
Isicelo sokushintsha amagama kuhla lwamagama  kuMkhandlu waseNingizimu Afrika wamagama ezindawo iSouth African Geographical Names Council
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Amagama ezindawo, ngamagama ayizinkomba nezimpawu emhlabeni angawemvelo noma athiwe ngabantu abe esehlelwa. Lezi zinkomba nezimpawu kungaba ngezinabantu noma ezingenabantu.

Amagama ezindawo  awela ngaphansi kwegunya lohulumeni bezindawo, abandakanya imigwaqo, amabhilidi omasipala nezikwele , amapaki endawo kanye namangcwaba, kanye namabhilidi angawabantu ziqu. Amagama ezindawo  awela ngaphansi kwegunya likahulumeni kazwelonke, abandakanya amadolobha, izindawo zokuhlala eziseduzane nedolobha , izindawo zokuhlalisa abantu , ammahhovisi amaposi, iziteshi, izikhululo zezindiza (aiports), izikhululo zemikhumbi (harbours), ama-highway, kanye nezindawo zemvelo zemihlaba (natural landforms) ezifana nezintaba, imifudlana (streams), imifula, amatheku (amabheyi), izinhlonhlo (amaphoyinti angenela olwandle), iziqhingi (islands), amaxhaphozi (wetlands) kanye namapaki kazwelonke.

Ngu/Ngobani abangenza isicelo sokwamukelwa kwegama: Yonke iminyango kazwelonke yohulumeni, ohulumeni bezifundazwe , ohulumeni bezindawo, abe-South African Post Office , abakhi nabathuthukisi beprophathi, noma yiyiphi enye inhlangano noma umuntu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola amafomu okwenza iizicelo kwabe-South African Geographical Names Council noma umkhandlu wamagama ezindawo wesifundazwe .
Fakela ifomu nolwazi olulandelayo:

ulwimi igama elisuselwa kulo
isisusa sencazelo yagama uma usazi
inhlobo  yegama elihlongozwayo, isibonelo, ihhovisi leposi noma isiteshi sikaloliwe
idistriki kaMantshi noma isifundazwe  lapho indawo etholakala khona
ngabe ikude kangakanani noma iqonde ngakubi, inhlobo etholakala kuyo maqondana nedolobha eliseduzane noma indawo kamantshi eseduzane.



Fakela imephu kasayizi we-A4.
Fakela igama lomuntu ophakamise igama elisha.
Fakela ifomu lesicelo kwabe-Tribal Authority noma kwabamaGunya eNdawo  ukusayina noma ukufakela isitembu esisemthethweni.
Fakela ifomu eligcwalisiwe kwabe-South African Geographical Names Council, kuMnyango wezoBuciko namaSiko .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Geographical Names Council Act, 1998  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

 Kukhona isikhathi sokulinda esicishe sibe izinyanga ezine.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application form for a new official place name 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

