
Isicelo sobhaliso  yokudla kwemfuyo nokudla kwezilwanyana ezifuyiwe
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Konke ukudla kwemfuyo okubuya ngaphandle, okwenziwa noma okukhiqizwa noma okuthengiswa eNingizimu Afrika kumele kubhaliswe  ngo-Registrar, we-Act 36 of 1947. Umenzi wesicelo kumele abe ngumuntu ngokomthetho , isibonelo, uJohn Peter Citizen, oqhuba ibhizinisi ngegama elithi  Diepsloot Stud.

Inkampani yaphesheya ngeke yakwazi ukwenza isicelo sokubhalisa  eNingizimu Afrila. Zinkampani ezibhalise lapha ezweni kuphela, isakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma inhlangano esemthethweni ebhalise eNingizimu Afrika engenza isicelo sokudla kwemfuyo kanye nezinonisi .

Ukudla kwemfuyo akubandakanyi utshani belala , izimpepha namakhoba , utshani befolishi engaphansi komhlabathi , imfulo yesayileji , kanye nanoma yiziphi izinhlamvu zikakolo , noma yikuphi okunye ukudla kwemfuyo okulungiswa ngumlimi ukuze akusebenzisele imfuyo yakhe.

Request the guidelines ngezidingo ngokunaba kwazo ngokudla kwemfuyo izidingo zika-Registrar, Act 36 of 1947.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Isicelo sobhaliso lokudla kwemfuyo kumele sibe nalokhu:

Incwadi ehambisana nesicelo ebuya kulowo obhalisile, noma kulowo oqokelwe ukumela obhalisile. Incwadi kumele ibandakanye nokulandelayo:

igama le-product 

inombolo yobhaliso uma iproduct isibhalisiwe 
isizathu sokuthumela isicelo 
incwadi yokuvuma uma kudingeka imvume kulowo obhalisile 
inani lemali okumele ikhokhelwe
amasheke athunyelwa odwa angahambi nesicelo kumele ahambisane nencwadi yencazelo. Amasheke kanye ne-postal order kumele abhalwe aqondiswe ku-Director General: Agriculture.

Fakela ifomu  lesicelo kuzicelo ezintsha kanye nezichibiyelo kubhaliso olukhona, okubandakanya nokushintsha kwe-formulation.
Gcwalisa ifomu ngokugcwele, ngaphandle kokuchaza ngezicelo ezedlule, inombolo yekhasi noma amanye ama-product . Enye kungaba yikhophi).
Umuntu oqokwe ngokomthetho, okumele kube nguye ozoxhumanisa inkampani no-Registrar, kumele asayine amafomu ezicelo.
Igama kanye nenombolo yobhaliso  ye-product kumele isetshenziswe njengoba kuchaziwe kwisitifikedi sobhaliso . Noma yiluphi ushintsho, ngisho noma luluncane kangakanani, luzothathwa njengesichibiyelo.
Fakela amafomu ezicelo kwihhovisi lezokuphatha. Ukuhambisa amafomu kuma-Technical Adviser, kuzochitha isikhathi ngokubambezela inqubo.
Amalebuli esikhashana:

afakele ngamabili
bhala ngeSingisi  noma nge-Afrikaans. Asikho isidingo sokuba namalebuli aprintwe ngazo zombili izilwimi
kumele abhalwe ngokucacile; ngokulandela iformat eyiyo
musa ukufakela izinombolo kwizixwayiso kanye nezeluleko zokuphepha 
yonke imininingwane kumalebuli kumele ihambelane ncamashi naleyo efakelwe kwifomu lesicelo.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Fertilizers, Farm Feeds, Agricultural Remedies and Stock Remedies Act, 1947  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha cishe izinyanga ezintathu ukuya kwezine ukuthi ukudla kwemfuyo nokwezilwanyana ezifuyiwe  kurejistwe .

Phezulu

Izindleko

Depends on type farm feed 

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for registration of a farm feed  yokudla kwemfuyo)

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


