

Isicelo sokukhishwa kuhla lobhaliso noma ukuvala i close corporation


Izincazelo

Uma i-close corporation ingasaqhubi ibhizinisi, ingacela u-Registrar of Companies  ukuthi ayikhiphe ku-database  lwezinkampani. Kulesi simo, amalunga e-corporation kumele azise u-Registrar of Companies ngalokho okwenzekayo.

I-CC ingayeka ukuqhuba umsebenzi nakhona ifise ukuzikhipha kuhla lobhaliso , noma ingavalwa ngokuhluleka ukukhokha izikweledu  Lezi zimo zingaba ngeziyisixaka-xaka  kanye nezitheknikhali, okanti u-Registrar of Companies kumele anikezwe ulwazi lwesipesheli.

Ukuvalwa  kusho ukuthi i-CC

ayikwazi ukukhokhela izikweledu zayo;
ayisakwazi ukuqhubeka nemisebenzi yayo (ngokuvamile, ngenxa yezinkinga zezimali; noma
amalunga afuna ukwabelana ngempahla ye-CC.

I-CC ingavalwa ngenxa yenqubo yenkantolo , noma kungenzeka ivalwe ngokuzikhethela  lokhu . Uma amalunga e-CC enza isicelo sokuvala ngokuzikhethela kwawo, kudingeka kugcwaliswe ifomu lezokuvikeleka  elivela ku-Registrar of Companies .

Ukukhishwa kuhla  kusho ukuthi i-CC iyakhishwa ku-database nakhona i-CC ngeke isabakhona. Ibhizinisi ingaqhubeka ngenye indlela, isibonelo njengebhizinisi lomuntu oyedwa , ngemuva kokuba kuphethiwe ngokukhishiwa kuhla .

Isitatimende esifakelwa ngabathintekayo,  kumele sifakelwe ku-Registrar of Companies.

Ukuze uthole ulwazi olunabile, bheka kwi-website yo Companies and Intellectual Property Registration Office

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gudluzela ifomu lokufaka isicelo, CK6.
Fakelani amakhophi amadokhumende omazisi awo onke amalunga e-CC.
Uma i-CC ivala ngokuzikhethela , kumele kufakelwe amafomu e-CK6.

Umthetho osetshenziswayo

Close Corporation, 1984 , Section 67 

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha isikhathi sokusukela kusuku olulodwa ukuya kwezimbili ukuphetha ngenqubo ye-deregistration 

Izindleko

Ngu-R40

Amafomu okumele agcwaliswe

Letter to de-register the CC (Incwadi yesicelo sokukhishwa kwe-CC kuhla lwamabhizinisi
Resolution for voluntary liquidation, CK6 

Indawo nendlela yokuxhumana



