

Ukufaka isicelo sokuhweba namanye amazwe ngezinhlanzi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukuhweba ngezinhlanzi wukwenza imisebenzi ephathelene nokudoda njengokuthengisela amanye amazwe izinhlanzi ngenhloso yokwenza inzuzo. Ukuhambisa izinhlanzi zasemanzini uzise kwamanye amazwe noma uzise ngaphandle kwemincele yase South Africa, kumele ufake isicelo sephomedi yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli ekhishwa ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe. Akekho umuntu ovunyelwe ukuthi athumela izinhlanzi ngaphandle kwaleli ngaphandle kwephomedi yokwenze njalo. Faka isicelo esisha sephomedi uma lena onayo isiphelelwe yisikhathi emuva kwezinyanga ezintathu. Uma uhluleke ukuthobela lesimiso sephomedi, ingamiswa iphomedi yakho noma ihoxiswe.

Qaphela: Iphomedi yokuthumela izinhlanzi kwamanye amazwe ayifaki izinhlanzi ezidotshwe emanzini ancwaba. Lezozinhlanzi zilawulwa yigatsha lezolimo . Izicelo zephomedi yokuthumela izinhlanzi kwamanye amazwe ezidotshwe emanzini ancwaba, nezitholakala ezifundeni ezithile zimikiswa egatsheni lezolimo. Yiloleligatsha elinikeza leyophomedi.

Izinhlanzi ezisohlwini lwesivumelwano sokuhweba ngezilwane ezisengozini yokungabe zisaba khona emhlabeni somhlaba wonke azivunyelwanga ukuthunyelwa kwamanye amazwe. Uma ufuna ulwazi olunzulu ngalenhlangano yiya kut http://www.cites.org.

Iphomedi yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli ekhishelwe I abalone kumele iphelekezelwe yisitifiketi sakwa CITES mthwalo ngamunye.

Iphomedi yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli ekhishelwe i bigeye tuna, nesouthern bluefin tuna, nesword fish Antarctic toothfish kanye nePatagonian toothfish kumele iphelekezelwe yiphepha elisho isibalo sazo mthwalo ngamunye. Amaphepha esibalo sezinhlanzi atholakala egatsheni eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha , nasehhovisi lebhulantshi yabaphethe ezamanzi nezasogwini, nasehhovisi lomqondisi omkhulu labaphethe ezasogwini nezolwandle olunamagagasi amakhulu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Faka isicelo Iphomedi yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli.

Thola amafomu okuthumela impahla ngephandle kwaleli kanye namafomu akwa CITES kwabaphethe ezamanzi nezasogwini ) noma egatsheni eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha ,noma wamukele ngecomputer ku http://www.mcm-deat.gov.za.

Fundisisa ifomu uqinisekise ukuthi uphetha zonke izimfanelo zesimiso zesicelo.

Thumela ulwazi olulandelayo:


ikheli labazomukela impahla kulelozwe lapho uyithumale khona

igama elejwayelekile nelesayensi lenhlanzi

nenani lezinhlanzi ozozithumela

uma usebenzisa umenzeli, isivumelwano phakathi kwemaqembu amabili siyafuneka kanye nabomazisi balabo abasayinile

amakhophi amaphepha esibalo nawo ayafuneka azozonke izinhlanzi nje ge bigeye tuna, nesouthern bluefin tuna, nesword fish Antarctic toothfish kanye nePatagonian toothfish ezathunyelwa ngephomedi yangaphambili.


Uma lowo ofaka isicelo sokuthumela impahla ngaphandle kwaleli egeyena onelungelo lokudoba, akasinikeze lamaphepha alandelayo:


ubufakazi bomthwalo kanye nekheli lalabo abazokunikeza izinhlanzi ozozithumela

igama elejwayelekile nelesayensi lenhlanzi

nenani lezinhlanzi ozozithumela.


Thumela amakhophi anesitembu samaphoyisa alamaphepha alandelayo:


umazisi wakho kanye namaphepha okubhaliswa kwenkampani yakho

iphomedi esebenzayo yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli evela egatsheni lezohwebo nezimboni noma isaziso sephomedi

isitifiketi sokuthi awukweledi intela esikhishwe ngabonyango wezentela wase South Africa. .


Yazisa ibhulantsi eseduze nawe yakwa South African Bureau of Standards ngomthwalo wakho ozowuthumela uma izinhlanzi ozithumelayo zingezona ezincwaba noma zingezona ezidliwayo ngabantu. Uma izinhlanzi zakho zincwaba zizodliwa ngabanto yazisa itheku lezempilo.

Imali yokufaka isicelo ingu R225.

Gcwalisa, usayine uposele ifomu lakho namaphepha adingekayo kwabaphethe ezamanzi nesifunda sasogwini thumela amaphepha okuqala ngaphandle kwaloko iphomedi ingeke ikhishwe.

Amaphepha okuqala yiwona okumele uwathumele, ngaphandle kwaloko iphomedi ungeke uyithole.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  

The National Environmental Management Act, 1998  

The National Biodiversity Act, 2004  

The National Marine Protected Areas Act, 2003  

The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973  

The Sea Fishery Act, 1988  

The Sea-shore Act, 1935  

The International Convention for the Prevention of Pollution from Ships Act, 1986 


Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana uma amaphepha onke aphelele.

Phezulu

Izindleko

Imali yokufaka isicelo ingu R225. Izindleko zingakhushulwa njalo ngomnyaka noma ngokusho kuka ngqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe besebenzisana nongqongqoshe wezezimali.

imininingwane yasebhange yephomedi yokufaka isicelo sokungenisa impahla:

Bank: FNB
Branch: Corporate Account Service Cape Town
Branch code: 204109
Account: Current
Account No. 62123256382
Account Name: Marine Living Resources Fund
Ref No. thintana nabanqeda amakhasitamu kulenombholo 0861 123 626

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for an export permit 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


