

Ukufa kwesakhamuzi sase South Africa sifela ezweni elingeyona i South Africa

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Igatsha lezangaphandle lisebenzisana namanxusa alo kwamanye amazwe linikeza usizo lokuxhumana nokuthutha, nezeluleko kubomndeni wesakhamuzi sase South Africa esifele kwamanye amazwe.

Kuzinqomela kuni abanako abomndeni wesakhamuzi sase South Africa esifele kwamanye amazwe?

Inxusa lase South Africa lizokwelekelela abomndeni ukuthola ukuthi kuzobiza malini ukuze bakwazi ukuthatha isinqumo esiyisona.

Uma usebenzisa abangqwabi kubalulekile ukuthi wazi ukuthi kuyakhokhwa.

Indlela izinto zenziwa ngayo iyashiyana kulizwe ngelizwe, loko kuzoxhaphazela ukushesha komsebenzi. Inxusa noma igatsha lezangaphandle lizokweluleka.

Ukuzinqomela kokuqala: ukubuyiswa kwesidumbu e South Africa

Uma isidumbu sibuyiswa, kunemithetho iqinile mayelana nezokwethutha ezifunwa yigatsha lezempilo.
Ukusilungisa isidumbu, nokusithwala kwenza lendlela ibe ngebiza kakhulu. Abomndeni kumele bafunisise kubangqwabi baleyondawo ukuthi kuzobabiza malini ngaphambi kokuthi bathathe isinqumo, ngaphandle uma umufi enomshuwarensi. Inxusa lase South Africa lizokwelekelela.

Ukuzinqomela kwesibili: ukusishisa isidumbu ubuyise umlotha e South Africa

Abomndeni bangazikhethela ukusishisa isidumbu besebebuyisa umlotha.

Umngqabi kulelozwe angawenza lomsebenzi. Inxusa lase South Africa kulelozwe lingabekhona uma kushiswa isidumbu uma abomndeni befuna ufakazi kanti bona abaphumeleli ukuba khona.

Umlotha usetshenzwa ngemithetho yalelozwe.


Ukuzinqomela kwesithathu: ukungqwabela kulelozwe

Abomndeni bangazikhethela ukuthi bamngqwabele kulelozwe umufi.
Umngqabi kulelozwe angawenza lomsebenzi. Inxusa lase South Africa kulelozwe lingabekhona uma. kungqwatshwa isidumbu uma abomndeni befuna ufakazi kanti bona abaphumeleli ukuba khona.
Umngqwabi unikeze abomndeni ulwazi lokuthi ungqwatshwe kuphi owakubo.

Ukuzinqomela kwesine: ukungqwatshwa komfokazana

Uma abomndeni womufi bengatholakali noma bengenayo imali yokwenza loku okungaphezulu kungacelwa ukuthi umufi angqwatshwe njengomfokazana.
Iziphathimandla zalelozwe ziyamngqwaba umufi ngaphandle kokukhokha. Inxusa lase South Africa kulelozwe lingabekhona uma kungqwatshwa isidumbu uma abomndeni befuna ufakazi kanti bona abaphumeleli ukuba khona.
Iziphathimandla zalelozwe zinikeze abomndeni ulwazi lokuthi ungqwatshwe kuphi owakubo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thintana nabomshuwarensi womufi uma bekenawo umshuwarensi wokuhamba. Uma kungenjalo, zikhethela yinye yezindlela zokungqwaba ezibhalwe ngaphezulu.

Uma usuthethe isinqumo ngendlela oyifunayo, sayina isitetimende esifungelwayo usithumele ehhovisi lomqondisi omkhulu: inxenye yamanxusa egatsheni lezamgaphandle.

Kudingeka lamaphepha alandelayo:


Amaphepha okuthumela nokwemukela isidumbu kwamanye amazwe  nokuhambisa izidumbu e South Africa:


Isitifiketi sokufa

Incwadi yomazisi noma ipasipoti

Isitifiketi sokugqumisa isidumbu ngemithi

Incwadi evela kubomndeni ecela ukuthumela nokwemukela isidumbu

Ihumusho elifakazelwe uma amaphepha engabhalwanga ngesingisi

Incwadi evela ehhovisi lenxusa kulelozwe noma evela kumngqwabi efakaphakathi okulandelayo:


Igama lomufi

Usuku lokufa

Unobangela wokufa

Izwe afele kulona

Indawo angqwatshelwe kuyona

Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.




Ayidingeki iphomedi uma ubuyisela akhaya umlotha wesidumbu asishisiwe.

Amaphepha adingekayo uma ufuna ukumbha isidumbu ubuyise amathambo:


Isitifiketi sokufa

Incwadi yomazisi noma ipasipoti

Isitifiketi sokugqumisa isidumbu ngemithi

Incwadi evela kubomndeni ecela ukuthumela nokwemukela isidumbu

Ihumusho elifakazelwe uma amaphepha engabhalwanga ngesingisi

Incwadi evela ehhovisi lenxusa kulelozwe noma evela kumngqwabi efakaphakathi okulandelayo:


Igama lomufi

Usuku lokufa

Unobangela wokufa

Izwe afele kulona

Indawo angqwatshelwe kuyona

Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.



Amaphepha adingekayo uma ufuna ukumbha isidumbu ubuyise amathambo:


Incwadi evela ehhovisi lenxusa kulelozwe noma evela kumngqwabi efakaphakathi okulandelayo:

Igama lomufi

Usuku lokufa

Indawo angqwatshelwe kuyona

Indawo athuthukeliswe kuyona 

Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yocingo nefekisi

Isitifiketi sokufa 

Incwadi evela emndenini ecela ukumbhiwa kwesidumbu

Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukungqwatshwa noma ukumbhiwa kwesidumbu iyafuneka. Noma imvume ivele kuziphathimandla zendawo njengomphathi wamathuna, umasipala wendawo noma bezempilo.


Amathuna angaziwa:


isicelo esivela enkampanini noma kubangqwabi kumele ibe nolwazi olulandelayo:


Indawo yethuna

Ikhophi yephephandaba lapho kwamenyezelwa ukutholakala kwamathuna 

Indawo entsha lapho umufi angqwatshwe khona

Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukungqwatshwa noma ukumbhiwa kwesidumbu noma izidumbu iyafuneka

Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo

Amaphepha adingekayo uma ufuna ukumbha ubese ushisa isidumbu

Isitifiketi sokufa

Incwadi yomazisi noma ipasipoti

Incwadi evela emndenini ecela ukumbhiwa kwesidumbu ubese uyasishisa

Uma ithuna lisendaweni yomuntu, incwadi yemvume evela kumninindawo evumela ukumbhiwa kwesidumbu iyafuneka. Noma imvume ivele kuziphathimandla zendawo njengomphathi wamathuna, umasipala wendawo noma bezempilo

Ihumusho elifakazelwe uma amaphepha engabhalwanga ngesingisi

Incwadi evela kumngqwabi walelozwe efakaphakathi okulandelayo:


Igama lomufi

Usuku lokufa

Unobangela wokufa

Izwe afele kulona

Indawo angqwatshelwe kuyona 

Yonke imininingwane yokuthintana nekhodi yendawo.





Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Umthetho i R2438 kamhlaka 30 October 1987, isiqephu 9 no 10.

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Igatsha lezangaphandle lizosabela angakapheli amahora angu 24.

Phezulu

Izindleko

usizo oluvela egatsheni lezangaphandle alukhokhelwa kodwa-ke umsebenzi owenziwe ngabangqwabi uyakhokhelwa

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

akunamafomu agcwaliswayo.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

Abomndeni bomuntu oyisakhamuzi sase South Africa ofele kwelinye izwe kumele bathintane nenxusa lase South Africa eliseduze nabo. Nome-ke bathintane nehhovisi lomqondisi omkhulu: inxenye yamanxusa egatsha lezangaphandle bengathintwa egameni lakho.

Amanxusa ase South Africa aseduzane.
Ihhovisi lomqondisi omkhulu: inxenye yamanxusa egatsha lezangaphandle ePitoli.




