﻿
Isicelo somyalo wokukhokha intela – inani eligxilile noma elingashintshi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Lesisicelo somyalo wokukhokha intela sifakwa emnyango wezentela kaHulumeni wase Ningizimu Afrika  , ukucela ukuthi imali ethile ebekiweyo engashintshi iphungulwe emalini engeniswa ngumtheli-ntela noma ayithola njalo ngomnyaka.



Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Qinisekisa ukuthi izindaba zakho zentela ziqondile ngaphambi kokuthi ufake isicelo somyalo wokukhokha intela. Umnyango wezentela ungeke unikeze umyalo wokukhokha intela uma kusenamaphepha okukhokha intela asengakathunyelwa eSARS noma kusemali yentela umtheli-ntela asengakayikhokhi.

Nikeza lemininingwane elandelayo ukuze uncedise umnyango wezentela ukuthi wamukele isicelo sakho somyalo wokukhokha intela:

ifomu lokufaka isicelo I IRP3
inombholo yakho yomazisi kanye nenombholo yakho yomthelo
inombholo yomqashi wakho noma yomsizi wakho kwezentela ye PAYE
isitatimendi esikhombisa imali engenayo nemali ephumayo esijulile. Kungenzeka ukuthi umnyango wezentela ucele ubuvakazi bezindleko ezithile ngaphambi kokuvumela isicelo sakho somyalo wokukhokha intela
indlela oyisebenzisile  ukuthi ubale imali yentela okufanele ukuthi uyikhokhe.

Uma isicelo sakho semukelekile uzakwaziswa ezinsukwini ezimbalwa, kodwa umyalo wokukhokha intela osemthethweni uzothatha amaviki amane ukufika kuwena.

Indlela elula yokufaka isicelo somyalo wokukhokha intela wukuyenze nge eFiling. Uma wenze ngalendlela, isicelo sakho semukeleka angakapheli amahora angamashumi amane neshiyagalombili, 48 hours, uma ihhovisi lingadingi ubuvakazi bezindleko.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kuzothatha amaviki amane ukusebenza isicelo sakho.

Phezulu

Izindleko

Awokhokhelwa lomsebenzi.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Gcwalisa uthumela ifomu lakho online. Noma-ke downloda ugcwalise ifomu IRP 3.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


