

Inombolo yokubika ubugebengu Crime Stop 08600 10 111

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

I-Crime Stop inezikhungo zokushayela izingcingo eziningi ezibhekene nokuqokelela ulwazi oluvela emphakathini ngezigebengu kanye nemisebenzi yazo yobugebengu. Amalunga omphakathi asizwa ngabasebenzi bama-call centre  abaqeqeshwe kahle ngokuphendulana nezingcingo nokuthola ulwazi olufanele. Lokhu kwenza ukuthi abantu bakwazi ukwazisa abeNkonzo yezamaphoyisa aseNingizimu Afrika  ngobugebengu ngendlela ephephile futhi engabafaki kwisimo sengozi. Uma ufisa ungakhetha ukuthi ungazidaluli ukuthi ungubani. Ama-agent arekhoda nanikeza ulwazi ngezingcingo nokuthi ngobani abashayelayo awavunyelwe kwi-Crime Stop ukwenzela ukuthi abashayela izingcingo bakwazi ukuhlala bengaziwa uma bengafuni ukwaziwa. Ulwazi olunikezwayo luthunyelwa kumafokisi .

Izikhungo ezithile zokushayela izingcingo ze-Crime Stop Call Centres, zibuye zixhumanise abashayela kule nombolo namafokisi  ngendlela ye-conference calling. Lokhu kwenza ukuthi izikhulu zabaphenyisisi  akwazi ukubuza imibuzo koshayela ukwazisa ngobugebengu.

Qaphela: lokhu kwenziwa kuphela ngokuthola imvume yakho.

Ungabika ubugebengu ngokusebenzisa indlela ye-elektroniki kwi-website ye South African Police Service nayo futhi enesiqiniseko sokuthi ungaziwa ukuthi ungubani, ngaphandle kokuba ufuna wena ukuzazisa.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Shayela inombolo ye-Crime Stop ethi: 08600 10 111.
Oxhumana naye kwisikhungo sezingcingo  uzokubuza imibuzo, kanti uma ulwazi onikezela ngalo, lungasetshenziswa, uzokunikeza inombolo yekhodi yakho wedwa.
Uma ulwazi lungeke lwasetshenziswa, oxhumana naye uzokuchazela ukuthi kungani lungeke lwasetshenziswa nokukunikeza iseluleko sendlela ongathola ngalo olunye ulwazi olubanzi.
Ulwazi olungasetshenziswa luxhunyaniswa nenombolo yekhodi onikezwe yona.
Uzocelwa ukuthi ushayele ucingo e-Crime Stop kwinombolo ethi: 08600 10 111 ngesikhathi esithile ukuchazelwa ukuthi ngabe ulwazi lube wusizo yini kanye nokuthola umklomelo uma ukufanele ukuwuthola. 
Ngesikhathi esilandelayo, labo okuxhunyanwa nabo ngocingo , bayoxoxisana nawe ngecala uma inombolo yekhodi onikeze ngayo kuyiyo, kanti futhi ukuzazisa kwakho kuhambelana ne-profile ekurekhodi labo.
Okuxhunyanwa naye ngocingo uzobeka phansi ucingo uma engakholwa ukuthi usenguye lomuntu oke washayela ucingo kuqala. Lena yindlela yokuvikeleka esetshenziswayo futhi ngeke kwabanezingxoxo ngayo.
Uma ubika ubugebengu ngendlela ye-eletroniki, gcwalisa ifomu lemibono kwi-website yabakwa-SAPS. Kuzovezwa inombolo yereferensi lapho usufakele ifomu.
Abe-Crime Stop bazodlulisela ulwazi olunikezwe kwabeyunithi ethize ephenyisisayo, ukuze balandelele indaba, kanti futhi nokubanikeza isicelo sokuthi babuyise umbiko kumahora angu-24 ngomphumela wophenyisiso ngokushesha ngendlela okungakhonakala ngayo.
Uma oshayela ucingo ukubika ngobugebengu ekufanele ukuthola umklomelo, isikhulu esiphenyisisayo, yisona okumele sibhekane nodaba lomklomelo kanye nendlela yokuthola umklomelo, ngokulandela inqubo yokukleyima ye-NI2/2001.
Uma umklomelo usukhona, abe-Crime Stop bazoxhumana nawe ukulungiselela ukukukhokhela umklomelo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Police Service Act, 1995  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Njengoba kudingeka ngokulandela amazinga amazwe omhlaba e-Crime Stoppers, akuvunyelwe ukuthi kube nenombolo ezokudalula ukuthi ungubani, kanti futhi okuxhunyanwa nabo abavunyelwe ukuthi bathole olunye ulwazi noma izindlela ezingadalula ukuthi ungubani kwindawo ye-Crime Stop ngoba lokhu kungaphazamisa ukwethembana phakathi kwabashayela ucingo ngokungazidaluli kanye nabe-SAPS .
Abe-Crime Stop bazodlulisela ulwazi olunikezwe kwabeyunithi ethize ephenyisisayo, ukuze balandelele indaba, kanti futhi nokubanikeza isicelo sokuthi babuyise umbiko kumahora angu-24 ngomphumela wophenyisiso ngokushesha ngendlela okungakhonakala ngayo.
Uma wena oshayela ucingo ukubika ngobugebengu ukufanele ukuthola umklomelo, isikhulu esiphenyisisayo, yisona okumele sibhekane nodaba lomklomelo kanye nendlela yokuthola umklomelo, ngokulandela inqubo yokukleyima ye-National Information 2/2001.
Uma umklomelo usukhona, abe-Crime Stop bazoxhumana nawe ukulungiselela ukukukhokhela umklomelo.

Phezulu

Izindleko

Ukushayela ucingo kulayini wakwa-Telkom: Kwi-share-call 
Ukushayela ucingo kuselula : ucingo lushajwa  izindleko ezivamile zamaselula

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Asikho isidingo sokugcwalisa amafomu ngoba ubugebengu bubikwa ngocingo. Kodwa, uma ubika ubugebengu ngokusebenzisa i-website yabakwa-SAPS, gcwalisa ifomu lemibono  ngendlela ye-elektroniki.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


