﻿

Isicelo sesitifikedi sokwamukeleka ukuhambisa noma ukuphatha ukudla



Izincazelo

Noma yimuphi umuntu ofisa ukuba nendawo yokudla noma ukuhambisa  ukudla kumele abe nesitifikedi sokwamukeleka. Lesi sitifikedi sikhishwa ngemuva kokuba izipikitela  beziphathimandla zendawo behlole indawo noma imoto.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwaboMnyango wezeMpilo

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yenza isicelo semvume noma isitifikedi kwiziphathimandla zendawo  ukuhambisa noma ukuphatha ukudla
Yiba nendawo efanele ezosetshenziswa kuphela ukuphatha ukudla noma imoto ezosetshenziswa kuphela ukuhambisa  ukudla.
Gcina indawo noma imoto ihlanzekile ngazo zonke izikhathi, ukuqinisekisa ukuthi ukudla okuhanjiswa noma okuphathwayo kuleyo ndawo akoniwa zimpukane, ukungcola, nodoti, nokuxubana nezinye izinto ezingalungile noma ezinye izinto ezilimazayo.
Imoto noma indawo izohlolwa zipikitela  beziphathimandla zendawo ukubona ukuthi ngabe ikufanele yini ukuhambisa noma ukuphatha ukudla

Umthetho osetshenziswayo

National Health Act, 2003  
General Notice No. 180 of 10 February 1967 



Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Amazinga okwenziwa komsebenzi ancike kuzipikitela  beziphathimandla zendawo.

Izindleko

Inkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa, kodwa iziphathimandla zendawo zingashaja imadlana encane.

Amafomu okumelwe a gcwaliswe

Amafomu atholakala mahhala kwaboMnyango kaZwelonke wezeMpilo. Ungawathola futhi lamafomu emahhovisi weziphathimandla zendawo.

Indawo nendlela yokuxhumana



