
Isicelo sesitifikedi sokungenisa utshwala ngaphakathi kwezwe
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Isitifikedi sokugnenisa ngaphakathi kwezwe sidigneka lapho ungenisa imikhiqizo yotshwala  eNingizimu Afrika. Isitifikedi sokungenisa noma ikhophi kuzodingeka ngaphambi kokuba kukhululwe umthwalo echwebeni lokungenisa .

Ongenisa ngaphakathi wenza isicelo sesitifikedi sokungenisa kanye kumkhiqizo. Ngemuva kwalokho, isitifikedi sokungenisa singasetshenziswa, inqaba nje uma kungashintshanga inhlanganisela , okungaphakathi, usayizi webhodlela, kanye nelebuli yalowo mkhiqizo.

Isitifikedi sokungenisa sizodingeka kwimikhiqizo enotshwala obungaphezulu kwephesenti elilodwa, obungeniswa ngenhloso yokuphuzwa, kanti buyingxenye yomthwalo womuntu siqu, ofika eNingizimu Afrika, kodwa uma ngabe lowo mkhiqizo


uma uphelele ungeqi amalitha angu-12 ngevolumu kanti futhi

ulethelwe inhloso yokuziphuzela nje kwalowo muntu, yena, nomndeni wakhe kanye nabavakashi bakhe abangabuthengi lobo tshwala.



Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo.
Isicelo esisodwa kumele sihambisane nesampuli yomthamo ongu-750ml womkhiqizo okukhulunywa ngawo.

Kwisimo sokungeniswa kwebhodlela, kumele ufakele isampuli kwibhodlela elinelebuli, ethengiswa ngalo.
Fakela isampuli yotshwala obungeniswa bubuningi ngebhodlela elivamile le-750ml.
Diliva isampuli ehhovsi labe-Division Liquor Products eStellenbosch.

Fakela isitifikedi sohlaziyo esikhishwe ngabelabhorethri esemthethweni yakulelo lizwe utshwala obubuya kulo. Uma lokhu kungekho, abe-Division Liquor Products, bazokwenza uhlaziyo lwamakhemikhali kwisampuli.
Maqondana notshwala obungeniswa ngamabhodlela, ilebuli yebhodlela izohlolwa ukuqinisekisa ukuthi buhambisana nezidingo zomthetho wezotshwala, umthetho we -Liquor Products Act, 1989.
Kobungeniswa bubuningi, kuzohlolwa okungenayo. Ilabuli ihlolwa lapho wenza isicelo semvume yokuthengisa isitifikedi.
Abe-division kumele bakhokhelwe , ngaphambi kokuba bakhiphe isitifikedi sokungenisa ngaphakathi ezweni.
Isitifikesi sokungenisa, sizokhishwa uma okungaphakathi kanye nelebuli, maqondana nobungeniswa ngamabhodlela, kanye nokungaphakathi, lapho bungeniswa bubuningi, iproduct, ihambisana nezidingo zomthetho we-Liquor Products, Act, 1989. Umthwalo wemikhiqizo ungangeniswa.
Abe-Division Quality Audit kumele baniekzwe isikhathi samahhora angu-48 njalo lapho kulethwa umthwalo onikezelwe isitifikedi, ungena eNingizimu Afrika.
Lapho utshwala bufika eNingizimu Afrika, abangenisayo kumele bathole i-pass elivela kwabe-Division Quality Audit, ukususa utshwala echwebeni obungene kulo, noma kwidepho yemiphongolo, ukubusa lapho yena afuna buye khona.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Liquor Products Act, 1989  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe esinqunyiwe sale sevisi.

Phezulu

Izindleko

Isitifikedi sokungenisa : R125
Isitifikedi sokungenisa : R220
Uhlaziyo lwesampuli yokungeniswayo: R310
Imali yokungenisa okuyimali yohlaziyo lotshwala obuvamile 
Uma ongenisayo enikeza abe-Division Liquor Products ngesitifikedi esamukelekile sohlaziyo, esikhishwa ngabelabhorethri esemthethweni ezweni lapho utshwala bubuya khona, ngeke akhokhiswa imali engu-R290

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for an import certificate 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


