunyelwa nge-courier service , ekhokhe kwabe-Criminal Record Centre.

Phezulu

Izindleko

R59

Ukukhishwa futhi kungakapheli izinyanga eziyisithupha  kwenziwa mahhala.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu afanele okugxivizwa kweminwe agcwaliswa yisikhulu sephoyisa.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


