
Isicelo sesitifikedi sesigunyaziso kwi-ejensi yangasese yokuxazulula izingxabano    



Isimo

I-ejensi yangasese ngerejiste  njenge-ejensi esiza ngokuxazulula izingxabano.



Noma yiwuphi umkhandlu wezingxoxo phakathi kwabaqashi nabasebenzi  noma i-ejensi yangasese ingenza isicelo kunhlangano ephethe  ukuze igunyaziswe ukuxazulula izingxabano ngokubuyisana ; kanye nokwenza izinqumo zokulamula  kwizingxabano ezingaxazululekanga ngokubuyisana .



Inhlangano ephethe  ingadinga ulunye ulwazi lokusekela isicelo, kanti futhi, ngaleyo nhloso, ingacela umenzi wesicelo ukuya kowodwa umhlangnao noma eminingana yenhlangano ephethe.



Ukuthola olunye ulwazi, ngena kwi-website ethi: Department of Labour

Inqubo okumele ilandelwe 



Yenza isicelo kwinhlangano ephethe  ye-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration  ukuthola isigunyaziso 

Fakela ikhophi yenqubo yokuziphatha  kanye nencazelo yokudinga isigunyaziso kwifomu lesicelo.

Fakela ifomu lesicelo kwinhlangano ephethe ye-CCMA.




Umthetho osetshenziswayo 

Labour Relations Act, 1995  Section 127

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe .



Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.



Amafomu okumele agcwaliswe

Certificate of accreditation of private agency, form LRA7.2



Indawo nendlela yokuxhumana


