

Ukwenza isicelo sokusebenza kwiNkonzo yukuSebenzela uHulumeni

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Izikhundla zemisebenzi kwiminyango kazwelonke neyezifundazwe  zigcwaliswa ngokufuna abasebenzi ngokucela abantu ukuthi benze izicelo, kulabo abangasebenzeli uHulumeni. Izikhundla zemisebenzi kwizikhundla eziphezulu, emkhakheni wezokuphatha ophezulu, kumele zikhangiswe kuzwelonke ngaphakathi nangaphandle kweNkonzo yokusebenzela uHulumeni.

Izikhundla zikhangiswa kwi-Public Service Vacancy Circular eqokelelwa njalo ngeviki ngaboMnyango wemisebenzi kahulumeni nezokuphatha . Uma kufunwa abantu abangasebenzeli uHulumeni, lowo Mnyango kazwelonke noma wesifundazwe  uzokhangisa ngalezo zikhala zemisebenzi kwabezindaba zamaphepha.

I-website yekheli elithi: Public Service Vacancy Circular, yazisa abasebenzi bakahulumeni ngezikhundla zemisebenzi ezikhona ngaphakathi kweNkonzo yemisebenzi kaHulumeni. Abantu abangasebenzeli uhulumeni, kodwa abathokozela izikhundla ezikhangisiwe, kumele baqale babuze kulowo mnyango okhangisayo uma bengenza izicelo. Imininingwane yokuxhumana nalowo mnyango okhangisile inikezwa kwi-Circular.

Eminye iminyango efana nawoMbutho wezokuVikela  ungacela ukuthi wenze uhlolo lwezempilo ngaphambi kokuba kubonelelwe isicelo sakho.

Ukuze uthola , ngena kwi-website yoMnyango weMisebenzi kaHulumeni nokuPhatha .

Top

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola ifomu le-Z83 elibhalwe: Application for Employment  kwi-website yekheli elithi: DPSA. Ungabuye uthole nefomu kumnyango kazwelonke noma wesifundazwe

Fakela ne-CV yakho kanye namakhophi aqinisekiswe ngabomthetho amakhwalifikheshini akho.

Fakela ifomu kwabomnyango lapho isikhundla somsebenzi esitholakala khona

Ungathola incwadi yokwamukela isicelo sakho, kodwa lokhu kuya ngalowo mnyango.


Top

Umthetho osetshenziswayo

Labour Relations Act, 1995  
Employment Equity Act, 1998 
Public Service Act, 1994 
Defence Act, 1995  
South African Police Act, 1997  (Umthetho wezamaPhoyisa aseNingizimu Afrika
Employment of Educators Act, 1998  Umthetho wokuqashwa kwabafundisi
Correctional Services Act, 1998 (Act 111 of 1998(Umthetho wenkonzo yokuqondiswa kwezimilo.



Top

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Inqubo yokufuna abasebenzi kanye nokukhetha iyehlukahluka kwiminyango kahulumeni nakhona ingaphethwa esikhathini esifishane.

Top

Izindleko

Ifomu lesicelo alikhokhelwa.

Top

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for Employment in the Public Service  (Ifomu lesicelo sokusebenzela uhulumeni

Top

Indawo nendlela yokuxhumana


