﻿
Isicelo semvume yohlelo lokushintshisana kwezamasiko/ezomnotho/kanye nezenhlalisano yabantu
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokushintshisana ingakhishwa kumuntu wangaphandle obamba iqhaza kwezokushintshisana kuhlelo lwezamasiko, ezonomnotho nezenhlalisano yabantu, olugqugquzelelwa noma oluphethwe yinhlangano yangaphandle noma umkhakha wumbuso, noma umkhakha wesikhungo semfundo ephakeme ngokuhambisana nomkhakha kahulumeni wangaphandle. Yenza isicelo semvume yokushintshisana kwinxusa  yaseNingizimu Afrika noma kwi-mission eseduzane nawe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI-1738.
Fakela ipasipoti yakho kanye nesicelo.
Khipha incwadi ye-entity, yenhlangano, noma umndeni lapho ofuna ukuyokwenza khona uhlelo eNingizimu Afrika, eqinisa isimo noma ubukhona balolo hlelo lokushintshisana. Incwadi kumele ibe wubufakazi bokuthi ukufanele ukubhalisela  noma ukubamba iqhaza kuhlelo, kanti futhi kumele kukhombise ukuthi i-entity, inhlangano noma umndeni uzobhekana nawe ngesikhathi uhlezi eNingizimu Afrika.
Ukuthola incwadi evela kumkhakha kahulumeni ofanele noma ovela kwinhlangano esekelayo  ezweni lakini, eqinisa isimo noma ubukhona bohlelo lokushintshisana neNingizimu Afrika kanye neqiniso lokuthi wamukelwe ukubhalisa kuhlelo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  (Umthetho wezabahambi ababuya ngaphandle

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sithatha izinsuku zokufinyelela kwezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



, BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


