
Isicelo samalungelo okwandisa izinhlobo zezitshalo
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Amalungelo abandisa bezitshalo  anikezwa izinhlobo ezithize kuphela zezitshalo, ezimenyezelwe ngokulandela umthetho we-Plant Breeders' Rights Act, 1976 . Cishe kunezinhlobo ezingu-290 zezitshalo ezibandakanywe kuhla, bheka kwi-website ethi:  lapho khona okunganikezwa amalungelo abandisi bezitshalo.

U-Registrar for Plant Breeders Rights  angabonelela izinhlobo ezehlukene njengezintsha, ebese enikeza amalungelo okwandisa izitshalo kuzo uma:

Izingxenye zezitshalo ezisetshenziswa ukwandisa ezingakaze zithengiswe eNingizimu Afrika isikhathi esingaphezulu konyaka.
Zikwisimo sezinhlobo zesihlahla, noma umvini, izingxenye ezisetshenziswa ukwandisa, ezingekho kwelinye izwe, ngokuhweba noma kwimiphakathi esikhathini esingaphezulu kweminyaka eyisithupha, noma kwisimo sanoma yiyiphi inhlobo yesitshalo, kwiminyaka emine.
Izingxenye ezisetshenziswa ukwandisa izitshalo, kumele zihambelane nezidingo ze-DUS :

kumele zibe ngezihlukene kwezinye ngendlela ecacile kunenye inhlobo ecishe ifane nalena
kumele ibesabuyunifomu, okusho ukuthi zonke izitshalo ezitshalwa ngasikhathi sinye kumele zibukeke zifana kanti futhi zibe ngezezinhlobo efanayo .
kumele kube ngezizinzile , izitshalo zohlobo oluthile, ngemuva kokutshalwa kaningi-ningi , kumele zihlale zisefana nezitshalo zakudala.
kumele zibe ngezohlobo olwamukelekile .


Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Bheka eThebulini  1 yomthetho wamalungelo abandisi zitshalo we-Plant Breeders Rights Act ukuqinisekisa ukuthi ngabe uhlobo lwesitshalo sezinhlobo okudingeka ukuvikeleka ngaso, ngabe simenyezelwe yini.
Uma inhlobo yesitshalo ingekho kwethebuli, fakela isicelo sokumenyezelwa  nencwadi ebeka isizathu esibambekayo ku-Registrar  waMalungelo abandisi bezitshalo .
Uma uhlobo lwesitshalo lukwithebuli, kuzofuneka ufakele okulandelayo:

ifomu eligcwaliswe ngokuphelele
a technical questionnaire 
izimali ezibekiwe okumele zikhokhelwe isicelo nohlolo
imbewu noma izinqanyana ezisetshenziselwa ukwandisa izitshalo
isigunyaziso esibhaliwe somnikazi, uma ungeyena umtshali owandisayo, inhlobo ekhethiwe noma yathuthukiswa.

Sicela ucacise kwi-questionnaire  ukuthi lenhlobo kumele iqhathaniswe naziphi izinhlobo ezaziwayo eNingizimu Afrika, izinhlobo ezintsha kumele ziqhathaniswe ukubona ukwehluka kwazo.
Ungenza isicelo sovikelo lwesikhashana senhlobo. Lokhu kusho ukuthi inhlobo ivikelwe ngaleso sikhathi sokuhlolwa. Kumele unikeze isibopho esibhaliwe sokuzimisela ukuthi ngeke uthengise , noma yiziphi izinqanyana zokwandisa  zenhlobo yesitshalo ehlolwayo kuze kufinyelele lapho lonke uhlolo seluphethiwe kanti amalungelo okwandisa isitshalo esinikeziwe. Kunconywa ukuthi kube novikelo lwesikhashana kwizitshalo lapho kwenziwa izinhlobo zohlolo ezithatha isikhathi esingaphezulu konyaka.
Kukhona izinsuku ezibekiwe okumele kufakelwe ngazo amadokhumende kanye namametheriyali ezingxenye ezisetshenziswa ukwandisa, ukuze zifakelwe ku-Registrar . Lezi zinsuku, amanani ematheriyali okwenziwa izinqanyana zokwandisa izitshalo, nalapho okumele zidiliviwe khona, kutholakala lapho kucelwa ku-Registrar .
Uma uhla lohlobo lukhona kwinhlobo yesitshalo eyenzelwa isicelo samalungelo okwandiswa kwesitshalo, fakela izicelo kanye-kanye ukuze wonke isikhathi nemali.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Plant Breeders' Rights Act, 1976  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Inqubo yokuhlolwa kwamalungelo okwandiswa kwesitshalo ithatha cishe isizini eyodwa yokutshala .

Phezulu

Izindleko

Isicelo sokunikezwa ilungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R1 300 lulunye
Imali yohlolo yelungelo lokwandisa isitshalo ku-Category A : Ngu-R2 200 lulunye
Imali yohlolo yelungelo lokwandisa isitshalo ku-Category B : Ngu-R3 000 lulunye
Imali yohlolo yelungelo lokwandisa isitshalo ku-Category B : Ngu-R2 600 lulunye
Ikleyimi yokubonelela kuqala ngokulandela isigaba 8 somthetho we-Plant Breeders' Rights Act, kwisicelo selungelo lokwandisa isitshalo): Ngu-R700 lulunye
Isicelo sokunikezwa ilungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R4 500 lulunye
Imali yonyaka yelungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R250 lulunye
Isicelo sokukhishelwa ilayisense eyisibopho maqondana nelungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R3 600 lulunye
Isicelo sokunikezwa ilungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R650 lulunye
Isicelo sokushintsha noma ukufakela esinye esikhundleni sesinye kuhlobo olwamukelwe kuleyo nhlobo: Ngu-R1 500 lulunye
Ukuphikisa ukwamukelwa okuhlosiwe kokushintsha noma ukufakela okunye esikhundleni sokunye kuhlobo olwamukelwayo kuleyo nhlobo: Ngu-R650 lulunye
Ukuphikisa ukumiswa okuhlosiwe kwelungelo lokwandisa isitshalo: Ngu-R650 lulunye
Inothisi yokubuyisela emuva ngokuzinikela ngokwakho ilungelo lokwandisa isitshalo: Kwenziwa mahhala
Provision of results of tests and trials undertaken by the registrar, to the appropriate authourity in a convention country or an agreement country: Tariff to fluctuate with exchange rate: CHF 350 
Inspection of the register of plant breeder's rights: Simahla
Inspection of a document submitted to the registrar in connection with an application for the grant of a plant breeder's rights: R370 per occasion
A certificate of any particulars in the register or of any document in connection with an application for the grant of a plant breeder's right: R370 per certificate
A copy of any particulars in the register or of a document submitted to the registrar in connection with an application for the grant of a plant breeder's right: R8 per application puls photocopy charge R1,10 per copy
Submission of appeal against any decision or action taken by the registar in terms of the Act: R3 600 lulunye
Examanation of samples to determine varietal purity: R2 000 , R3 000  and R2 600 

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



PBR/VL 2004 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


