
Isicelo seMvume yokuthumela izinto ngaphandle



Izincazelo

Imvume yokuthumela impahla ngaphandle idingeka ukuqinisekisa ukuthi umuntu siqu noma inhlangano enenhloso yokuthumela izimpahla ngaphandle ilandela imibandela ethize ebekiwe kanye nokulandela imibandela yezivumelwano zamazwe omhlaba. Izivume zokuthumela impahla ngaphandle zisiza ukulawula ukuthi impahla ephumayo ingeyohlobo olubalulekile nakhona ukuthi kungashushumbisiwa impahla kanye nempahla eyebiwe.

Umgomo osebenzayo kwizimpahla ezingeniswayo nezithunyelwa ngaphandle wehlukile kumkhakha nomkhakha. Kanti futhi, izimpahla eziningi ezintsha azifakelwa kwinqubo yolawulo lwezimpahla ezingenayo. Ngakho-ke, uma udinga ulwazi ngomgomo maqondana nokungeniswa kanye nokuthunyelwa kwezimpahla ezithile, sicela unikeze ihhovisi le-Import and Export Control elitholakala kwabe-Department of Trade and Industry, imininingwane yempahla ofuna ukuyingenisa ngaphakathi noma ukuyithumela ngaphandle.

Akuyizo zonke izimpahla  noma imikhiqizo  angeniswayo noma athunyelwa ngaphandle adinga inqubo yolawulo. Kodwa-ke zonke izinto ezisetshenziselwa impahla noma udoti, kanye nezikrebhe kungaphansi kwenqubo yolawulo longenisa impahla . Uhla lwempahla engaphansi kolawulo lwezimpahla ezingeniswayo kanye nezithunyelwayo luyatholakala. Uma ufakele imininingwane yokuxhumana nawe, ungathunyelelwa uhla ngeposi, ngefekisi noma nge-email.

Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwi-website ethi: International Trade Administration Commission


Izinyathelo okumele zilandelwe

Xhumana nabe-International Trade Administration Commission.
Gcwalisani ifomu lesicelo ongalitholakala kuphela kwabe-Department of Trade and Industry .
Isicelo kumele sithunyelwe kwabophiko abe-Directorate ye-: Import and Export Control.
Umthetho osetshenziswayo


) 

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezintathu ukubhekana nesicelo sakho semvume yokuthumela impahla ngaphandle.

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for export permit: motor vehicle

Application for export permit: ferrous and non ferrous waste and scrap

Application for an export permit general goods



Indawo nendlela yokuxhumana


