﻿
Ukufaka isicelo sokusula imoto emabhukwini
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umnikazi wemoto angayesula emabhukwini imoto yakhe uma ingasasebenzisi imigwaqo yomphakathi noma isikhishiwe emgwaqweni.

Imoto engenalayisensi kuze kuphele iminyaka emine izokwesulwa, ihhovisi eliphethe izimoto ezihamba emgwaqweni lizokhipha isitifiketi sokuyesula.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu ehhovisi eliphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.
Thumela lamaphepha alandelayo:

ikhophi yomazisi enesitembu samaphoyisa
ikhophi enesitembu samaphoyisa efakaza ukuthi ungumnikazi wemoto
isitifiketi sokubhaliswa kwemoto.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezimbili ukusebenza isicelo sakho.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Motor Vehicle Registration, MVR1A .
Application for deregistration of Vehicle, ADV .

Amafomu atholakala ehhovisi eliphethe izimoto ezihamba emgwaqweni noma kwabagunyazwe ukubhalisa izimoto.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


