﻿
Isicelo semvume yokufunda
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokufunda yidokhumende  enikeza abantu bangaphandle ilungelo lokufunda nezikhungo zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika. Yenza isicelo ngokwakho kumahhovisi amanxusa  eNingizimu Afrika noma kwi-Mission.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa isicelo kwifomu le-BI-159.
Khipha:

incwadi esemthethweni noma ubufakazi obukhombisa ukuthi ubhalisile  nesikhungo semfundo eNingizimu Afrika
imininingwane maqondana namalungiselelo endawo yokuhlala
ubufakazi bokuthi kunezimali ezanele zokukhokhela imfundo, imali yokuzinakekela kanye nezinye izindleko
isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa  maqondana namazwe ohlale kuwo isikhathi esingaphezu konyaka owodwa. Isitifikedi kumele silethwe kungakapheli izinyanga eziyishumi nambili  zokwenziwa kwesicelo, uma singekho ngaleso sikhathi wenza ngaso isicelo
ubufakazi bethikithi lokubuyela emuva noma isiqiniseko sokuthi uzobuyela emuva, lokhu kungenziwa ngemali yediphozithi elingana izindleko zethikithi lendiza yokuya kulelo lizwe obuya kulo noma ohlala kulo, uma kudingeka lokho
incwadi kadokotela ewubufakazi bokuthi umuntu owenza isicelo uphile kahle.


Abenzi bezicelo ngeke bakwazi ukungena eNingizimu Afrika ngaphambi kokuba izicelo zabo zemukelwe.

Abenzi bezicelo, izicelo zabo ezamukelwe, bazonikezwa ivisa ebavumela ukuthi bangene baphume ezweni ye-multiple re-entry visa.

Abancane ngeminyaka kumele banikeze imininingwane yomuntu waseNingizimu Afrika ozoba ngumgadi . Imininingwane kumele inikezwe ihambisana nencwadi yesiqiniseko, ubufakazi bemvume yokuhlala ebuya kubo bobabili abazali, noma ebuya kumzali oyedwa ongumnakekeli kanye nobufakazi bokuthi unguye yedwa ongumnakekeli.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Amaviki amathathu.

Phezulu

Izindleko

R425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



BI-159 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


