
Ukucela ikomiti lezinkonzo ezibalulekile  abalulekile ukwenza uphenyisiso ukubona ukuthi yonke inkonzo noma ingxenye yayo iyinkozo ebalulekile    

Isimo

Inkonzo  ebalulekile, yinkonzo okuthi uma iphazamiseka, lokhu kufakele impilo engozini noma kuphazamise impilo yabantu.

Ngesikhathi sesiteleka, noma yiluphi uhlangothi oluyingxenye yempikiswano ngokunye kwezinto ezilandelayo, lungathi ngokubhala ludlulisele impikiswano kukomidi lezinkonzo ezibalulekile:

ngisho noma inkonzo ingabalulekile noma cha;
ngisho noma umsebenzi noma umqashi ukwinkonzo ebekwe njengebalulekile.

Uhlangothi oluhambisa impikiswano kwikomidi lezinkonzo ezibalulekile, kumele lenze isiqiniseko sokuthi ikhophi yesicelo esihanjisiwe inikezwa nezinye izinhlangothi ezithintekayo kwimpikiswano. Ikomidi lezinkonzo ezibalulekile  abalulekile kumele libheke impikiswano masishane ngendlela okungakhonakala ngayo.

Izinkonzo  ePhalamende, Inkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika kanye nawezeMpilo ngabalulekile.

Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi.

Inqubo okumele ilandelwe 

Gcwalisa ifomu le-LRA4.2, Thumela impikiswano ukuze kuyokwenziwa isinqumo ngokuthi ngebalulekile .

Fakela ikhophi yesitifikedi sesigunyaziso esikhona kwifomu lesicelo.

Nikeza uhlangothi oluthintekayo ikhophi yaleli fomu.

Nikeza ubufakazi bokuthi ikhophi yaleli fomu inikezelwe kolunye uhlangothi, ngokubufakela:

Ikhophi lesilipi sokurejista ePosini; noma

Ikhophi lesiliphi esisayiniwe uma ifomu lihanjiswe ngesandla; noma

isitatimende esisayinelwe esivela kumuntu odilive ifomu ukuqinisekisa ukuthi lokhu kwenziwe; noma

Isiliphi sesiqinisekiso sokuthumela ikhophi ngefekisi, noma obunye ubufakazi obunelisayo bokwenza lokhu.


Thumela ifomu kwi-Essential Services Committee, uliqondise kwabe-Commission for Conciliation Mediation and Arbitration .




Umthetho osetshenziswayo 



Labour Relations Act, 1995 , Section 70  
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Azoncika kwizinhlangothi ezithintekayo ngokumemezela ukuthi izinkonzo  ngabalulekile.

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Referring disputes for determination as an essential service, Form LRA4.2 (Ukuthumela impikiswano ngokuthi ngabe inkonzo ingebalulekile 
Indawo nendlela yokuxhumana


