

Isicelo solawulo lokuvalwa , ukuvalwa  kanye nokukhishwa kuhla lobhaliso  lwe-asosiyeshini, inkampani noma i-close corporation


Izincazelo

Uma i-asosiyeshini, inkampani noma i-close corporation ingasakwazi ukukhoha izikweledu zayo, noma ukuhlangabezana nezibopho zayo , uDirector-General  wezoHwebo neZimboni angabhekana nokuchithwa nokuhlakazwa kwempahla yenkampani  noma ukuvalwa kwebhizinisi kanye nokwaba nokuthengiswa kwempahla yayo .

I-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana , noma yiluphi ilunga le-asosiyeshini noma omunye umuntu othintekayo, angenza isicelo enkantolo sokuthi i-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana impahla yayo ihlakazwe ngu-Director-General noma ivalwe kanye nokuthengiswa kwempahla yayo . Inkantolo elalela isicelo kumele kube yidivishini yeNkantolo ePhezulu  noma iNkantolo kaMantshi enamandla okubhekana nenqubo yobulungisa  endaweni lapho i-asosiyeshini etholakala khona noma esebenzela khona. Izinkantolo zingakhipha umyalelo kanjena uma kuyinto engcono nelungele isimo.

Uma inkantolo inquma ukuthi uDirector-General kumele ahlakaze i-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana, uyoba negunya lokumeneja izindaba ze-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana ngaphansi kwezimo zomthetho wezinkampani i-Companies Act, 1973

Uma i-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana yenza isicelo ngokubhalela u-Director-General, yena angayikhipha kuhla lokubhalisa  i-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana, uma eneliseka ngokuthi

isinqumo esivumelana nokukhipha kuhla lobhaliso samukelwe emhlanganweni owawuhanjelwe ngamalunga amaningi e-asosiyeshini noma e-asosiyeshini yesikhashana;
isinqumo sithathwe yiningi lamalunga abekhona noma abemele emhlanganweni; kanti futhi
zonke izinto ezifanele okumele kubhekwane nazo ngaphambi kokukhipha kuhla lobhaliso, ezibandakanya indlela impahla nezikweledu ze-asosiyeshini noma ze-asosiyeshini yesikhashana okuzobhekwana nazo ngayo, noma okuye kwabhekwana nazo ngayo.

Uma inkantolo ithatha isinqumo sokuvala  i-asosiyeshini, noma i-asosiyeshini yesikhashana, izonquma ngokuthi impahla ye-asosiyeshini noma ye-asosiyeshini yesikhashana kuzobhekwana kanjani nayo ngendlela elinganayo nelungile. Inkantolo izobheka noma yiziphi izincomo ezenziwe ngu-Director-General maqondana nokwabiwa kwempahla.

Uma u-Director-General noma i-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana, noma yiliphi ilunga le-asosiyeshini noma yimuphi omunye umuntu othintekayo, enza isicelo sokuthi i-asosiyeshini kumele ihlakazwe ngu-Director-General noma ivalwe, uNgqongqoshe angabeka inqubo i-asosiyeshini noma i-asosiyeshini yesikhashana okumele ihlakazwe ngayo wu-Director-General noma okumele ivalwe ngayo. Ungqongqoshe angabeka namandla nemisebenzi ka-Director-General, u-Registratin IHhovisir , i-asosiyeshini, amalunga noma abanye abathintekayo kulezi zimo.

Kwisimo senkamapni noma i-close corporation , noma yibaphi abantu abathintekayo, u-director , umhloli wamabhuku ezimali, noma abophiki lwezimali ezingenayo i-South African Revenue Service  noma u-Registrar of Companies, bangenza isicelo sokuthi inkampani ikhishwe kuhla lobhaliso lwezinkampni noma ama-CC.

Ukuze uthole ulwazi olunabile, bheka kwi-website yo uMnyango wezoHwebo neZimboni

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ukukhipha kuhla lobhaliso lwezinkampani, i-asosiyeshini kanye nama-CC

Inkampani ebhalisiwe, i-asosiyeshini noma iCC, kumele zibhale incwadi zenze isicelo sokukhishwa kuhla lobhaliso .

Ichaze isizathu sokuthi kungan inkampani noma i-CC yenza isicelo sokukhishwa kuhla lobhaliso.
Lapho kukhonakala khona, ikhombise inombolo yentela yenkampani noma ye-CC.
Bonke o-director kanye namalunga enkampani noma be-CC kumele basayine incwadi uma kuyisicelo sokukhishwa kuhla lobhaliso abazenzela bona ngokuvuma kwabo ukuthi inkampani ikhishwe kuhla lobhaliso.


Umthetho osetshenziswayo

Companies Act, 1973  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukukhishwa kuhla lobhaliso  kuthatha cishe izinyanga eziyisithupha.

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu okumele agcwaliswe.

Indawo nendlela yokuxhumana



