
Ukushada ngaphansi komthetho wosiko
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umthetho we-Customary Marriages Act  waphasiswa njengomthetho ngomhlaka 15 Novemba 2000. Uma wawusumendweni wosiko ngaphansi komthetho wosiko ngaphambi kwalolu suku, kusho ukuthi umendo wakho wamukelwe ngaphansi kwalo mthetho omusha. Uma owesilisa esevele enamakhasikazi angaphezu koyedwa, yonke le mendo yamukelwe ngaphansi kwalo mthetho omusha. Lo Mthetho wamukela umendo wosiko ongenelwe ngemuva kwalolu suku, kanye nokubeka imitheshwane yolawulo yokuthi abantu abaganana ngaphansi komthetho wosiko, okumele bayilandela ukuze imendo yabo yamukelwe.

Umendo wosiko wamukelwe uma abantu abaganana ngaphansi kwalo mendo wosiko belandela izidingo ezilandelayo:

Bobabili abantu abagananayo beneminyaka engu-18 noma ngaphezulu kwayo
Bobabili abantu abagananayo bevumelana ukuganana ngaphansi komendo womthetho wemendo yosiko
Umendo kumele kuboniswane ngawo, kube nomgcagco kanti futhi ungenelwe ngokulandela umthetho wezamasiko
Ilobolo akusona isidingo esenza ukuthi lo mendo wosiko wamukeleke emthethweni
Qaphela ukuthi le mendo yokosiko ibihlala njalo yamukelekile ngaphansi komthetho wezamasiko.

Ngabe kumele ngiwubhalise nini umendo wami?

Uma wawushade ngaphansi komendo wezamasiko ngaphambi komhlaka-15 Novemba 2000, umendo wakho kumele ubhaliswe naboMnyango weZangaphakathi. Uma washada ngemuva kokuba kuphasiswe umthetho, kumele ubhalise umendo zingakapheli izinyanga ezintathu.

Imendo yoSiko kanye nokuHlanganyela impahla Yonke imendo yosiko engenelwe ngaphambi kokuba lo Mthetho uqale ukusebenza, kusho ukuthi ingenelwe ngaphansi kokuhlanganyela impahla . Lokhu kusho ukuthi umyeni nonkosikazi wakhe banesabelo esilinganayo empahleni, imali noma iprophathi, kanti lokhu kusho ukuthi bahlanganyele nezikweledu. Uma izinhlangothi zombili zithanda ukuthi umshado wabo ungabi ngohlanganyele impahla , kuzomele bangenele ikontilaki ngaphambi kokuganana eyaziwa ngelokuthi yi-ante nuptual contract. Uma befuna ukushintsha ngemuva kokuba sebeshadile, kumele benze isicelo eNkantolo ePhakeme.

Ngaphansi koMthetho womshado woSiko we-Customary Marriages Act, unkosikazi unelungelo nesikhundla esilinganayo nomyeni sokuthatha isinqumo ngokuthi kumele kwenzekeni ngempahla. Unkosikazi oganwe ngaphansi komthetho wosiko, unelungelo lokungenela isivumelwano  ngaphandle kosizo lomyeni.

Ngabe kwenzekani lapho umyeni wami efuna ukuganwa ngomunye unkosikazi?

Umyeni kumele angenele isivumelwano/ ikontilaki ebhaliwe, ezobeka ukuthi ngabe kumele kwenzekeni ngempahla, kanti futhi umyeni kumele enze isicelo enkantolo sokwamukelwa kwekontilaki ebhaliwe. Inkantolo kumele iqinisekise ukuthi amalungelo empahla awo wonke amakhosikazi avikelwe.

Kwenzekani lapho sifuna ukungenela umshado wesilungu ngemuva kokuba siganene ngaphansi komendo wokosiko?

Uma umyeni wakho engenawo amanye amakhosikazi, ningashada ngaphansi komthetho wesilungu  kanti futhi nangaphansi komthetho wosiko. Kodwa, wena noma yena, ngeke nakwazi ukungenela umendo wokosiko nabanye abantu lapho nisashadene ngaphansi komthetho wesilungu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Umyeni noma unkosikazi angabhalisa umendo emahhovisi aseduzane ezoMnyango weZangaphakathi Kweluleka ukuthi nihambe nobabili ukuyobhalisa umendo ukuze ubhaliso lusheshise.
Kodwa uma omunye phakathi kwenu enqaba, ungayobhalisa uwedwa, kodwa ngokuletha ubufakazi obufanele.
Hamba nomazisi  yakho futhi ugcwalise i-Form A: Application for registration/enquiry into existence of customary marriage  kudinga ukuthi uchaze ulwazi olulandelayo:

izinombolo zikamazisi  yakho, amagama, kanye nezinsuku zokuzalwa zakho  nezomyeni wakho
amagama abazali bomyeni kanye nakankosikazi, kanye negama  ababusi ombusi wendabuko 
imininingwane yesivumelwano selobola, kanti futhi
nabantu ababili ababengofakazi bomendo 
incwadi ebuya kumholi wendabuko noma isitatimende esifungelwe kwabomthetho .



Ifomu kulele liqinisekiswe futhi lisayinwe phambi:

kwesikhulu sobhaliso, noma
umuntu obekwe ngokomthetho, ogunyaziswe nguMqondisi-Jikelele  ukwenza leyo misebenzi ngokulandela imitheshwana yenqubo .



Isicelo kumele sinikezwe isikhulu sobhaliso, noma umuntu ogunyazwe ukwenza lokho, okufanele aninikeze irisidi lokwamukela isicelo ngokusebenzisa i-Form B: Acknowledgement of receipt of application for registration of customary marriage .
Isikhulu sobhaliso, noma umuntu ogunyazwe ukwenza lokho, uzothumela isicelo kwabehhovisi eliseduzane lesifunda noma ledistriki, laboMnyango, ukuze bafakele lolu lwazi kurejista yobhaliso lwabo bonke abantu .
Isitifikedi sobhaliso noma i-Form C: Customary marriage certificate  nizonikezwa sona.
Gcina isitifikedi endaweni ephephile, ngoba sibalulekile.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Recognition of Customary Marriages Act, 1998  
Amended by the Judicial Matters Second Amendment Act, 2001  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isitifikedi esifingqikwe sikhishwa ngaso leso sikhathi.
Isitifikedi esiphelele, sithatha amaviki ayisithupha ukuya kwayisishagalombili.
Isikhulu sobhaliso sizokwazisa  uma senqaba ukubhalisa umendo wosiko njengoba kubekiwe emthethweni, sichaze nezizathu zokwala kwaso.

Phezulu

Izindleko

Izimali ezilandelayo zikhokhelwa aboMnyango weZangaphakathi:

isitifikedi sekhophi  somendo wesiko: Ngu-R11
ukufuna nokukhipha futhi irejista yomend o wokosiko noma amanye amadokhumende asekelayo maqondana nerejista: Ngu-R53.





ukunikezela okuvela  kurejista yemendo yesintu: Ngu-R53
imali engu-R11 ikhishwa ngabaganani kumuntu ogunyaziwe maqondana nesicelo sobhaliso lomendo wesinto, esinikezelwa lowo muntu ogunyaziwe.


Sicela ubuze kumuntu enixhumana naye kwaboMnyango weZangaphakathi, ukuthi anichazele izindleko ezikhona .

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala kwaboMnyango weZangaphakathi

Form A: Application for registration / Enquiry into existence of customary marriage, 
Form B: Acknowledgement of receipt of application for registration of customary marriage 
Form C: Customary marriage certificate 
Form D: Application for the consent of a commissioner of child welfare 

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


