

Ukwamukelwa ekhaya labantu abadala

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lomsebenzi ugowabantu abadala abadinga ukunakekelwa amahora angu 24 ekhaya labantu abadala

Ngubani onelungelo lokufaka isicelo?

Abantu abadala abadinga ukunakekelwa ngezikhathi zonke ekhaya labantu abadala.
Abantu abathola imali yokwelekelelwa yabantu abadala.
Abesifazane abaneminyaka engu 60 noma ngaphezulu, nabesilisa abaneminyaka engu 65 noma ngaphezulu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo ehhovisi lezentuthuko yezenhlalakahle eliseduze nalapho uhlala khona.
Veza umazisi wakho waseMzansi.
Uzakuphenyisiswa ukuze kuqinisekiswe ukuthi unalo yini ilungelo lokwemukelwa nokuthi uthole imali yokwelekelelwa.
uma isicelo sakho siphumelele, uzakucelwa ukuthi usayine isivumelwano nekhaya labadala ngenkathi umukelwa.
Uma isicelo sakho senqatshelwe, ungafaka isikhalo sakho zingakapheli izinsuku ezingu 90 kungqongqoshe wentuthuko yezenhlalakahle noma nelungu lesigungu sekhansela.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Aged Persons Act, 1967  
Aged Persons Amendment Act, 1998  
Older Persons Act, 2006  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezingu 35 ukusebenza isicelo sakho. Kuzoya ngokuthi bangakanani abantu abafake izicelo.

Phezulu

Izindleko

Izindleko zibekwa ngabaphethe ikhaya labantu abadala.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lokuphenyisisa ukuze kutholakale ukuthi umuntu unelungelo lokwamukelwa I fomu I DQ 98 llitholakala ekhaya labantu abadala.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

Inombholo yehhovisi lentuthuko yezenhlalakahle engakhokhelwa: 0800 60 10 11


