﻿

Isicelo sokubhalisa inkampani enamasheya ezimali


Izincazelo

Njengoba ukubhalisela inkampani enamasheya ezimali  kuyisixaka-xaka , kunconywa ukuthi abenzi bezicelo badinga ukusebenzisa abameli bomthetho.

I-Memorandum kanye ne-Articles zenkampani kumele zenziwe kanye nokuhlela ukuthi zihambelane nenkampani ngaphandle kokuba namasheya  kanti futhi lokhu kuqinisekiswe ngu-notary public oyiprofeshinali yezomthetho. Inkampani kawonkewonke , ingamukela iThebuli A  kwifomu lesicelo ngokuphelela noma ngokuthi liguqulwe lihambelana nesidingo sekhastama, inqaba nje uma lisalandela umthetho wezinkampani we-Companies Act, 1973. Inkampani yangasese ingamukela iThebuli B  kwifomu lesicelo ngokuphelele noma ngokuthi liguqulwe lihambelane nesidingo sekhastama ngokuphelele, inqaba nje uma lisalandela umthetho wezinkampani we-Companies Act, 1973.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwi-website ethi Companies and Intellectual Property Registration Office.

Izinyathelo okumele zilandewe

Xhumana nabe-Companies and Intellctual Property Registration Office.
Gcwalisa amafomu alandelayo:

Yenza isicelo sokugodlelwa igama ngokufakela isicelo kwi-CM5 – Application for reservation of a name . Ifomu litholakala kwabe-Department of Trade and Industry .
Gcwalisa ifomu CM29 – Ingqikithi yerejista equkethe imininingwane yodayirektha  kanye nezikhulu . Ifomu litholakala kwabe-Department of Trade and Industry .
Umqondisi nomqondisi  kumele agcwalise ifomu le-CM47. Ifomu litholakala kwabe-Department of Trade and Industry .
Gcwalisa ifomu le-CM31 lokunikeza isigunyaziso kumuntu ukuze asebenze njengomcwaningi wezincwadi u-auditor. Ifomu litholakala kwabe-Department of Trade and Industry .
Gcwalisa ifomu le-CM44 – Isivumelwano sokusebenzisana i-Articles of association yenkampani enemasheya ezimali eyemukela isheduli 1, noma ifomu le-CM44A – Articles of Association of a company having a share capital not adopting schedule 1 . Bonke abaqondisi  kumele bagcwalise ifomu CM44C – Abasayinayo kuma-Articles .

Nikezela ngesigunyaziso somthetho kummeli womthetho, esichaza ukuthi umgunyazisa ukuthi enze izinto egameni lakho.
Inkampani ebhalisa ngemali yokuqala umsebenzi  kumele inikeze ngamadokhumende alandelayo:

CM1: Certificate of incorporation 
Lena yidokhumende esayinwa nokufakelwa isitembu ngumbhalisi wezinkampani uRegistrar of Companies, lapho onke amadokhumende okumele ahambisane nesicelo  esehloliwe aphethwa.
CM2: Imemorandamu yesivumelwano kanye nokunye  – CM2A – CM2B – CM2C uma kunabanamasheya abangaphezulu koyedwa , noma i-2D, uma kunonamasheya oyedwa.


Imithetho esetshenziswayo

Companies Act, 1973  
Business Names Act, 1960  
Share Blocks Control Act, 1980  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezifinyelela kwezinhlanu ukubhalisa inkampani enamasheya ezimali zokuqala umsebenzi .

Izindleko

Izimali ezikhokhwayo ngu-R350 kanye no-R4 kwikhapitali egunyaziwe engu-1000 kwisimo lapho kunamasheya e-value  noma u-R5 kwangu-1000 lapho kunamasheya angena-value -.

Amafomu okumele agcwaliswe

Certificate of incorporation CM1
Memorandum of associatio CM2
Notice of registered office and postal address of compan CM22
Contents of register of directors, auditors and officers CM29
Notice of consent to appointment, change of name by auditor or removal of auditor CM31
Articles of association of a company having a share capital adopting schedule CM44A
Signatories to article of association CM44C
Certificate to commence business CM46
Statement by directors regarding adequacy of capital of compan CM47
Application for reservation of name CM5

Imininingwane yokuxhumana


