﻿
Imisebenzi yamahhovisi amanxusa akithi emazweni amanye
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ihhovisi lomqondisi omkhulu lemisebenzi yamanxusa egatsheni lezangaphandle kanye nesinqamu samanxusa abamele i South Africa kwamanye amazwe banikeza usizo kubantu base South Africa abasebenza, nabahlala kanye nabavakashela kumazwe ngokwehliukana kwawo.

Yiluphi usizo abantu base South Africa abangalibheka kumanxusa akithi?

Usizo oluphuthumayo:


Usizo lokuhlelo ukufuduka kwezakhamuzi zaseMzansi azikwamanye amazwe uma kunodushe lwezepolitiki, noma kunenhlekelele yendalo noma ebangwe ngabantu.

Ukuthintana nabomndeni noma abangane abase South Africa egameni lezakhamuzi zaseMzansi azikwamanye amazwe uma kunenkinga ethize.

Ukunikeza usizo olungasilo olwemali lokubafudusa babuyele ekhaya noma ukubasiza uma bedinga ukwelashwa noma usizo lwaboqhwepheshe.

Ukuxhumana neziphathimandla zakuleyondawo ukuze zifune zize zibathole abakhi baseMzansi abakwamanye amazwe. Loku akubafaki labo abafunelwa amacala abawenzile befunelwa ukushushiswa.

Ukwelekelela imindeni ngokwenza ukuthi izimali abathumelana zona zifinyelele kulabo abasebunzimeni kwamanye amazwe.

Ukuphasa nokweluleka abantu abazithola basenkingeni yokuthunjwa.



Inhlobo yenkinga abantu abazithola bekuyona  nokulondolozeka kwabasebenzi bakahulumeni kungakhinyabeza indlela esiphuthuma ngayo ukuyosiza.

Uma umuntu eboshiwe:


Sithintana nabomndeni balabo Bantu ababoshwe kwamanye amazwe uma besicela ukuthi sense njalo.

Senza ukuthi izimali abathumelana zona zifinyelele kulabo ababoshiwe kwamanye amazwe, sibe sihlonipha imithetho yalawo mazwe, kanye nemithetho yabhange lase South Africa elikhulu I risevu bhange, yokuthunyelwa kwezimali kwamanye amazwe.

Senza ukuthi izincwadi ababhalelana zona, kanye nemithi abathumelana yona zifinyelele kulabo abasebunzimeni kwamanye amazwe. Loku sikwenza sithobela imithetho yegatsha lezangaphandle nezimali ezibhadalwayo uma uthumela utho ngaphandle nokuhlonipha imithetho yezwe elimbophile umuntu. Izimali ezibhadalwayo uma uthumela utho ngaphandle kuyenzeka zibukezwe ngokuhamba kwesikhathi.



Usizo lwezomthetho nokuthumela izincwadi zezinkantolo:


Ukusiza ekuthumeleni izincwadi zomthetho kubamangalelwa abakwamanye amazwe ngokulandela izindlela zezinkantolo zethu.

Ukusiza uma abanye befake isicelo sokuthi ummangalelwa athunyelwe ezweni labo azobhekana namacala athweswe wona, noma becele ulwazi oluthile mayelana namacala abantu bezwe lakithi abakumanye amazwe, nasekuthumelaneni imithetho ethile evela kulelinye izwe iye kwelinye, nobufakazi obudingekayo ngokulandela izindlela zezinkantolo zethu.

Sithumela nezitifiketi nezincwadi ezithile zemithetho nokufakazela ukuthi ziyizona ngempela ezakwahulumeni.

Silekelela namaqoba obugebengu ngezindlela eziningi ngaphandle kosizo lwemali.

Sinikeza izeluleko, nobuholi nokuphasa kubazali abazithola besenkingeni yokuthi abantwana bathwelwe ngenkani ngomunye wabazali bomntwana bahamba naye baya kwelinye izwe ngokusebenzisana nehhovisi lommeli womndeni. Lapho kunobufakazi bokuthi impilo nokulondolozeka komntwana kusengozini, lendaba iphathwa njengephuthumayo.

Sikunikeza nohlu lwabameli bakuleyo ndawo.



Eminye imisebenzi:


Silekelela ngokuthi sinikeze ipasipoti elahlekile, neyebiwe nemoshakele noma esiphelile umuntu esesekwelinye izwe. .

Siyakuboleka imali encane ephuthumayo .

Sazisa nabomndeni uma kwenzekile umuntu wafa akwelinye izwe, noma ehlatshwe wukugula okuyingozi noma elimele kabi. Siyelekelela siphinde seluleke mayelana nezidumbu zabantu base South Africa abafele kwamanye amazwe, kodwa-ke asinikani imali.

Sicela iziphathimandla zakuleyo ndawo ukuthi ziphenyisise uma isakhamuzi saseMzansi sife ngendlela esolisayo noma sigetshengiwe.

Sinikeza ubuholi nezeluleko uma abantu bafuna ukuthola izintandane ngokusebenzisana negatsha lentuthuko yezenhlalakahle.

Sinikeza usizo nobuholi kubantu bakwamanye amazwe mayelana nabantu bamazwe abo abase South Africa.

Sinqeda abafuna ulwazi noma sibalayele ukuthi bangaya kuphi ukuze bathole usizo abaludingayo.



Yimiphi imisebenzi noma usizo esingaluniki singamanxusa akahulumeni?

asikukhiphi ejele
asingeni phakathi emihambisweni yezinkantolo zamanye amazwe
asinikani izeluleko ngezomthetho
asigxamalazeli noma siqale ukuqubeka kwemisebenzi yenkantolo
asiceli iziphathimandla zendawo ukuba baphathe abantu baseMzansi ngedlela yokukhetha
asiphenyi amacala obugebengu noma okufa emazweni
asikuphenyeli ubugebengu kwelinye izwe
asibhadaleli ukushiswa kwesidumbu, ukunqwaba noma ukuthwala isidumbu usibuyise ekhaya e South Africa
asimthathi umntwana obethunjiwe
esiphoceleli umthetho wase South Africa wokuthi umntwana unikwe bani enkatolo noma siphocelele inkantolo yelinye izwe ukuthi ikhiphe isigwebo ngokuthi umntwana unikezwa bani
asikukhokheli ehotela, kubameli kubodokodela noma ezinye izindleko
asikukhokheli imali yokuhamba
asewenzi umsebenzi wabezokuthutha nabezezindiza noma amabhange
asikutholeli indawo yokuhlala,nomsebenzi noma sikutholele iphomedi yokusebenza
asikugcineli impahla noma sikufunele okulahlekile
asemukeli izincwadi zakho zeposi
asikunukezi izinzuzo zakho zempesheni nezabelo ezithize
asibalekeleli abantu abayizakhamuzi zamazwe amabili kulelozwe lesibili.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thintana nomele izwe lase oseduzane nawe, noma ihhovisi lomqondisi omkhulu, igatsha lamanxusa kwigatsha lezangaphandle epitoli. Kuzoya ngenhlobo yosizo olufunayo, kuzodingeka umazisi wakho osebenzayo, uma ungabaza, shaya ucingo ufunisise.

Imisebenzi yamanxusa isebenza amahora eyi 24 , izinsuku ezingu 7 ngeviki, ngempela sonto nakusihlwa usizo ulinikezwa ngokubambisana nondlu yokwelekelela yegatsha esepitoli.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Vienna Convention on Consular Relations  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

