

Isicelo sokusebenzisana ne-SARS ngendlela ye-elektroniki 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  yenza ukuthi umuntu siqu, isikhungo noma inhlangano zikwazi ukusebenzisana nabophiki lwezimali ezingenayo abe-South African Revenue Service  ngokusebenzisa itheknoloji echaziwe. Inqubo entsha yeNtela yeNgeniso, yenzelwe ukuphungula ukusetshenziswa kwamaphepha lapho kukhonakala khona, kanye nokwenza ukuthi izinto eziningi ezenziwa ngendlela ye-manual zihambe ngendlela yemishini , kodwa kube kuqinisekiswa ukuthi bonke abakhokhe bentela baphathwa ngendlela elinganayo. Kusungulwe izindlela eziningi zokusebenzisa inqubo ye-elektroniki.

Inqubo ye-elektroniki iyathokala kwabe-SARS, nakhona ihlelelwe ukuphendula yonke imibuzo yakho.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Inqubo okumele ilandelwe

Bhalisa  njengophathina we-elektroniki ngokugcwalisa ifomu ngendlela ye-elektroniki ukubhalisa, ngenombolo INF001 kwabe-SARS Interface Administration, P.O Box 402, Pretoria 0001 noma nge-imeyili kuleli kheli elithi: its.interfaces@sars.gov.za. Ukungezelwa isikhathi sokukhokha kungacelwa ngendlela ye-elektroniki ngaphandle kokubhalisa.
Bhalisa imininingwane elandelayo enikezwa ngabe-SARS ngemuva kobhaliso :

i-password, ukuthola indlelay okungena kwi-SARS network
ikhodi ye-system identification enikezwa ngabe-SARS kwinhlangano
ikhodi ye-user identification  kanye ne-password yokungena kwi-server yamafayile e-SARS lapho okuzofakelwa khona ifayili ye-data
ikheli le-network, noma izinombolo zokudayala, uma kusetshenziswa ukuxhumana nge- Public Switched Ucingo Network  and Integrated Services Digital Network .

Thola i-software ye-data encryption, kanye nenqubo yokufakela i-software i-installation kwabe-SARS. Kuvamise ukuthi abe-SARS banikeze nge-software kwinhlangano.
Fakela i-data encryption software.
Fakela amafayile e-test data files, ebese udonsa izimpendulo ze-test kwabe-SARS.
Qinisekisa ukwamukelwa kwe-test data files nabe-SARS Interface Administrator, ebese uqala ukusebenzisa lendlela ye-elektroniki, ngokushitnsha i-data yamafayili akhona.
Xhumana no-SARS Administator, lapho kuphazamiseke amafayile e-data, kushoda amafayile e-data noma kunamafayile aziphinda-phindayo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Abe-SARS baqake inqubo ye service standard ezoqala ukusebenza eminyakeni emibili ezayo ukusukela ngo- 2004 ukuya ku-2007) Lapho urejista  noma ukhokha, abe-SARS bahlose ukubhekana nobhaliso  yakh ngokuqondile ezinsukwini ezingu-10 zokusebenza.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for SARS Electronic Interface, INF001
Request for Additional SARS Electronic Interface, INF002
Change of Particulars for SARS Electronic Interface, INF003

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


