

Isicelo seLayisense yobuSakazi bezentengiso

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ilayisense yobuSakazi bezentengiso ikhishelwa ubusakazi obusebenzela inzuzo noma njengengxenye yenhlangano esebenzela inzuzo. Abe-SABC  yibona bodwa abanelayisense yokusakazela isizwe sonke eNingizimu Afrika.

Noma yimuphi umuntu onenhloso yokuba nenkonzo yobusakazi bezentengiso, kumele abe nelayisense ye-Commercial Sound Broadcasting .
Noma yimuphi umuntu onenhloso yokuba nenkonzo yobusakazi bezentengiso kumele alandele isheduli ebekwa ngokulandela isimemo se-Invitation to Apply  seLayisense yobusakazi berediyo yezentengiso, eshicilelwa ngokomthetho kwiGazethi kaHulumeni. Isheduli ivamise ukuba nezigaba eziyisithupha, amagamazo okungu:

Izimo nemibandela ngokunabile: Inqubo okumele ilandelwe
Isimo senkampani: Isimo somenzi wesicelo kwezomthetho
Izinhlobo zezinhlelo: Amanani ohlelo lwangaphakathi ezweni; Ulwimi, kanye nezinhlelo ezizosakazwa
Idimandi kanye nesidingo senkonzo ehlongozwayo
Ezezimali
Izidingo kwezobutheknikhali.


Ifomu lesicelo kanye nendawo yejiyografi ehlongozwayo, kuba yingxenye yeGazethi kaHulumeni ekhishelwa isimemo esithize ukuze kwenziwe isicelo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo ngokuprinta, ngokusebenzisa amagama amakhulu.
Fakelani ifomu lesicelo lokuqala kanye namakhophi amafomu esicelo aqinisikisiwe angu-16 nemali yesicelo kwabe-.
Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele, zizobuyiselwa kumenzi wesicelo kanti ngeke samukela emahlombe ethu ukuphazamiseka okungabakhona.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Electronic Communications Act, 2005  
Broadcasting Act, 1999  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinyanga ezingu-6 ukuya kwezingu-12.

Phezulu

Izindleko

R 30 000 .
R 2 500 wokukhipha ilayisense ngemuva kokuba isivunyelwe.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lesicelo lizoba yingxenye yesheduli yeGazethi kaHulumeni.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


