zooloo.217.soil
Umkhuba ongajwayelekile
Sekunabantu abadayisa inhlabathi ngoba kukhona abayidlayo - lokhu kungabeka impilo yakho engcupheni...
UTHULI Mercy Mohale, wase-Orlando East eSoweto wacishe wafa ngenxa yokudla inhlabathi. Le ntombazane eneminyaka engu-19 yamilwa yisigaxa esikhulu esiswini.
Ngesikhathi ehlinzwa esibhedlela iChris Hani Baragwanath Hospital odokotela bakhipha inhlabathi eyase imbozwe amahluli egazi.
Waqale waphathwa amajaqamba esiswini, kwalandela ukopha kwesibeletho. Emva kwalokho waba nenkinga yokuma nokuhamba waze walaliswa esibhedlela.
"Ngangiyiqalekela kangangoba ngangize ngivuke ebusuku. Ngangiyidla cishe kathathu ngosuku.
"Yayinginukela kamnandi. Lo mkhuba ngawejwayezwa wumngani wami owayekhulelwe.
Wayethenga iphakethe layo elalingu-R1 kowayeyithengisa emgwaqweni. Kwakukhona e-brown nemhlophe. Yena wayethanda emhlophe.
Inhlabathi idala umqhubukusho esiswini. "Yayidala ukuba umzimba ube buhlungu wonke ngiphathwe inzululwane. Emzimbeni ngehla cishe ngama-kg angu-15," kusho kukhumbula uThuli.
"Ngaya kwabelapha ngamakhambi bangexwayisa ngokuthi uma ngike ngaya esibhedlela ngiyohlinzwa, nomakanjani ngiyofa.
"Babenginika imithi ukuba ngiyisebenzise - kodwa kujike kwedlulele."
Emva kwesikhathi esingangonyaka uThuli ebhekene nale nkinga, waya esibhedlela wafike wahlinzwa. Ekuqaleni kwakucatshangelwa ukuthi kuzokhishwa isibeletho sakhe, kodwa ngenhlanhla bakwazi ukukugwema lokhu.
"Ngenxa yokwehla komzimba wami nokuba buthaka kwempilo yami abanye babezitshela ukuthi ngiphethwe yi-HIV/AIDS.
"Ukuhlinzwa kwami yikho okwasindisa impilo yami."
UThuli uthanda ukwexwayisa labo abadla inhlabathi ngokuthi:
"Iyekeni ngoba ayiyilungele impilo. Mhlawumbe ngeke nibe nenhlanhla yokusinda njengami."
Uthini ngalabo abayidayisayo"
"Makube khona okwenziwayo ukunqanda ukudayiswa kwenhlabathi ngoba lokhu kubeka izimpilo zabantu engcupheni yokufa."
UHester van den Heever, ongumxhumanisi nabezindaba eChris Hani Baragwanath Hospital uthe: "Abantu abaningi badla inhlabathi ngoba beyiqalekela.
"Lokhu kuqaleka kudalwa wukwesweleka kwe-iron emzimbeni.
"Odabeni lukaThuli, ukopha yikho okwaholela ekutheni alahlekelwe yigazi eliningi - ne-iron eningi nokwaba nomphumela wokuqalekela inhlabathi."
"Ukudla inhlabathi kudala ukuphathwa wumqhubukusho," kusho uMatron Linda Hlatshwayo waseTjakastad Clinic esifundeni saseMpumalanga. "Kudala nokuphathwa yi-appendix.
"Ukudla inhlabathi kungadala futhi i-haemorrhoids, noma ama-piles - ukuvuvukala kwemithambo phakathi endaweni yangasese ngemumva noma eduze kwayo kube nzima ukuzikhulula.
"Kwabanye lo mkhuba uqala ngokuba badle umlotha, bahehwe nayiphunga lenhlabathi elizwakala lapho izulu likhemezela."
"Abesimame bayayithanda le nhlabathi," kusho uSipho Magagula, waseTsakane eBrakpan odayisa inhlabathi ezitaladini. "Ngithenga istokwe sikaR35 ngenze amaphasela abiza R1.
"Abanye bathi ivikela ukukhulelwa kanti abanye bathi bayayithanda nje" [z]
Inhlabathi ayikulungele!
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguCLIVE THOMPSON
BONA ZULU - June 2006
u
t
BONA ZULU - June 2006
Asibhenywa ogogo kuphela!
NAMUHLA sebeyanda abantu abasha abafundile abenza imisebenzi ephambili ababhema ugwayi wamakhala isinemfu.
"Ngangivame ukuphathwa ikhanda elalinginqamula," kusho uNqobi (okungesilo igama lakhe) oneminyaka engu-32 othi lapho umbuka ucabange ukuthi ungunobuhle. "Odokotela bangitshela ukuthi ngingawasebenzisi amaphilisi ezinhlungu. Kule nkinga ngaze ngasizwa yisinemfu."
Akathandi ukuba abangani bakhe bazi ngalo mkhuba wakhe.
"Uma bekhuluma ngobubi bokubhema isinemfu ngivele ngizithulele," kusho yena.
Akayedwa kulokhu. UThoko uneminyaka engu-25 kanti usebenzela enye yezinkampani zefenisha edumile.
NjengoNqobi, uThoko naye akafuni ukuba abantu bambone esebenzisa isinemfu. "Ngisisebenzisa uma ngingedwa kuphela."
Uthi ngosuku usebenzisa amadosha esinemfu amabili. "Uma sengisibhemile, ngiyaneliseka kokunye ngize ngikhohlwe nawukudla. Ngesinye isikhathi singithokozisa kangangoba ngize ngikhale izinyembezi zenjabulo."
UChristine ngomunye wabesimame banamuhla abazifundele. Le ntokazi eneminyaka eko-30 yaqala ukusebenzisa isinemfu ngesikhathi isafunda.
"Ngangiphathwa yikhanda elalixakile elaliba ngcono uma ngisebenzise isinemfu," kusho kuchaza yena.
UChristine isinemfu usisebenzisa ngendlela eyehlukile kwabanye ngoba yena usifaka emlomeni.
"Ngazama ukusifaka emakhaleni ngisibheme kodwa ngaba nenkinga yokucinana kwamakhala."
Usishutheka emlomeni cishe kathathu ngosuku - ekuseni ngaphambi kokuba ageze, emini emva kwedina nasebusuku ngaphambi kokuba alale. Usifaka phakathi kwamazinyo nezindebe. "Ngisigcina phakathi emlomeni cishe isikhathi esingangehora ngaphambi kokuba ngisikhiphe ngamanzi."
Okuxakayo wukuthi amazinyo akhe awashintshile umbala phezu kokusebenzisa isinemfu ngale ndlela iminyaka eminingi kangaka.
"Anginendaba nokuthi ngobani abazi ukuthi ngibhema isinemfu. Bonke abangani bami bayazi," kusho uChristine.
Okubuhlungu ngalokhu wukuthi le ntokazi ivumile ukuthi ingancamela ukuba ingaziniki izingane zayo imali yokudla esikoleni uma kungukuthi ngeke ibe nayo imali yokuthenga idosha lesinemfu.
Kuyacaca ukuthi imboni yesinemfu kuleli neyama-toilet paper zisazosimama kakhulu.
