


Isicelo sokusungula i-learnersip uma ungumqashi





Isimo 

I-learnership ngenye indlela ehlukile yoqeqesho egxila kakhulu kwisipiliyoni esibambekayo.



Ama-learnership abandakanya izifundo ezenziwa emaklasini esikhungweni soqeqesho noma ekholishi kanye noqeqesho lwasemsebenzini ngesikhathi wenza umsebenzi.





Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi 


Inqubo okumele ilandelwe 

Abaqashi kumele bathethe isinqumo sokuthi ngabe ngamaphi amakhono abawadingayo ebese bekhetha noma ngabe yiyiphi i-learnership enikezwa noma ngabe yiyiphi i-Sector Education Training Authority .
Abaqashi bangenza isicelo semali  ku-SETA uma sebesayine isivumelwano se-learnersip. Kodwa, kubalulekile ukuthi abaqashi baxhumane ne-SETA ngaphambi kokuba basayine isivumelwano se-learnership ukuqinisekisa ukuthi i-SETA inemali eyenele. Xhumana ne-SETA ukuthola ukuthi kumele wenze kanjani isicelo.
Thola omunye umuntu kwinhlangano yenu ukunikeza umkhombandlela kubafundi nokubasiza ngezinkinga abangahlangabezana nazo kwinhlangano.
Thola omunye ozosizana nomfundi ngengxenye yezifundo kwi-learnership ngokukhetha umhlinzeki ngoqeqesho. Umhlinzeki ngoqeqesho  kumele abe ngogunyazwe ngabe-SETA.
Abaqashi bangakhetha abafundi phakathi kwabasebenzi babo noma bakhethe kubantu abangasebenzi ukuze bathole ama-learnership. Uma befuna abantu abangasebenzi ukwenza ama-learnership, bangaxhumana ne-labour centre  esiseduzane nabo ukuthola uhla lwabantu abangasebenzi ababhalise kuso. Asikho isidingo sokuthi baqashe laba bantu kulaba bafundi abangasebenzi ngemuva kwama-learnership.
Abaqashi, nabahlinzeki ngoqeqesho  kanye nabafundi kumele basayine isivumelano se-learnership.
Abaqashi kumele basayine ikontraki nabafundi abangasebenzi abahambisana nesidingo sama-Sectoral Determination for Learnerships. Asikho isidingo sokusayina amakontraki amasha nabasebenzi asebevele besebenza kumqashi.
Kubalulekile ukuthi abaqashi babhalise  izivumelwano zama-learnership abo ne-SETA. Uma bengakwenzi lokho, ngeke bakwazi ukukleyima intela kwabophiko lwezimali ezingenayo abe-South African Revenue Service . Xhumana ne-SARS ukuthola eminye imininingwane ngokuthi ungakleyima kanjani intela.
Uma zonke izinyathelo ezingenhla seziphethiwe, abaqashi bangasungula ama-learnership.


Umthetho osetshenziswayo 
Skill Development Act, 1998  
Basic Conditions of Employment Act, 1997 , Sectoral Determination No. 5 .


Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi 

Kungathatha cishe izinsuku ezingu-30 ukusungula i-learnership.


Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.


Amafomu okumele agcwaliswe 

Yenza isicelo kwabe-Department of Labour 


Indawo nendlela yokuxhumana 




