

Isicelo sokwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa ukuze uyikhulise




Izincazelo

I-adopshini isho ukwamukela ukuba ngumgadi ngokomthetho wengane, ngokulandela inqubo yosiko nesemthethweni yengane engeyabanye abazali ngokuzalwa. Ingane engeyona eyakho ngokuzalwa oyithathayo ukuze uyondle  uyithathe kubazali bayo ebese ibekwa ngokomthetho kubazali abangabanakekeli, noma endaweni yokunakekelwa kuyo .

Ingane ingamukelwa engeyona eyakho ngokuzalwa. Ingamukelwa

wumyeni nonkosikazi wakhe ngokuhlanganyela;
umfelwa noma umfelokazi
umuntu ongashadile noma umuntu odivosile;
umuntu oshadile, owakwakhe ongumzali wengane; noma
ubaba ngokuzala wengane ezalelwe ngaphandle komendo.
Uma ufuna ukwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa , kumele uhlangabezane nezidingo ezilandelayo:

Kumele ube nezindlela zokunakekela  kanye nokukhokhela imfundo yayo.
Kumele ube negama elihle, ube ngumuntu omuhle nofanele ukuthenjwa nokunakekela ingane.
Uma umzali wengane eyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, nawe kumele ube yisakhamuzi saseNingizimu Afrika nakhona uhlala eNingizimu Afrika.
Uma ungesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika, kumele kube ukufanele  ukuba yisakhamuzi noma usuwenze isicelo sokuba yisakhamuzi.


Ukwamukela ingane ngendlela yemfihlo , lapho khona abazali abangavunyelwe ukuwazi ukuthi ngobani abantu abathatha lengane ukuyinakekela, noma lapho abanakekeli bezohamba ngemuva kokuthatha ingane, kulawulwa yisigaba 18 somthetho wonakekelo lwezingane iChild Care Act, 1983, nakhona kungenzeka uma inkantolo yezingane yeneliseka ngokuthi lokhu kuzoba yinzuzo enganeni nokubonelela kakhulu isidingo sengane.

Uma inkantolo yezingane ibeke ukuthi ingane noma izingane zidinga unakekelo kanye nokuvikelwa, umantshi wenkantolo yezingane uzobeka lezi zingane kunakekelo, endaweni ehlala izingane, esikoleni semboni noma endaweni yokuvikeleka. Kodwa, ingane noma izingane zingabekwa ngaphansi konakekelo lomzali, umnakekeli noma umgadi, lapho ezizoba ngaphansi kweso  kasonhlalonhle. Kulesi simo, aboMnyango wezeNtuthuko yaBantu bakhokhela umzali onakekela ingane imali yosizo lomxhaso , kubazali abanakekela ingane.

Isiphakamiso sokwamukelwa kwengane kumele kube ngesibonelela isidingo sengane kanye nokuba yinzuzo ekuphileni kahle kwengane.


Ukuthola olunye ulwazi, ngena kwi-website ethi: uMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha, yaboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthetosisekelo. 

Izinyathelo okumele zilandelwe 

Hamba uye kumabhalane wenkantolo yezingane kudistriki lapho ingane ehlala khona.
Gcwalisa i-Form 11, Application for the adoption of a child , kungane nengane ofuna ukuyamukela.
Fakela ifomu kanye nokulandelayo
isitifikedi esiqinisekisiwe sikamazisi  yomenzi nomenzi wesicelo kanye nesitifikedi sokuqala sokuzalwa , noma umazisi wakuqala wengane nengane okumele yamukelwe ngabanakekeli;
Form 12b, Adoption of foster child: I-Form 12b, Ifomu lokwamukelwa kwengane ukunakekelwa ngabanye) statement by foster parent  esiqukethe isitatimende esibhalwe ngumzali ongumbelethi wengane uukthi akafisi ukunakekela ingane; kanye
lapho kusebenza khona i-Form 12, Consent by parent or guardian to the adoption of a child  esiqukethe ukuvuma kwabazali okubhaliwe ngokwemukelwa kwengane ngomunye , kanye ne-Form 13, Consent by child to adoption , okuqukethe ukuvuma kwengane okubhalwe phansi.
Ukuvuma kokwemukala ingane ngomunye ukuze inakekelwe, kumele kutholakale kwabalandelayo:

Abazali bengane bangempela

Umama wengane ezalelwe ngaphandle komendo

Ingane ngokwayo, uma ingaphezulu kweminyaka engu-10; kanti inkantolo kumele yeneliseke ukuthi ingane iyaqondisisa ngokubunjalo kanye nokubaluleka kwalokho kuvuma.
Umzali owemukele ingane ukuze ayinakekele , onakekela leyo ngane, uma umzali engakenzi isicelo sokwamukela leyo ngane ukuyinakekela . Uma umzali owemukela ingane  ukuyinakekela ehluleka ukunikeza ukuvuma kwakhe kokwamukela ingane esikhathini esiyinyanga, ngemuva kokuba ecelwe ukwenza kanjalo ngumsizi enkantolo yezingane, inqubo ye-adopshini ingaqhubeka ngaphandle kokuvuma kwakhe okudingekayo.


Akukho ukuvuma okubhaliwe okudingekayo ngaphansi kwezimo ezilandelayo.


Uma abazali bokuzala bengane beshonile kanti kungekho muntu oqokwe ukugada ingane

uma umzali

engakwazi ukuvuma ngenxa yokuthi ugula ngengqndo;

eshiye ingane, kanti futhi engaziwa ukuthi ukuphi;

elimaze ingane noma eyiphathe kabi ingane, noma evumele ingane ukuthi ilinyazwe noma iphathwe kabi;
ebangele ukuthi noma esize ukuthi ingane ihuhwe ngezocansi, ithwale ngempoqo, noma ukuthi ingane ifakelwe kwezokuthengisa ngomzimba ; noma ebangele noma ukusiza ingane ukuthi yenze izenzo zemikhuba nezimbi;

uma umzali wengane, ngokulandela isigaba 16 ifakelwe ngaphansi konakekelo lomzali womnakekeli , noma iyingane efuna esikoleni sendawo yezingane noma esikoleni semboni; noma
egodla ukuvuma kwakhe ngesizathu esingazwakali.


Imithetho nemigomo 

Child Care Act, 1983  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi kanye nesikhathi sokwenziwa komsebenzi

Ukugunyazisa ukwemukelwa kwengane ngomunye ongeyena umzali  kuvame ukuthatha isikhathi eside kanti kungathatha isikhathi eside nakakhulu uma udaba luyisixaka-xaka .

Izindleko 

Maqondana nezindleko zemibuzo, xhumana nama-ejensi afanele okugunyazisa ukwamukelwa kwezingane, izinkantolo zeZingane kanye nabehhovisi lezeNtuthuko yaBantu.

Amafomu okumele agcwaliswe

Form 11: Application for the adoption of a foster child 



Form 12: Ukuvuma komzali noma komgadi ukugunyaziswa kokwamukela unakekelo lwengane engeyona eyakho ngokuzalwa 




Form 12A: Ukuhoxisa ukuvuma kokugunyaziswa kokufakelwa kwengane kunakekeklo ngumzali noma umgadi wengane.





Form 12B: Ukwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa: isitatimende ngomzali ongeyena umzali ngokuzala

Imininingwane yokuxhumana 

Uhla lwezinkantolo zomantshi








