

Ukufaka isicelo sephomedi yokudoba izinhlanzi kwamanye amazwe njengendlela yokuzilibazisa

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukudobela ukuzilibazisa wokuthi abantu bahambe bayodoba izinhlanzi emanzini angewona ase South Africa bengaqonde ukuzithengisa. Ukuze ungenise izinhlanzi ezivela kwamanye amazwe uzingenisela ukuzilibazisa kuphela, kumele ufake isicelo sephomedi yokwenze njalo esikhishwa yigatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha  noma isiphathimandla esikhethiwe. Izinhlanzi ezilandwe kwamanye amazwe okufanele zithengiswe kodwa kumele abantu bazidlele bona. Akekho umuntu ovunyelwe ukuthi angenise izinhlanzi zakwamanye amazwe ngaphandle kwephomedi yokwenze njalo. Faka isicelo esisha sephomedi yokudobela ukuzilibazisa emanzini angewona ase South Africa uma lena onayo isiphelelwe yisikhathi. Uma uhluleke ukuthobela lesimiso sephomedi, ingamiswa iphomedi yakho noma ihoxiswe.

Qaphela: Iphomedi yokudobela ukuzilibazisa emanzini angamelwe yi Department of Agriculture ayifaki izinhlanzi ezidotshwe emanzini ancwaba. Lezozinhlanzi zilawulwa yigatsha lezolimo. Izicelo zephomedi yokungenisa izinhlanzi ezidotshwe emanzini ancwaba zimikiswa egatsheni lezolimo. Yiloleligatsha elinikeza leyophomedi.

Lemithetho elandelayo yokuthibela ukungenisa izinhlanzi ibekiwe:

Izinhlanzi ezisohlwini lwesivumelwano sokuhweba ngezilwane ezisengozini yokungabe zisaba khona emhlabeni somhlaba wonke azivunyelwanga ukudotshwa.zilethwe e South Africa. Uma ufuna ulwazi olunzulu ngalenhlangano yiya ku http://www.cites.org .

Iphomedi yokudobela ukuzilibazisa emanzini angewona ase South Africa yokuthi abantu bazidlele nje iyaphela uma umuntu esebuyile kulelozwe bekayodoba khona.

Abantu abavunyelwe ukuthi beze nezinhlanzi eziphilayo.


Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa amafomu afanele uwathumele kwigatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha  kanye nalolwazi olulandelayo:


usuku ozohamba ngalo nosuku ozobuya ngalo e South Africa

igama lezwe olivakashelayo

indawo emnceleni e South Africa ozongena kuyona uma usubuya

ubufakazi bekheli nocingokanye nenombholo yefekisi yakho e South Africa

yisho ukuthi izinhlanzi zizofika zithwelwe kanjani 

ikhophi enesitembu samaphoyisa yomazisi yowonke-wonke ofaka isicelo

ubufakazi bokuthi ukhokhile imali yokufaka isicelo ebhange 

amaphepha athunyelwe ngefekisi awamukelekile

ungamikisa wean mathupha noma uwapose.



Qaphela:

Faka isicelo sakho kusenamaviki amabili usengakahambi ukuze ubanike isithuba sokulungisa amaphepha akho
Ayidingeki iphomedi yebheyiti odobeni, kodwa-ke qinisekisa ukuthi uphethe iphomedi yibheyiti yokuzilibazisa  noma uphethe isilibhu sokukufakazela ukuthi uthenge ibheyiti)

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  
The National Environmental Management Act, 1998  
The National Biodiversity Act, 2004  
The National Marine Protected Areas Act, 2003  
The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973 
The Sea Fishery Act, 1988  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana uma amaphepha onke aphelele.

Phezulu

Izindleko

Ukufaka isicelo sephomedi yokudobela ukuzilibazisa emanzini angewona ase South Africa yokuthi abantu bazidlele nje ngu R120.

Imininingwane yase Bhange:

Bank: First National Bank
Branch: Corporate Account Service Cape Town
Branch code: 204109
Account: Current
Account No. 62123256382
Account Name: Marine Living Resources Fund
Ref. No. thintana nabanqeda amakhasitamu kulenombholo 0861 123 626

Izindleko zingakhushulwa njalo ngomnyaka noma ngokusho kuka ngqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha  noma isiphathimandla esikhethiwe besebenzisana nongqongqoshe wezezimali.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Application to import fish on recreational basis . Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze nawe.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


