﻿

Isicelo semvume yokusebenza ngaphansi kwesivumelwano

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokusebenza ngaphansi kwesivumelwano yidokhumende enikezwa abantu ababuya ngaphandle ukungena eNingizimu afrika ukuzobamba iqhaza kwizinhlelo okuvunyelwane ngazo phakathi kweNingizimu Afrika kanye namazwe athintekayo kulezo zivumelwano.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI – 1738 kwinxusa  yeNingizimu Afrika noma imission eseduzane.
Fakela okulandelayo:

Incwadi ebuya kwinhlangano yombuso othintekayo kwisivumelwano, eqinisekisa uhlelo. Incwadi izoqinisekisa isivumelwano sohlelo okusetshenziswa ngaso, ukubamba iqhaza komenzi wesicelo  okukhulunywa ngaye kuhlelo kanye nemisebenzi okulindeleke ukuthi yenziwe ngumenzi wesicelo ngaphansi kwesivumelwano.
Isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa  somenzi wesicelo sawo onke amazwe umenzi wesicelo kanye nowakwakhe abahlale kuwo, ukusukela kwiminyaka engu-18, kanye nezingane ezincike kuye ezineminyake engu-18 ukuya kwephezulu, ezizobe zihamba nomenzi wesicelo eNingizimu Afrika.
o Imibiko yempilo kanye neyezama-x-ray . Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 kanye nabesimame abakhulelwe kumele babenombiko weze-x-ray.
o Incwadi yokuzibophezela komqashi, lapho avuma khona umsebenzi osemahlombe akhe maqondana nezindleko zokubuyisela umenzi wesicelo emuva, kanye nalabo abancike kuye uma kunesidingo. Uma umqashi engumnyango kahulumeni, kanti engakwazi ukwenza incwadi yesibophezelo okukhulunywa ngaso, izwe eluthumela lowo muntu ngokwalo, lingenza leyo ncwadi yesibophezelo.
o Amadokhumende amaqondana nesimo kwezomendo, iafidavithi  yowakwakhe noma abancane ngeminyaka abancike kumenzi wesicelo bazohambisana nowakwakhe kanye nezingane ezincike kuye.
o Isitifikedi sogonyo lwesifo se-yellow fever uma uzohamba noma unenhloso yokuhamba udlule endaweni evamise ukuba nesifo se-yellow fever.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe 

Phezulu

Izindleko

R 425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for temporary residence permit BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


