

Ukufaka isicelo sephomedi yokudoba izinhlanzi kwamanye amazwe uzozithengisa lapha ekhaya

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukudobela ukuzothengisa wokuthi abantu bahambe bayodoba izinhlanzi emanzini angewona ase South Africa beqonde ukuzothengisa. Ukuze ungenise izinhlanzi ezivela kwamanye amazwe uzingenisela ukuzothengisa, kumele ufake isicelo sephomedi yokwenze njalo ekhishwa yigatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe. Akekho umuntu ovunyelwe ukuthi angenise izinhlanzi zakwamanye amazwe ngaphandle kwephomedi yokwenze njalo. Faka isicelo esisha sephomedi uma lena onayo isiphelelwe yisikhathi. Uma uhluleke ukuthobela lesimiso sephomedi, ingamiswa iphomedi yakho noma ihoxiswe.

Qaphela: Iphomedi yokudobela ukuzothengisa emanzini angewona ase South Africa ayifaki izinhlanzi ezidotshwe emanzini ancwaba. Lezozinhlanzi zilawulwa yigatsha lezolimo . Izicelo zephomedi yokungenisa izinhlanzi ezidotshwe emanzini ancwaba zimikiswa egatsheni lezolimo. Yiloleligatsha elinikeza leyophomedi.

Lemithetho elandelayo yokuthibela ukungenisa izinhlanzi ibekiwe:

Izinhlanzi ezisohlwini lwesivumelwano sokuhweba ngezilwane ezisengozini yokungabe zisaba khona emhlabeni somhlaba wonke azivunyelwanga ukudotshwa.zilethwe e South Africa. Uma ufuna ulwazi olunzulu ngalenhlangano yiya kut http://www.cites.org.

Iphomedi yokungenisa izinhlanzi ekhishelwe I abalone, irock lobster nezinhlanzi ngokubhaliwe emthethweni wezinhlanzi eziphila olwandle ka 1998 appenddix 4,5, & 12 izosebenza emthwalweni munye vo .

Kuvumeleke Inkalankala ephelele esemakhazeni enesisindo asingu 600g ngasikhathi sinye noma umthwalo ungedluli kumathani angu 25 ngomnyaka.

Abantu abakavunyelwa ukungenisa inkalankala ephilayo.


Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola ifomu ngokuthumela isicelo ehhovisi eliphethe ezamanzi nesifunda sasogwini  noma ehhovisi lebhulantshi legatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma yamukele nge computer ku http://www.mcm-deat.gov.za.
Fundisisa ifomu uqinisekise ukuthi uphetha zonke izimfanelo zesimiso zesicelo.
Thumela ulwazi olulandelayo:

ikheli labakuthengiselayo ezweni lapho izinhlanzi ziphuma khona
igama elejwayelekile nelesayensi lenhlanzi
nenani lezinhlanzi ozozingenisa.

Thumela isicelo sakho kanye nalamaphepha alandelayo:

ikhophi enesitembu samaphoyisa yomazisi wakho nenombholo yokubhalisa yenkampani yakho
ikhophi enesitembu samaphoyisa yephomedi yokungenisa impahla evela kwigatsha lezohwebo kanye nezimboni noma isaziso sephomedi.
ikhophi enesitembu samaphoyisa yesitifiketi sokuthi awukweledi intela esikhishwe ngabonyango wezentela wase South Africa.  .

Yazisa ibhulantsi eseduze nawe yakwa South African Bureau of Standards  ngomthwalo wakho uma izinhlanzi ozingenisayo zingezona ezincwaba noma zingezona ezidliwayo ngabantu.
Gcwalisa, usayine uposele ifomu lakho namaphepha adingekayo kwabaphethe ezamanzi nesifunda sasogwini.
 thumela amaphepha okuqala ngaphandle kwaloko iphomedi ingeke ikhishwe.
Imali yokufaka isicelo ingu R225.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  

The National Environmental Management Act, 1998  

The National Biodiversity Act, 2004  


, 2003  

The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973  

The Sea Fishery Act, 1988  

The Sea-shore Act, 1935  

The International Convention for the Prevention of Pollution from Ships Act, 1986  


Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana uma amaphepha onke aphelele.

Phezulu

Izindleko

Imali yokufaka isicelo ingu R225. Izindleko zingakhushulwa njalo ngomnyaka noma ngokusho kuka ngqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe besebenzisana nongqongqoshe wezezimali.

imininingwane yasebhange yephomedi yokufaka isicelo sokungenisa impahla:

Bank: FNB
Branch: Corporate Account Service Cape Town
Branch code: 204109
Account: Current
Account No. 62123256382
Account Name: Marine Living Resources Fund
Ref No. thintana nabanqeda amakhasitamu kulenombholo 0861 123 626

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for an import permit  Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


