﻿

Isicelo senkonzo yelayisense yobusakazi bamarediyo emiphakathi: Ithemu yeminyaka emine

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

ILayisense yobuSakazi beMiphakathi inenhloso yokuhlangabezana nezidingo zobusakazi kumphakathi ukufinyelela kwiminyaka emine. Iyavuseleleka, ngaphansi kwesimo sokuthi wenze isicelo sokuvuselela ilayisense kungafiki izinyanga eziyisithupha futhi kungakadluli izinyanga ezintathu ngaphambi kosuku lokuphela kwesikhathi selayisense ekhona. Ivuseleleka kuphela ngaphansi kwesimo sokuthi onelayisense  ulandela izimo ezibekwe yiziphathimandla zelayisense. Ilayisense inikezwa imiphakathi efuna ukusungula inkampani engu-Section 21, iTrust, ivoluntary association noma okunye okuyinhlangano evunyelwe ngumthetho engenzi inzuzo. Izinjongo zokubeka iminyaka emine yeLayisense yoBusakazi ukufezekisa okulandelayo:

ikuqhubela phambili ilungelo lokuxhumana kanye nokukhululeka ukuveza imibono novo 
ukwenzela ukuthi kube nemikhakha ehlukahlukene  yezokusakaza embonini
ukubandakanya imiphakathi njengabakhiqizi, omininjela kanye nabalaleli ekwenziweni kwezokuxhumana nokuxhumanisa
ukuba yizwi lemiphakathi
ukwenziwa kwezinhlelo ezikhombisa okuthokozelwayo okuyisipesheli kanye nezidingo zesipesheli zomphakathi, okubandakanya amasiko, ulwimi, izinkolo kanye nezidingo zokuhleleka kwemikhakha ehlukene yomphakathi.

ILayisense yeminyaka emine yoBusakazi boMphakathi inganikezwa kwimikhakha elandelayo:

Inkonzo yobusakazi bamarediyo.
Inkonzo yobusakazi beThelevishini .

Ilayisense isebenza iminyaka emine.

UMnyango wezokuXhumana usekela abamalayisense yeminyaka emine ngobusakazi kanye nemishini yokukhiqiza , kodwa uma belandela izidingo zoMnyango.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

I-ICASA izokhipha isimemo sokwenza isicelo senkonzo yobusakazi bomphakathi kanye nokunikeza ngamafrikhwensi akhona ezindaweni ezehlukene. Njengomenzi wesicelo selayisense, kumele wenze okulandelayo:

Sungula iqembu lokusebenzisana  elizobhekana nenqubo yesicelo kanye nokuba ngumenzi wesicelo  egameni lomphakathi.
Qinisekisani ukuthi iqembu lokusebenzisana, lenza okulandelayo:

ukuqoqa amasignesha emphakathini
ukubhala iplani yebhizinisi
ukugqugquzelela ukukhethwa kwamalunga eBhodi ngenqubo yedimokhrasi 
ukubheka indawo isiteshi sokusakaza esizosakazela kuyo.

Ukucela inkonzo yobusakazi kanye nefomu lesicelo sokusabalaliswa kwesignali.
Gcwalisa ifomu lesicelo ngokuprinta, ngokusebenzisa amagama amakhulu .
Fakelani ifomu lesicelo lokuqala  kanye namakhophi aqinisikisiwe angu-16 kwabe ICASA nemali yesicelo.

Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele, zizobuyiselwa kumenzi wesicelo kanti ngeke samukela emahlombe ethu ukuphazamiseka okungabakhona.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Electronic Communications Act, 2005  Umthetho wokuthintana ngama computer ka 2005

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinyanga ezingu-3 ukuya kwezingu-4.

Phezulu

Izindleko

U-R3 000 .
U-R250 wokukhipha ilayisense ngemuva kokuba isivunyelwe.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lesicelo lizoba yingxenye yesheduli yeGazethi kaHulumeni.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


