﻿
Isicelo sesitifikedi sokwamukeleka ukuphatha ubisi kanye nokuluhambisa     



Izincazelo

Amashede obisi, yindawo lapho kusengwa khona nalapho kuphathwa khona ubisi ngendlela ehlanzekile. Isicelo sesitifikedi sokwamukeleka kweshede lokusengela ubisi, kumele senziwe ngokubhala. Isicelo kumele sibandakanye ulwazi okukhulunywa ngalo ngezansi.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwabo Mnyango&nbsp;wezeMpilo.

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yenza isicelo esibhaliwe kwiziphathimandla zendawo endaweni lapho kuzosengelwa khona ubisi, noma lapho ishede izokwakhiwa khona.
Nikeza ngolwazi olulandelayo.
Igama lakho , ikheli kanye nezinombolo zocingo
Isihloko esichaza indawo
Inani labasebenzi abaqashiwe, noma elizoqashwa
Inani lezilwane ezizosengwa
Iplani yendawo ekhombisa inyakatho, kanye nezakhiwo  esondelene nawo, noma asemnceleni aleyo ndawo nokuthi asetshenziselwa ini
Isikeshi nokwendlaleka kwendawo ngesikali sika-1:100 kwazo zonke izindawo zeshede lokusengela ubisi, kanye neplani yomphansi wendawo, ukubonakala kwengxenye yendawo  kanye nobude bokuya phezulu kwendawo .

Zilungiselele ukunikeza noma ngabe yiluphi olunye ulwazi olungacelwa ziphathimandla zendawo.
Isipikitela  weziphathimandla zendawo, uzokwenza lonke uhlolo lwendawo. Isipikitela  uthumela umbiko kanye nesincomo kwiziphathimandla zendawo.
Kukhishwa isitifikedi sokwamukeleka uma ngabe umbiko wesipikitela  umuhle.

Umthetho osetshenziswayo

National Health Act, 2003  
Regulations Relating to Milking sheds and the Transport of Milk  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kuye hlukahlukana kunye ngesifunda nesifunda .

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumelwe a gcwaliswe

Isicelo sesitifikedi sokwamukeleka kweshede lokusengela. Lelifomu litholakala emahhovisi weziphathimandla zendawo noma kwaboMnyango wezeMpilo.

Indawo nendlela yokuxhumana



