

Isicelo sokukhanselwa kobhaliso  ye-VAT

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukubhalisela ukukhokha i value-added tax  nabophiko lwezimali Ezingenayo eNingizimu Afrika iSouth African Revenue Service  lungakhanselwa ngaphansi kwezimo ezilandelayo:

lapho umthamo wentengiso yakho okumele ikhokhiswe intela ye-VAT wehla uba ngaphansi kuka-R300 000 ngonyaka
lapho uyeka ibhizinisi, nakhona uzobe ungenzi ibhizinisi ezinyangeni ezingu-12 ngemuva kosuku
lapho wenze isicelo sokubhalisa ukuqala ibhizinisi kodwa ungakaliqali lelo bhizinisi.

Ngisho noma ungasabhalisele i VAT, kusamele ukhokhele zonke izibopho zezikweledu zakho zokukhokha intela ye-VAT zangaleso sikhathi wawusabhalisile ngaphansi komthetho we-Value Added Tax Act, 1991.

Kumele wazise abe-SARS ezinsukwini ezingu-21 zokuvalwa kwebhizinisi lakho.

Abe-SARS ngeke bakhansela ukubhalisa komuntu obebhalisile uma kukhona izizathu ezibambekayo zokukholelwa ukuthi uzoqala elinye ibhizinisi esikhathini sezinyange ezingu-12 ukusukela ngosuku lokuyeka kwakhe elinye ibhizinisi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola amafomu okubhalisa kwi-inthanethi ngekhompyutha noma uye emahhovisi eSARS lapho obhalise khona ukwenza isicelo.
Thumela amafomu kwihhovisi le-SARS lapho obhalise khona.
Abe-SARS bazokunikeza inothisi ebhaliwe kumuntu owenze isicelo sokukhansela ukubhalisa noma ukumazisa ukuthi bayala  ukukhansela ubhaliso .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Value-Added Tax Act, 1991  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzi itholakala mahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for cancellation of registration of a person in respect of all his enterprises, VAT 123  yomuntu maqondana nawo onke amabhizinisi akhe, senziwa kwi-VAT)

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


