﻿

Ukufaka isicelo selungelo lokudoba ukuze uthengise

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukudobela ukuthengisa kuwukusebenzisa ilungelo lakho lokudoba izinhlanzi. Lelilungelo kumele licelwe umuntu anikezwe lona ukuze alisebenzise, avune izinhlanzi olwandle noma asebenze umsebenzi ophathelene nokudoba ukuze athengise. Lifaka phakathi nokwenza umsebenzi ophathelene nokudoba kodwa ungazidli lezozinhlanzi. Ukuze usebenzise ilungelo lakho lokudoba, faka isicelo sephomedi yokudobela ukuthengisa ekhishwa ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha   noma isiphathimandla esikhethiwe. Ilungelo eligcwele noma elinqunyelwe liyanikezwa ezinhlobeni ezithile zezinhlanzi yigatsha lwakwa DEA&T ngokubheka inani elivunyelwe lokudotshwa kwezinhlanzi  enqunywa njalo ngomnyaka ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha . akekho umuntu ozovele ayodobela ukuthengisa ngaphandle kwephomedi

Uqala ngokufaka isicelo selungelo lokudobela ukuthengisa ngaphambi kokuthi ufake isicelo sephomedi yokudobela ukuthengisa. Lephomedi iyavuselelwa njalo ngomnyaka, kanti uma uhluleke ukuthobela lesimiso sephomedi, ingamiswa iphomedi yakho noma ihoxiswe noma ilungelo lakho lihoxiswe

Ngaphezu kwephomedi yokudobela ukuthengisa, uzodinga iphomedi yokuthutha izinhlanzi ukuze ukwazi ukuzithutha.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Faka isicelo selungelo lokudoba ngakuthi umenywe ukuthi wenze njalo nguhulumeni abhale encwadini yezaziso zikahulumeni.
Thola ifomu lokufaka isicelo egatsheni eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha  noma hamba uyolilanda lapho uzakutshelwa ukuthi ulilande khona ngabakwa DEA&T.
Fundisisa ifomu uqinisekise ukuthi uphetha zonke izimfanelo zesimiso zesicelo.
Gcwalisa, usayine ulithumele ifomu lakho namaphepha nezitifiketi ezidingekayo kanye nemali engabuyiselwa endaweni ozotshelwa yona noma ahhovisi lwakwa DEA&T eliseduze nawe.
umsebenzi wokuhluza uzoqala emuva kokudlula kosuku elibekiwe elijuba ukungena kwezicelo kanti imiphumela izomenyezelwa ngokubhalelana nabakwa DEA&T.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  

The National Environmental Management Act, 1998  

The National Biodiversity Act, 2004  

The National Marine Protected Areas Act, 2003  

The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973  
The International Convention for the Prevention of Pollution from Ships Act, 1986  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi


isicelo selungelo lokudoba:

Isicelo sakho sizosetshenzwa izinyanga ezingu 1 kuya ku 3 noma ngaphezudlwana kuya ngokuthi umsebenzi ungakanani noma kuya ngokutholakala kwezinhlobo zezinhlanzi.

Ukufaka isicelo sephomedi yokudoba:

Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana Kuya ngokuthi bangakanani abantu abafake izicelo.


Phezulu

Izindleko

