

Yenza isicelo sokungenisa impahla ngaphakathi ezweni



Izincazelo

Ngokulandela umthetho wokuphathwa kwezohwebo lwamazwe omhlaba we-International Trade Administration Act, 71 of 2002, uNgqongqoshe wezoHwebo neZimboni angathi lapho ebona kufanele noma kuyinto ewusizo  ngokubonelela isizwe, angathi ngokwenza inothisi kuGazethi kaHulumeni, abeke ukuthi akukho mpahla ngaphandle kwaleyo yeklasi ethize noma yohlobo oluthize

engangeniswa ngaphakathi eNingizimu Afrika; noma
engangeniswa ngaphakathi eNingizimu Afrika ngaphandle kwegunya le noma ngokulandela izimo ezibekwe kwimvume enikezwe nguye  noma ngumuntu ogunyazwe nguye.

Izicelo zemvume zokungenisa impahla ngaphakathi, impahla engaphansi kolawulo lwezimpahla kumele ifakelwe kwifomu elibekiwe.

Inhloso yenkonzo wukuqinisekisa ukuthi impahla ethengiswa okwesibili engeniswayo, ngeke yacikela phansi imboni yeningizimu ne-Afrika i-Southern African Customs Union . Le nqubo iqinisekisa nokuthi kuba nolawulo lwempilo yesimo sendalo kanye nangezizathu zezokuvikeleka, ukuphepha kanye nokulandelwa kwamaqophelo, kanye nolawulo ngenhloso yokulandelwa kwezizathu zezendalo.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwi-website ethi: International Trade Administration Commission.

Izinyathelo okumele zilandelwe

Kumele kugcwaliswe amafomu esicelo ebese efakelwa.
Amafomu kumele adiliviwe kwaboPhiko lobuQondisi  ye- Import and Export Control, ITAC.

Umthetho osetshenziswayo

International Trade Administration Act, 2002  

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for Import Facilities
Annexure to Application for Import Facilities

Indawo nendlela yokuxhumana



