zulo.719.wwf
Lolu hlelo lomsebenzi aluniki nje kuphela abavakashi ithuba lokubona izinyoni ezahlukene kodwa futhi luvulela nomphakathi wendawo amathuba omsebenzi
nguMARIA SITHOLE
SINETHULELA uManah Ntuli (28) ohlala eShowe KwaZulu Natal nababili alamana nabo, indodakazi yakhe nomama nogogo. Le ntokazi yayisebenza njengo-cashier kwenye yama-supermarket - emva kwalokho yalahlekelwa wumsebenzi. Kumanje usezibandakanye ohlelweni lomsebenzi wokongiwa kwemvelo nokuyilapho enakekela khona izinhlobonhlobo zezinyoni.
Lolu hlelo lomsebenzi lwengamelwe ngabegatsha lakuleli leWorld Wildlife Foundation bebambisene nabakwaSappi kanti luseDlinza Forest, eduze kwaseShowe. Lungolunye lwezinhlelo zemisebenzi eziyisikhombisa zabeTreeRoutes ezweni lonkana. Lapha kunebhodi elikhulu elenziwe phezulu abantu abakwazi ukuba bahambe kulo babuke izinyoni ezihlahleni bezibukela eduze.
Kulula ukuhamba kuleli bhodi eliphezulu kunoma ngubani - abadala nabancane.
Lolu hlelo lomsebenzi luvulela umphakathi amathuba omsebenzi kanti kuningi futhi abantu abakufundayo kulo.
Yonke lentsha eyisithupha esebenza kule ndawo ngeyasendaweni. UThabile Khuzwayo noNomusa Ntuli baqala ukuzibandakanya kulo msebenzi ekuqaleni kuka-October 2001. Emva kwalokho bajoyinwa nguSiziwe Zungu, Zinhle Dladla, Siyabonga Mthethwa noManah Ntuli
Bonke bahamba bayoqeqeshwa kulo msebenzi wokubheka banakekele izinyoni nakwezokuvakasha beqeqeshwa enkambweni yokuqeqesha eWakkerstroom, budebuduze naseVryheid nokuyisikhungo esingamelwe ngabeBirdLife SA.
Lapho abafundanga nje kuphela ukunakekela izinyoni nokuzehlukanisa kodwa futhi bafunda nangezihlahla nama-butterflies.
Kulo msebenzi wabo babuye bathokozise abavakashi bakuleli nabaphesheya bebalandisa ngomlando weDlinza Forest.
"Ngaba nesifiso sokusebenza ngemvelo kusukela ngisemncane," kusho uThabile Khuzwayo (33) owayebambe itoho efundisa njengothisha waze wadilizwa ngo-1997.
Wayezimisele ngokwenza izifundo zokongiwa kwemvelo (nature conservation) emva kokuqeda esikoleni kodwa kwadingeka ukuba ashintshe ukucabanga kwakhe emva kokwedlula kukababa wakhe emhlabeni.
"Engikukhonze kakhulu wukufundisa izingane ngokongiwa kwemvelo," kusho yena.
UNomusa Ntuli (25) uphuma emndenini wabantwana abayisishiyagalombili. NjengoManah Ntuli naye ungumama ongayedwana obengasebenzi phezu kokuba aphothula izifundo zamakhomphyutha nezokuvakasha.
Ukhonze ukufunda kabanzi ngemvelo nanokusebenza ngayo kanti usezuze ulwazi olunzulu ngezindlela izinyoni eziziphatha ngazo.
Lukhulu futhi olunye ulwazi alutholile oselumenze wakwazi ukuhlalisana kahle nabavakashi kanti wethemba ukuthi ngelinye ilanga uyozivulela eyakhe inkampani ebhekele ukunakekela abavakashi.
Njengoba eneminyaka engu-20 uSiziwe Zungu nguye omncane kunabo bonke laba basebenzi. Lona ngumsebenzi wakhe wokuqala ngqa - kanti uyamsiza ekufundeni isiNgisi. Into ayikhonze kakhulu wukuzihlalela emthini nezinyoni.
UZinhle Dladla (21) ngowesimame osemusha ongumama oliqhamukisa eNquthu. Ukuqeqeshwa akuthola yikho okwamenza wathanda izinhlelo zokongiwa kwemvelo.
"Ngikuthanda kakhulu ukusebenzisana nabavakashi nokubafundisa ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo," kusho yena. "Ngelinye ilanga ngifuna ukuzivulela isikole sami sokufundisa ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo."
USiyabonga Mthethwa (21) nguye kuphela ongowesilisa kulezi zintokazi.
"Nami ngangingaqashiwe ndawo, kodwa njengamanje sekukhona olukhulu ushintsho empilweni yami," kusho yena.
Enye inhloso enkulu yalolu hlelo wukuxhasa izikole zemiphakathi eyayingenamathuba ngokuba bazifundise ngokongiwa kwemvelo kuma-workshop ababa nawo.[z]
Bakwelenyoni!
BONA ZULU - February 2006
Akukho okuyobavimba kwezemvelo
BONA ZULU - February 2006
KWESOBUNXELE: Ngokusebenza kule ndawo kuningi asebekuzuzile labo abanakekela izinyoni nabavakashi.
NGENHLA KWESOBUNXELE: Abavakashi bephezulu kwelenyoni!
NGEZANSI: Abathathu abasebenza ngokugcwele kulesi sikhungo: (kwesobunxele) Zinhle Dladla, Manah Ntuli noSiziwe Zungu.
