﻿
Isicelo sokuthatha ingane engeyona eyakho ngokuzalwa uyenze eyakho

Izincazelo


I-adopshini isho ukwamukela ukuba ngumgadi ngokomthetho wengane, ngokulandela inqubo yosiko nesemthethweni yengane engeyabanye abazali ngokuzalwa.

Ngubani ongenza isicelo somyalelo we-adopshini 

wumyeni nonkosikazi wakhe ngokuhlanganyela;

umfelwa noma umfelokazi
umuntu ongashadile noma umuntu odivosile;
umuntu oshadile, owakwakhe ongumzali wengane;
Ubaba ngokuzala wengane ezalelwe ngaphandle komendo.

Umyalelo we-adopshini  ukhishwa yinkantolo yezingane ekudistriki lapho ingane ehlala khona.

Inkantolo yezingane ingakhipha umyalelo ngemuva kokubunelela umbiko obekiwe owenziwe ngusonhlalonhle ogunyaziwe ngokomthetho .

{Ukuthola olunye ulwazi, ngena kwi-website ethi: yaboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthetosisekelo, ukuthola izinyathelo okumele zilandelwe

· Yenza isicelo somyalelo we-adopshini enkantolo yezingane ekudistriki yalapho ingane ezothathwa ngokothemthetho ehlala khona. Ngoba zonke izinkantolo zomantshi zisebenza njengezinkantolo zezingane, ungenza isicelo kumabhalane wenkantolo yezingane.

· Gcwalisa i-Form 11, ye-Application for the adoption of a child , ebese usifakela kumsizi wenkantolo yezingane.

· Umsizi wenkantolo uzothi, uma lokhu kungakenziwa, acela usonhlalonhle ogunyaziwe  ukuthi aphenyisise ngesicelo.

· Ekugcineni kwesiphenyisiso, usonhlalonhle uzonkeza umbiko kwinkantolo yezingane lapho okwenziwe khona isicelo. Ngaphandle kokuba kudingwa yinkantolo, umbiko ngeke wadalula ukuthi ngobani nokuthi bakuthi abazali abafuna ukuthatha ingane ibe ngeyabo ngokomthetho – noma ingane, uma isivele ingakubo – ngaphandle kwemvume ebhaliwe.

· Uma inkantolo yeneliseka ngombiko, kanye nanoma yiluphi olunye ulwazi ngabazali abafuna ukuthatha ingane ngokomthetho bayenze eyabo, ingathi ngokubona kwayo, ibonelele isicelo ebese ikhipha umyalelo we-adopshini ngaphandle kokulalela omunye umuntu. Kodwa ingenza lokho kuphela uma kungekho ophikisa isicelo.

· Uma isicelo singakaphethwa, noma singeke saphethwa, kuyobekwa usuku lokulalela udaba lwesicelo enkantolo yezingane. Umabhalane  wenkantolo yezingane uyokhipha inothisi kwi-Form 1A Notice to prospective adoptive parents  ukwazisa abazali abafuna ukuthatha ingane ngokomthetho ukubazisa ngokulalelwa kodaba.

· Abazali bokuzala bengane ngeke babakohna enkantolo ngesikhathi sokulalelwa kodaba lwe-adopshini yengane yabo, ngaphandle kokuba inkantolo, ngokubona kwayo ibavumela ukuthi babekhona, uma inkantolo ibona ukuthi ukubakhona kwabo kuzobonelela isidingo sengane.

· Inkantolo ingacela abazali noma umgadi wengane ukuthi bakhiphe imvume ebhaliwe. Inkantolo ingacela nemvume ebhaliwe yengane uma ingaphezulu kweminyaka engu-10, kanti inkantolo yeneliseka ukuthi ingane iyaqondisisa ngodaba nokubaluleka kokuvuma.

· Uma kunoma yisiphi isigaba sokulalelwa kodaba, inkantolo ibona ukuthi kukhona izizathu ezibambekayo zokuthi ingaceli imvume ebhaliwe yabazali ngokuzala ingane, inkantolo ingacela umabhalane wenkantolo yezingane ukuthi akhiphe inothisi noma i-Form 22 ye-Notice to parent to advance reasons in terms of regulation 21 ,  21 kulowo mzali. Inothisi izocela umzali ukuthi avele enkantolo yezingane uma efuna ukunikeza izizathu zokuthi kungani ukuvuma kwakhe kumele kungabekelwa eceleni.

· Uma umzali engekho enkantolo yezingane ngosuku olubekiwe, kanti inkantolo yeneliseka ukuthi:

oinothisi yanikezwa ngokufanele kumzali kanti futhi asikho isizathu esibambekayo sokuthi umzali ehluleke ukuvela enkantolo, inkantolo ingathi ngokushesha ilalele udaba ebese ikhipha isehlulelo sodaba.

o lapho inothisi efanele ibingeke yanikezwa umzali, inkantolo ingathi, ngokubona kwayo, ikhiphe inothisi kumzali futhi, uma ingabona kufanele, noma ngokushesha ilalele udaba ebese ikhipha isehlulelo sodaba.

o Lapho inkantolo yezingane ibonelela isicelo se-adopshini, ukunikezwa kumbiko obhaliwe onikezwa ngusonhlalonhle ogunyaziwe , noma omunye umuntu onegunya, lokhu kuyoba wubufakazi obanele  ngendikimba yalokho okufakwe kumbiko.

· Noma yiluphi uhlangothi oluthinteka ngokuqonde ngqo ngombiko, lungacela uktuhi indikimba yombiko idalulwe. Lokhu kuyokwenziwa ekulalelweni kodaba.

· Uma uhlangothi oluthintekayo lufuna ukwenza kanjalo, luyonikezwa ithuba lokuphequlula  nombhali wombiko kunoma yiluphi udaba uluvela kumbiko, kanye nokuphikisa noma yisiphi isitatimende esivela kumbiko

· Ukhomishana oqondene nodaba, uyochaza ngokucacile kuhlangothi oluthintekayo imiphumela yokuhluleka ukuphikisa umbiko kanye nokuphikisa izitatimende ezivela kumbiko.

· Ekulalelweni kwesicelo, umenzi wesicelo kanye nomzali okhishelwe inothisi, bayoba namalungelo afanayo kanye namandla njengomuntu osodabeni lwesinyathelo senkantolo kamantshi engeyona eyamacala obugebengu ngokulandela ukupheqululwa nokuphequlula ngemibuzo ofakazi , ukunikeza ubufakazi kanye nokukhuluma nenkantolo.

· Lapho umyalelo we-adopshini ungakakhishwa, noma lapho ukuvuma kokuthathwa kwengane ngokomthetho kuhoxisiwe noma kungakanikezwa, umzali wengane noma umgadi, angacela inkantolo ukuthi ibuyisele ingane kuye. Lesi sicelo singenziwa kusonhlalonhle ogunyaziwe noma umuntu obekwe yinkantolo yezingane ngokusebenzisa i-Form 21C ye-Notice to prospective adoptive parent for release of child to custody of parent or guardian  Kodwa, lokhu kungenziwa kuphela uma kuyinto ebonelela izidingo zengane.

· Umyalelo we-adopshini yengane, uyokhishwa kwi-Form 14.

Imithetho nemigomo

Child Care Act, 1983  
Natural Fathers of Children Born out of Wedlock Act, 1996  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi kanye nesikhathi sokwenziwa komsebenzi

Isikhathi sokubonelela isicelo sincike kusixaka-xaka  sesicelo.

· Inothisi yomzali wengane ezothathwa ngabanye izonikeza imininingwane eyenele noma izizathu zokungaceli imvume yabo yokukuthi ingane ithathwa ngabanye ukuyenza eyabo. Inothisi izonikezwa okungenani ezinsukwini ezingu-21 ngaphambi kosuku lokulalelwa kodaba.

· Uma umama wengane enqaba  ukunikeza ukuvuma, kuyokwenziwa isicelo enkantolo yezingane kungakapheli izinsuku ezingu-14.

· Ubaba wengane ngokuzala, ezalelwe ngaphandle komshado, uyothi kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa, zokukhishwa komyalelo wenkantolo, enze isicelo sokushintsha imininingwane yakhe kumadokhumende okubhalisa ukuzalwa kwengane.

· Ngemuva kokufakela isicelo sesichibiyelo, ubaba wengane ngokuzala, ezalelwe ngaphandle komshado, uyokwazisa umabhalane wenkantolo yezingane lapho okwenziwe khona isicelo se-adopshini yengane. Kumele enze lokho ngokubhala, achaze nosuku, nendawo lapho enze khona isicelo sesichibiyelo.

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Form 1A: Notice to prospective adoptive parents 

Form 14: Order of adoption 

Form 21C: Notice to prospective adoptive parent for release of child to custody of parent or guardian 

Form 22: Notice to parent to advance reasons 

Imininingwane yokuxhumana

Uhla lwezinkantolo zomantshi


