﻿

Ukwenza amalungiselelo okukhokhela intela ekweledwa abe-SARS

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Izimali zentela kuvamise ukuba zikhokhelwe ngosuku olubekiwe kwinothisi yokuhlolelwa ukukhokhela intela  noma nganoma yiyiphi inothisi yokukhokha ekhishwa ngabe-South African Revenue Service . Uma leli nani lingakhokhwa ngalolo suku olubekiwe, uzobasecaleni lokukhokhela inzalo kanye nama-penalty.

Uma ungakwazi ukukhokhela inani elifanele ngosuku olubekiwe, ungenza isicelo samalungiselelo okukhokhela lelo nani ngesinye isikhathi kamuva.

Ukukhokhela lelo nani kamuva maqondana nebhalansi kwi-akhawunti yakho kungabonelelwa esikhathini somkhawulo wezinyanga ezintathu, kuye ngezizathu zaleso sicelo.

Abe-SARS bazobonelela isicelo sakho nokwenza isinqumo sokugcina ngokuthi wenze amalungiselelo okukhokha kamuva. Sicela uqaphele ukuthi abe-SARS banelungelo lokunqabela isicelo sakho.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Fakela isicelo sokwenza amalungiselelo okukhokha kamuva kwabe-SARS ngendlela elandelayo:

Izicelo zamalungiselelo okukhokha kamuva kumele zifakelwe ngesandla kwihhovisi legatsha le-SARS eliseduzane
Ungenza isicelo ngocingo  kwi-Call Centre efanele yabe-SARS
Ungathumela isicelo ngeFekisi kwi-Call Centre efanele yabe-SARS noma kwihhovisi legatsha le-SARS eliseduzane nawe.

Sayina isivumelwano sokukhokha kamuva ngaphambi kokuba amalungiselelo alokhu afakelwe kurekhodi lakho lentela.
Uma uhluleka ukulandela izimo zokukhokhela intela oyikweledayo kamuva njengoba kubekiwe kwisivumelwano osisayine nabe-SARS, amalungiselelo esivumelwano azokhanselwa, ebese kuqalwa ukulandela inqubo evamile yokuqoqa imali oyikweledayo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu okumele agcwaliswe.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


