﻿

Isicelo sokuthola umyalelo osemthethweni maqondana nentela – kwimali enikezelwa ukubonga umsebenzi 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lesi sicelo sifakelwa kwabe-South African Revenue Service  lapho kudingeka umyalelo wentela wokudonswa kwentela maqondana nesamba semali esinikezwa ngokungavamile esinikezwa ngumqashi .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Qinisekisa ukuthi izindaba zakho zezentela zikwisimo esifanele lapho wenza isicelo somyalelo wentela. Abe-SARS ngeke bakhipha umyalelo wentela uma ungafakelanga amafomu entela noma ukweleda intela.
Fakela okulandelayo ukusizana nabe-SARS ekwamukeleni isicelo sakho somyalelo wentela:

ifomu lesicelo le-IRP3
inombolo kamazisi wakho  kanye nenombolo yereferense yentela
inombolo yereferense ye-PAYE yomqashi wakho.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Lapho abe-SARS sebevumele isicelo, uzonikezwa isiqiniseko ezinsukwini ezimbalwa, kodwa umyalelo wentela osemthethweni ungathatha cishe amaviki amane.

Indlela elula yokwenza isicelo somyalelo wentela, wukusenza nge-inthanethi kwi-website ethi: eFiling. Isicelo sakho somyalelo wentela ngale ndlela sivamise ukuvunyelwa kungakapheli amahora angu-48.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Gcwalisa uthumela ifomu lakho online. Noma-ke downloda ugcwalise ifomu Application for tax directive: Gratuities IRP3 .

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


