﻿
Isicelo sokwamukelwa ku-Grate R esikoleni esibhalisiwe  sikahulumeni    





Izinkcazelo 

U-Grade R unyaka wokuqala wesigaba sesisekelo  kwimfundo egxila kwimiphumela  ezikoleni zeprayimari zikahulumeni. Le mfundo ihlelelwe izingane zeminyaka emine-nohafu ukuya kwiminyaka emihlanu-nohafu ubudala. Abazali kanye nabanakekeli kumele babhalise izingane zabo ezikoleni ngaphambi kosuku lokugcina phakathi kuka-August no-Okthoba, walowo nyaka ngaphambi kokuba izingane ziqale.

Ukuthola olunye ulwazi olunabile, ngena kwabo Mnyango wezeMfundo 

Inzinyathelo okume zilandelwe 



Yenza isicelo ngaphambi kosuku lokugcina phakathi kuka-August no-Okthoba..

Bhalisa esikoleni esiseduzane nawe.

Hambisa isitifikedi sokuzalwa sengane kanye nekhadi lokugonywa.

Uma ingane ingesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika, kuzofuneka futhi ukhiphe

imvume yokufunda;

Imvume yesikhashana noma yanomphela yokuhlala ezweni ebuya kwaboMnyango wezangaPhakathi; kanye

nobufakazi bokuthi wenze isicelo sokuhlala eNingizimu Afrika.





Umthetho osetshenziswayo 



South African Schools Act, 1996  



Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi 

Isicelo sakho singathatha iviki elilodwa  ukuya kumaviki ayisithupha  ukubonelelwa.

Izindleko

Izimali zesikole ziyahlukahluka ngezikole nezikole.



Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu okumele agcwaliswe atholakala ezikoleni.



Indawo nendlela yokuxhumana




