﻿

Isicelo sokunweba noma ukushintsha imvume yokusebenza yomsebenzi oqashiwe

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  ngeyabantu abanemvume abafuna ukunweba isikhathi noma ukushintsha imvume yabo yokusebenza. Isicelo sokunweba noma ukushintsha kumele senziwe emavikini ayisishagalombili ngaphambi kokuba kuphele isikhathi semvume. Izimvume eseziphelelwe yisikhathi ngeke zanwetshelwa isikhathi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

gcwalisa ifomu le-BI-159. Hamba uye kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya . Yenza isicelo kwinxusa  noma i-mission uma ungaphandle kwezwe
abaqashi kumele bagcwalise kuma-ayithemu ka-6 no-6.1 wefomu lesicelo
abaqashi kumele basayine isifakazelo  kanye nokufakela isitembu senkampani
uma kungenasitembu, ukuqashwa komuntu kumele kuqiniswe ngokubhala incwadi eceleni kwi-letterhead yenkampani
fakela isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa 
fakela ikhophi yekontraki yomsebenzi esemthethweni
uma kusebenza, fakela ubufakazi bobhaliso  nenhlangano yezeprofeshini efanele.
fakela into ekhombisa amaplani angekusasa omenzi wesicelo
fakela isikhangiso  yesikhundla uma kuzongezelwa isikhathi sekontraki yakuqala yomsebenzi
fakela umbiko wenqubekela phambili ngokuthi ngabe izakhamizi zaseNingizimu Afrika/ abanelungelo lokuhlala unomphela, baqeqeshiwe yini noma bayaqeqeshwa.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela izinsuku ezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R 1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for extension of the validity  of an existing permit)  kwemvume ekhona, BI-159)

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


