﻿
Faka isicelo selayisensi yokushayela
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ilayisensi yokushayela inikeza umuntu igunya lokushayela imoto. Iqukethe imininingwane yomazisi wakho njengomshayeli onelungelo lokushayela. Ukuze ufake isicelo selayisensi umele ukuthi ube neminyaka engu 18 noma ngaphezulu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thintana nesenta yabavivinyela ilayisensi yokushayela eseduze nawe.
Gqwalisa ifomu DL1 esenta yabavivinyela ilayisensi yokushayela.
Woza nalamaphepha alandelayo:

ilayisensi yokufundela ukushayela
incwadi yakho yomazisi noma ipasipoti
izithombe ezingezona zombala zencwadi yomazisi ezine.

Uzothathwa iminwe uma ufika esenta.
Amehlo akho azohlolwa esenta ngaphambi kokuba usuku lokuvivinywa lubekwe. .
Khokha imali enqunyiwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sakho sisetshenzwa ngalolosuku kanti-ke usuku lokuvivinywa kwakho uyolunikezwe.

Phezulu

Izindleko

